Now Reading
Kwabesilisa nwayi nwayi kwabesifazane gonqo, kwezemidlalo
Dark Light

Kwabesilisa nwayi nwayi kwabesifazane gonqo, kwezemidlalo

Impumelelo yabesifazane kwezemidlalo ilele ekwesekweni okuyinto abadlali besifazane baseNingizimu Afrika abayizwa ngendaba 


Lubukeka luselude ukhalo ekutheni abesifazane bahlonishwe ngokuphelele lapha eNingizimu Afrika. Lokhu kwenzeka noma phezu kokuba uHulumeni eseshaye imithetho yokuthi abesifazane indlela abesekwa ngayo kumele ifane nekwesekwa ngayo abesilisa kuzona zonke izinhlaka zezemidlalo kuleli.

Abesifazane kuleli sebekhombise kaningana ukuthi banekhono kwezemidlalo, namanje akungicaceli ukuthi kungani benganikwa isithunzi esibafanele. Kunalokho kunikezwa abasesilisa ngisho bengenzi kahle.

Okwenza ngibhale ngalokhu kule ngosi ukuthi ngibona abesifazane bebekwe emuva kakhulu yize bezinikela kuyona yonke iminxa yezemidlalo.

Ngeledlule bekuqhathwa amaqembu  azoba yingxenye yomqhudelwano weNdebe YoMhlaba yebhola lo mbhoxo labesifazane ngonyaka ozayo. Lo mqhudelwano ozobanjelwa eNew Zealand, iqembu lakuleli lizoba yingxenye yawo.

Okungiphathe kabuhlungu ukuthi yize likhona iqembu lalapha eNingizimu Afrika, alikhonjiswanga ukwesekwa. Ezindabeni akubikwanga lutho ngalo, uma uqhathanisa ngesikhathi kuqhathwa amaqembu ayezodlala iNdebe YoMhlaba yamazwe yabesilisa eyayibanjelwe eJapan nyakenye, amaBhokobhoko athola okukhulu ukwesekwa.

Sekuwumlando ukuthi amaBhokobhoko yiwo agcina enqobe lo mqhudelwano. Uma kubhekwa umdlalo nomdlalo ayesekwa, kwaze kwafika emdlalweni wamanqamu nalapho abhekana khona ne-England. Ngesonto eledlule ezinkundleni zokuxhumana udaba olube sematheni ngisho nasemaphephandabeni ngelokuthi bekuphela unyaka elakuleli lanqoba le ndebe.

Ekuqaleni konyaka iqembu lekhilikithi labesifazane lidlale umqhudelwano weNdebe YoMhlaba ebibanjelwe e-Australia. Iqembu lakuleli eliqeqeshwa uHilton Moreeng laphuma kumaSemi-Final likhishwa i-Australia okwagcina kuyiyo ompetha. Ukuphuma kowandulela owamanqamu kuNdebe YoMhlaba kuyisigaba esikhulu kakhulu, yize kunjalo kodwa kwenzeka esifanayo alisekwanga ngendlela efanele.

Emasontweni amabili edlule iBanyana Banyana iqophe umlando inqoba umqhudelwano odlalwa amazwe alapha e-Afrika obizwa ngeCouncil of Southern Africa Football Association (COSAFA), umlando ewuqophile ukunqoba lo mqhudelwano okwesine kulandelana. Yize kuwumqhudelwano omncane kodwa noma kunjalo liyadinga ukusekwa iqembu lokho kukhuthazala abadlali abancane ukuthi baqhubeke benze kahle.

See Also

Uma kudlala iBafana Bafana ngisho kuthiwa idlala umdlalo wobungani kuma yonke into. Okubuye kube buhlungu kakhulu ukuthi abesifazane yize sebezinikelile, banqoba imiqhudelwano bakwazi ukungenela imiqhudelwano emikhulu bephinde bathole imali cishe engamaphesenti ali-10 kwetholwa ilaba abadlalela iBafana Bafana.

Nakumankomane ngesifanayo njengoba kucwebe iziziba, kungekho ngisho nemiqhudelwano emikhulu eyenziwayo lapha eNingizimu Afrika. Kodwa-ke okwesibhakela kubuhlungu ngoba ngisho nabesilisa imbala abesekwa, okuwubufakazi balokho ukuthi emasontweni edlule izinhlaka zezamankomane okukhona kuzo amabhokisa, abaqeqeshi, onompempe, ophromotha, yiziminenja nabanye bahlela imashi eyayibhekiswe  emahhovisi akwaSouth African Broadcasting Corporation (SABC) bekhala ngokuthi kusukela ngonyaka wezi-2010 izimpi azisasakazwa ngendlela.

Yize kumele kube nezingxoxo okumele zenziwe ngaphambi kokusakazwa kwezimpi okubalwa khona nemali kodwa ukukhuphula izinga lalo mdlalo kufuneka kube khona okwenziwa uMnyango Wezemidlalo kuleli.

Kuze kube imanje akukacaci ukuthi izoqala nini iligi yabesifazane iSasol Women’s League yangonyaka ozayo. Ngisho idlala kwakungekho ukulandelwa kwayo, yaze yanakeka ngoba iMamelodi Sundowns Ladies isinqoba isicoco. Njengoba iliqembu lokuqala elizodlala umqhudelwano weCAF Champions League yabesifazane kuzomele yesekwe kakhulu.

Scroll To Top