Now Reading
Isinamoni yisinongo esinezinzuzo eziningi emizimbeni yethu
Dark Light

Isinamoni yisinongo esinezinzuzo eziningi emizimbeni yethu

Isinamoni isinongo esiphuma esihlahleni esibizwa ngeCinnamonum. Sekunesikhathi eside saqala ukusetshenziswa njengesinongo emlandweni. Ngezikhathi zasemandulo, kwakuyisinongo esingatholakali kalula, yingakho sasivame ukuba yisipho lapho kuphiwa aMakhosi izipho. Nokho, muva nje, sesitholakala kalula cishe kuwona wonke amasuphamakethe kanti asimbi eqolo.

Lesi sinongo sinconywa kakhulu njengesinongo esenza ukudla kuhlale isikhathi eside kungonakali (nokuwumsebenzi ovame ukwenziwa usawoti). Kanti futhi siqukethe ama-anti-oxidant nadingwa umzimba. Ucwaningo olwedlule luveza ukuthi isinamoni inomthelela omkhulu ekuvimbeleni nasekwehliseni izinga lokuhlaselwa yisifo senhliziyo kubantu (nakuba lokhu kungaqinisekisi ukuthi umuntu angeke samngena lesi sifo). ICinnamaldehyde etholakala kuyona isinamoni kubikwa ukuthi yelekelela kakhulu ekulweni nezifo emzimbeni womuntu. Ngokocwaningo, isinamoni iyalekelela futhi ekwehliseni izinga lokunuka kabi komlomo nokubola kwamazinyo. 

Ngaphandle kokusebenzisa lesi sithako ekubhakeni, singasetshenziswa nasekuphekeni. Kanti futhi siyadleka nabukhoma ngokufafazwa ekudleni okufana nephalishi nakumadizethi ahlukahlukene. 

Kwesanamuhla isiqephu sizocobelelana ngesinkwa esinongwe ngayo isinamoni nesehla esiphundu. Lesi sinkwa ungasidla bukhoma noma usiphelezele ngetiye. Enye indlela emnandi yilapho siphelezelwa ukhastadi ofudumele eceleni okanye u-Ice Cream.


Isinkwa sesincinti sesinamoni (Cinnamon Swirl)

Izithako zesincinti sesinamoni

  • Ingxenye (1/2) yenkomishi yoshukela omhlophe.
  • Isipuni sokudla esisodwa (1) sesinamoni egayiwe.

Izithako (isinkwa)

  • Izinkomishi ezimbili (2) zikaflawa.
  • Ithispuni elilodwa (1) leBaking Soda.
  • Ingxenye (1/2) yethispuni kasawoti.
  • Iqanda elilodwa (1) elikhulu, elingaphumi efrijini.
  • Ama-150g kashukela omhlophe.
  • Ama-80ml kawoyela wokupheka (ngincoma iCanola).
  • Ama-80g kakhilimu omuncu noma iyogathi enganongiwe, nengaphumi efrijini.
  • Ama-160ml obisi olungaphumi efrijini.
  • Ithispuni elilodwa nengxenye (1½) leVanilla Essence

Indlelakwenza 

  • Shisisa uhhavini ngokuwubeka ku-177°C. 
  • Lungisa ipani lokubhaka isinkwa ngokulifafaza ngeNon-stick Spray bese ulibeka eceleni.

Isincinti sesinamoni  

See Also

  • Endishini encane, thela ushukela kanye nesipuni sesinamoni egayiwe bese uhlanganisa ngokhezo. Beka eceleni.

Isinkwa

  • Endishini enkulu, sefa uflawa bese ufaka iBaking Soda kanye nosawoti bese uhlanganisa ngewhisk.
  • Kwenye indishi, faka iqanda noshukela. Hlanganisa ngewhisk kuze kuhlangane ngokuphelele. 
  • Lapho sekuhlangene kahle, thela uwoyela, ukhilimu omuncu noma iyogathi, ubisi, kanye neVanilla Essence. Hlanganisa ngokuphelele. 
  • Qulela izithako ezimanzi kulezo ezomile bese uhlanganisa ngokhezo. Qiniseka ukuthi ingxube kaflawa ihlangana ngokuphelele nezinye izithako. 
  • Qaphela ungahlanganisi ngokweqile.
  • Thela ingxenye yenhlama epanini lokubhaka.
  • Vuvuzela ingxube kashukela nesinamoni phezu kwenhlama, ushiye engalingana cishe izipuni ezimbili.
  • Thela, ngokucophelela, le ngxenye yenhlama esele phezulu. Uzoqaphela ukuthi inhlama izonamathela engxubeni kashukela. Kuzosiza ukusebenzisa izipuni ezimbili ukuzama ukusabalalisa le nhlama yesibili phezulu. 
  • Vuvuzela ingxube kashukela nesinamoni esele phezulu.
  • Faka inhlama kuhhavini oshisayo ubhake imizuzu ephakathi kwengamashumi amahlanu (50) nehora elilodwa.
  • Emva kwemizuzu engamashumi amabili nanhlanu (25) lingenile kuhhavini ikhekhe, beka ifoyili phezulu ukugwema ukuthi lishe phezulu lingakavuthwa kahle phakathi.
  • Emva kwesikhathi esibekiwe, hlola ukuvuthwa kwekhekhe ngokushutheka uthi lokuvungula phakathi nendawo nekhekhe. Uma luphuma lumanzi kuyobe kusho ukuthi alikavuthwa. Lapho selivuthiwe, uthi luzophuma lomile. 
  • Khipha ikhekhe kuhhavini ulibeke ngaphandle ukuze liphole.
  • Lapho selipholile ungalisika izingcezu, ulithokozele.

Amasu

  • Leli khekhe lingahlala kufriza kuze kufinyelele ezinyangeni ezintathu, ngaphandle kokonakala. Qikelela ukuthi ulifaka kuplasitiki bese ulifaka esitsheni esivaleka ngci ngaphambi kokulifaka kufriza.
  • Lapho usulungiselela ukulidla kade lisefrizeni, likhiphe ulibeke efrijini ubusuku bonke. Lizobe selincibilikile lilungele ukudliwa ngakusasa.

Ngingajabula ukuzwa ukuthi kuhamba kanjani eziko lakho. Lokhu ungakwenza ngokungithumelela i-imeyli ku szungu@nkzgroup.co.za 

Scroll To Top