Uzibekele ukuqopha umlando e-Egypt uMosimane
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Abamazi oFaro ukuthi uthembe izinyanya zakubo ukuba zibe naye uPitso uma esekhomoza i-Al Ahly zimlekelele aqukule indebe ye-Afrika
UPitso “Jingles” Mosimane usalelwe umdlalo owodwa ukuthi azifake ohlwini lwabaqeqeshi asebenqobe umqhudelwano weCAF Champions League amahlandla amabili.
I-Al Ahly okuyiqembu lase-Egypt eqeqeshwa uMosimane, izotholana phezulu neZamalek nayo yakhona e-Egypt.
Lezi zikhondlakhondla zaseGibhithe zizotholana namuhla libumbene ihora lesi-9 kusihlwa emdlalweni ozobanjelwa enkundleni enkulu khona eGibhithe, iCairo International Stadium.
Enqoba umqhudelwano wokuqala uMosimane, wayecija iMamelodi Sundowns ngonyaka wezi-2016. Unqoba lowo mdlalo wamanqamu nje wayebhekene nayo iZamalek.
Abaqeqeshi asebenqobe lo mqhudelwano kabili noma ngaphezulu uManual Jose wasePortugal owawunqoba kane ne-Al Ahly ngonyaka wezi-2001, ngowezi-2005, ngowezi-2006 nangonyaka wezi-2008. UMahmoud Al Gohary wase-Egypt wawunqoba kabili ne-Al Ahly ngonyaka we-1982 kwathi ngowe-1993 wawunqoba neZamalek.
Abanye u-Oscar Fullone wase-Argentina owawunqoba neqembu lase-Ivory Coast i-ASEC Abisjan ngowe-1998 neRaja Casablanca yaseMorroco ngowe-1999. UStefan Zywotko wasePoland wawunqoba neqembu lase-Algeria IJS Kayblie ngonyaka we-1981 nangowe-1990, uCeletese Tabwe owayecija ITP Mazembe yaseCongo wawunqoba ngowe-1966 nangowe-1967 kube uBoubacar Fofana owayeqeqesha iHafia Conakry yaseGuniea owawunqoba ngowe-1975 kabili.
UMosimane ubhekene nokuqopha lo mlando nje nalapha eNingizimu Afrika uhambe ezibekele owokuba ngumqeqeshi osenqobe zonke izicoco ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL).
Umlando uveza ukuthi i-Al Ahly eteketiswa ngeRed Devils neZamalek yona eteketiswa ngokuthi iWhite Knights, namuhla bazotholana okwama-216. IRed Devils iyona esinqobe imidlalo eminingi kwesidlalwe lezi zinkunzi zibhekene engama-91, iWhite Knights yanqoba engama-50 badlala ngokulingana kwengama-74.
Ngenxa yokulandelwa kwemiyalelo yokhuvethe kulo mdlalo kungenzeka kuvunyelwe abalandeli abangeqile ezinkulungwane ezili-10 okuyisivumelwano esibe phakathi kwe-Egyptian Football Association (EFA) neCAF.
UMosimane neqembu lakhe bazobe besekwa iNingizimu Afrika yonke abafuna ukuthi lo mqeqeshi aphakamise ifulegi lakuleli.
Lokho kufakazelwe ukuthi isikhulu senhlangano ephethe unobhutshuzwayo kuleli iSouth Africa Football Association (SAFA), uMnu uTebogo Motlanthe, ufisele uMosimane ne-Al Ahly okuhle kodwa kulo mdlalo.
“Ezimweni ezijwayelekile, umuntu kufanele angathathi hlangothi ajabulele ibhola ahalalisele nalelo qembu elinqobile kodwa iqiniso kulo mdlalo ngifisa sengathi uMosimane ne-Al Ahly banganqoba. UMosimane ungomunye wethu lapha eNingizimu Afrika, ingakho ngicheme naye. Ngiyojabula kakhulu uma ngibona uMosimane equkula indebe,” kusho uMotlanthe.
Eqhuba uthe: “UMosimane ngimfisela okuhle kodwa. Uma enqoba lo mqhudelwano uzobe engawunqobeli yena kuphela noma umndeni wakhe kodwa iNingizimu Afrika yonke.”
Umyalezo awudlulise kuMosimane uthe: “SiyiNingizimu Afrika siyaziqhenya kakhulu ngawe. Sonke siyakuthanda futhi siyayibabaza imisebenzi yakho emihle. Ungumpetha.”
Ngaphambili uMosimane wafiselwa okuhle nguKeagan Dolly owayedlalela iSundowns eyanqoba lo mqhudelwano manje osedlalela iqembu laseFrance iMontpellier HSC.
“Kuyinto enhle njalo ukubona umuntu waseNingizimu Afrika enza kahle, ikakhulukazi umuntu owake wasebenza naye ngaphambilini enza izinto ezinkulu. Ubelokhu elangazelela kakhulu ububona kusuka ekusebenzeni kweqembu ngesikhathi engiqeqesha, besihlala sifuna ukunqoba ngenxa yohlobo lomuntu ayilo, ngakho ngifuna ukumfisela okuhle kodwa ekugcineni futhi kumele aqhubeke nokumela iNingizimu Afrika kahle,” kusho uDolly.
I-Al Ahly izoya kulo mdlalo ngaphandle kwabadlali bayo abamqoka okunguSaleh Gomaa, uMahmoud Kahraba noWalid Soliman ngenxa yokuthi batholwe benokhuvethe. NeZamalek nayo izodlala ngaphandle kukaMohamed Hassan no El-Wensh.