Now Reading
Usezoshayela kwa-Aston Martin uVettel ngonyaka ozayo
Dark Light

Usezoshayela kwa-Aston Martin uVettel ngonyaka ozayo

Isihlabani somshayeli wezimoto ngaphansi komqhudelwano iFormula One (F1), uSebastian Vettel (osesithombeni) sithi uma singanikwa ithuba lokushayela ngaphashi kweMercedes angeke alinqaba.

Lo mshayeli odabuka eGermany usho lokhu emva kokuveza ukuthi angeke asashayela ngaphansi kwaFerrari ngesizini ezayo. 

UVettel usezoshayela ngaphansi kwe-Aston Martin, nalapho engene esikhaleni sikaSergio Perez waseMexico okungakaveli ukuthi yena uzoshayela ngaphansi kwayiphi imoto.

“Uma kungathiwa nginikwa ithuba lokushayela kwaMercedes ngeke ngalinqaba. Okwamanje akekho umshayeli onganqaba ukujoyina uMercedes. Uma kungathiwa kuyenzeka kungawukuncintisana okuhle phakathi kwami noLewis Hamilton, naye uyazi ukuthi siyahloniphana kakhulu futhi singabashayeli abaseqophelweni eliphezulu,” kusho uVettel.

UVettel oneminyaka yobudala engama-33 ngaphambi kokuthi ajoyine iFerrari ngonyaka wezi-2015, washayela iBMW Sauber, iToro Rosso kanye neRed Bull.

Ungomunye wabashayeli abakhona emlandweni walo mdlalo njengoba eseke waba ngumpetha womhlaba kane. Waba ngumpetha ngonyaka wezi-2010, ngowezi-2011, ngowezi-2012 nangowezi-2013.

Yize ehlezi enza kahle uVettel kodwa kulo nyaka izinto azimhambeli kahle njengoba ngokwezikeliso zabashayeli uhlezi endaweni ye-13 kanti unamaphuzu angama-33.

NgeSonto lo mshayeli kulindeleke ukuthi abuyise isithunzi sakhe ngokunqoba umqhudelwano weBahrain Grand Prix, ozobanjelwa eSakhir, eBahrain uzoqala ngele-16:10.

Umlando kusukela ngonyaka wezi-2012 iBahrain Grand Prix ukhombisa ukuthi uVettel uyena oseyinqobe kaningi. Wanqoba ngonyaka wezi-2012, ngowezi-2013, ngowezi-2017 nangowezi-2018. Ulandelwa imbangi yakhe uHamilton esinqobe kathathu ngonyaka wezi-2014, ngowezi-2015 nanyakenye.

“Kusele imiqhudelwano ngaphambi kokuthi kusongwe isizini yakulo nyaka. Ngiyazi angibanga nonyaka omuhle kodwa kungayinto enhle uma ngingawuqea kahle,” kusho uVettel.

Lo mshayeli uthe uyambongela uHamilton ngokuba umpetha wakulo nyaka. Kodwa akamubeki njengomshayeli ongohamba phambili okubadlula bonke aseke babakhona.

See Also

“Anginankinga noHamilton siyazwana kakhulu, kodwa uMicheal Schumacher uyena umshayeli ongunombolo-1 futhi uyohlezi enguyena,” kusho uVettel.

UHamilton uthe yize esewunqobile umqhudelwano walo nyaka kodwa usazimisele nokunqoba le mijaho emithathu esele.

“Ayisekho ingcindezi enginayo njengoba vele sengiwunqobile umqhudelwano wakulo nyaka. Yize kunjalo kodwa ngisazimisele ukubeka amarekhodi, okusho ukuthi kusamele ngiqhubeke nokunqoba,” kusho uHamilton.

Irekhodi abhekene nalo ukuthi alilinganise elokunqoba imijaho eli-13 ngonyaka owodwa. Kuyimanje usenqobe eli-10, kusho ukuthi usenalo ithuba njengoba kusele emithathu. Uma kungenzeka lokho kobe kusho ukuthi ufice irekhodi likaVettel noSchumacher.

Imijaho ezosala emva kweBahrain Grand Prix kuzoba iSakhir Grand Prix ngempelasonto ezayo, ne-Abu Dhabi Grand Prix yona ezokuba mhla zili-13 kuZibandlela. Yomibili le mijaho ezosala inqotshwe uHamilton nyakenye.

Scroll To Top