Now Reading
Bazoya kowomkhaya begcwele ukuzethemba abeRichards Bay FC
Dark Light

Bazoya kowomkhaya begcwele ukuzethemba abeRichards Bay FC

“UKUBHAXABULA iStellenbosch kusiqinise idolo ngokuthi uma singaqhubeka nokwenza kahle kungathi kusongwa isizini sibe sibalwa namaqembu aphambili”.

Lawa ngamazwi enjini yeqembu eligijima kuNational First Division (NFD) iRichards Bay FC uKhulekani “Chillies” Madondo.

Ngeledlule iRichards Bay yenze into ebisihlule amaqembu amaningi ithela induku iStellenbosch enkundleni yayo ngamagoli amabili eqandeni. IStellenbosch iyona ezihola phambili kulogi, isahlulwe imidlalo emithathu emidlalweni eli-17. Kule midlalo ibhaxabulwe kabili iRichards Bay.

Kule mpelasonto IRichards Bay ecijwa uBrandton Truter, izotholana phezulu nomkhaya iRoyal Eagles ngeSonto ntambama eChatsworth Stadium.

Ekhuluma neBAYEDE ngamalungiselelo alo mdlalo uMadondo uthe: “Ngokungangabazi simi ngomumo ukuthi sibhekane ne-Eagles eyenza kahle muva nje. Iqembu lidlala kahle kakhulu, emidlalweni esihlulwa kuyona ayi ngoba singadlalanga kahle inkinga enkulu ukuthi amathuba asiwasebenzisi. Ukunqoba kwethu ngeledlule kusho ukuthi nakulo mdlalo singanqoba nakanjani,” kubeka uMadondo oseke walihlikihla kuMaritzburg United, AmaZulu FC, iPlatinum Stars, ne- Ajax Cape Town.

Lo mdlalo akubuzwa ukuthi uzoba ngoshubile kwazise la maqembu afuna amaphuzu agcwele ngoba enezinhloso zokuthi kusongwe isizini esendaweni ethembisayo. I-Eagles ecijwa uSazi Ngubane isendaweni yesine kulogi isidlale imidlalo eli-17, isanqobe eyisi-8 yadlala ngokulingana kwemine yahlulwa kwemihlanu inamaphuzu angama-28.

IBay yona ilele endaweni yesi-6 nayo isidlale imidlalo eli-17 isanqobe eyi-6 yadlala ngokulingana kweyi-6 yahlulwa kwemihlanu inamaphuzu angama-24.

Umdlalo womlenze wokuqala la maqembu etholene phezulu waphela ebambene ngegoli elilodwa nhlangothi zombili, lowo mdlalo wawubanjelwe eMhlathuze Sport Complex, eRichards Bay.

I-Eagles ngempelasonto edlule ibibhekene neTS Sporting, yadlala ngokulingana ngeqanda nhlangothi zombili.

UMadondo uthe ayimthusi nakancane indlela i-Eagles edlala ngayo, wabe esedalula nomdlali amathemba abo alele kuyena.

“Basendaweni enhle kuneyethu futhi badlala kahle kakhulu, kodwa konke lokho kuzophela ngeSonto. Angeke ngiqambe amanga angiyisabi nakancane i-Eagles, inqaba nje ukuthi ngiyayihlonipha njengeqembu. Yize sidlala kahle sonke kodwa uMichael Gumede odlala phambili, uyena enginesiqiseko ukuthi uzosisiza ukuthi sinqobe nakanjani okwenza ngisho ingoba uyena osekwaze ukuthi ashayele iqembu amagoli amaningi,” kubeka uMadondo.

I-Eagles izothembela ku-Andile “Carrot” Fikizolo, uMazwi “Jomo” Mncube, uMphakamiseni Nene noPhilani Cele ongukaputeni.

Isiyonke Imidlalo yeNFD kule mpelasonto iqhathwe kanje:

See Also

Namuhla

  • Ubuntu Cape Town no- Uthongathi FC (e-Athlone Stadium, ngelesi-3:30 ntambama)

Kusasa

  • IMbombela United nePretoria University (Kanyamazane Stadium, ngelesi-3:30 ntambama)
  • IWitbank Spurs neReal Kings (ePuma Stadium, ngelesi-3:30 ntambama)
  • ITS Sporting neJomo Cosmos (Kabodweni Stadium ngelesi-3:30 ntambama)

NgeSonto

  • I-TS Galaxy neTshakuma Tsha Madzivhandila (eKameelrivier Stadium, ngelesi-3:30 ntambama)
  • IStellenbosch ne-Ajax Cape Town (e-Idas Valley Sport Ground, ngelesi-3:30 ntambama)
  • IRoyal Eaagles neRichards Bay FC (eChatsworth Stadium, ngelesi-3:30 ntambama)

NgoMsombuluko

  • ICape Umoya United neMaccabi FC (e-Athlone Stadium, ngelesi-3:30 ntambama).

Scroll To Top