OwaseMphithi osemncane uqokelwe kowomhlaba



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
kuyona yonke impumelelo yakhe utusa unina omfundise ukungaziphakamisi nokulangazelela ukwenza kahle njalo
Ukuzimisela ubone kuyikho okumenze waba lapho esekhona manje. Lowo nguZola Sokhela ongumsubathi osemncane ogila izimanga.
USokhela odabuka eMgungundlovu, ungomunye wabasubathi abangama-28 abamenyezelwe yinhlangano ephethe ezokusubatha kuleli i-Athletics South Africa (ASA), esikwatini sesikhashana ukulungiselela umqhudelwano wabaneminyaka engaphansi kwengama-20, i-U/20 World Championship, ezokuba ngoNcwaba kusukela mhla zili-17 kuya mhla zingama-21 ngonyaka ozayo eNairobi, eKenya.
Ngokusho kwe-ASA eholwa ngu-Aleck Sikhosana, iqembu lokugcina izolimemezela ngemumva kwe-ASA Twizza U/18 & U/20 Track & Field Championship ezokuba ngoMbasa kusukela mhla zili-11 kuya mhla zingama-21, ePaarl, eWestern Cape.
USokhela oneminyaka yobudala eli-18, uthi kumjabulisile ukuqokelwa kuleli qembu. Nguyena yedwa odabuka esifundazweni iKwaZulu-Natal kuleli qembu.
“Kungijabulise kakhulu ukubona igama lami libalwa kulesi sikwati. Ukuzimesela kwami ngibona kuyikho okulethe le mivuzo emihle kanje. Ngeke ngaqamba amanga bekuyinto engingayibhekile ukuthi ngingazibona ngilapha,” kusho uSokhela.
Wenza umatikuletsheni esikoleni sabadla izambane likapondo iMichaelhouse kanti emabangeni aphansi wafunda eMerchiston Preparatory School.
Imiqhudelwano emikhulu aseke ayegijima iSouth African Championships Track & Field ngaphansi kwabaneminyaka eli-11, abaneminye engaphansi kweli-12, engaphansi kweminyaka eli-15 kube abaneminyaka engaphansi kweli-17 kabili.
Uke wanqoba izindondo zegolide ebangeni lama-400m, kwelama-800m nelama-1500m emiqhudelwaneni emikhulu esifundazweni iKwaZulu-Natal.
Akagcinanga ngokuba umpetha KwaZulu-Natal kuphela kodwa nasemiqhudelwaneni yasezweni lonke uke waba ngohamba phambili. Emiqhudelwaneni emibili uthole izindondo zegolide, wathola izindondo zesiliva kathathu wabe esethola izindondo zethusi kabili.
Uke waba seqenjini leNinginzimu Afrika elaliyogijima kumqhudelwano owaziwa ngokuthi iJunior World Champs.
Eqhuba uthe: “Ngilapho engikhona nje kungenxa kamama ongizalayo. Yize kukhona abaqeqeshi nabanye kodwa umama uyena obamba iqhaza elikhulu empumelelweni yami. Umama ungumuntu ongathandi ukuziphakamisa, nami yilokho engikwenzayo angiziphakamisi ngihlezi ngingumuntu ofuna ukusizwa nokwenza kahle.”
Uthe okunguye abukela kuyena nguSir Mohamed Muktar Jama Farah, obizwa ngo “Mo Farah” ongowokuzalwa eMogadishu, eSomalia, ozakhele igama emabangeni amade.
Lo msubathi ogijima ngaphansi kweMichaelhouse Club, uthe kumkhulise kakhulu ukuqeqeshwa umqeqeshi onamava uXolani Mabhida.
“Kusukela ngineminyaka eli-12 umqeqeshi uMabhida ube ngumqeqeshi wami kuze kube imanje ngiqeqeshwa uyena. Amava akhe kwezokusubatha angikhulise kakhulu, ngingasho ngaphandle kokungabaza ngithi udlale indima enkulu ekutheni ngibe ngomunye wabasubathi abenza kahle,” kusho uMabhida nosonge ngokuthi ufisa ukuphumelela ngamalengiso umatikuletsheni bese emela iNingizimu Africa emiqhudelwaneni emikhulu okubalwa nama-Olympics.
ElaboHlanga alimushiyanga ngaphandle umfo kaMabhida ukuzwa ukuthi uphawula uthini ngokuqokwa kukaSokhela.
“Ezinhlelweni zethu bekuwukuthi uSokhela abe sesikwatini seNingizimu Afrika, njengoba kwenzekile ngijabule kakhulu. Ngenxa yokuzihlonipha kwakhe, nangokuzimisela kwakhe ngimbona ngelinye ilanga eba ngomunye wabamela abakuleli abaya ku-Olympics,” kusho uMabhida.
UMabhida amagalelo akhe ayaziwa kakhulu njengoba eqophe umlando eqeqesha uBongumusa Mthembu enqoba ephindelela iComrades Marathon ngowezi-2017 kunyukwa nangowezi-2018 kwehliwa.
USkhosana uthe yize sesimenyezeliwe isikwati kodwa umnyango usavulelekile kwabangakwazanga ukubizwa. Ube eseyala laba abaqokiwe ukuba kumele basebenze kanzima ukugcina izindawo zabo. Ukhale ngokuthi ukhuvethe lube nomthelela omubi nokwenze kwabhuntsha imiqhudelwano eminingi ebizoba kulo nyaka.
Selilonke iqembu elimenyezelwe i-ASA lithakwe kanje:
- U-Elviano Johnson, uSinesipho Dambile, u-Eckhard Potgieter, u-Antonie Nortje, u-Andre Erasmus, u-Edmond Du Plessis, uJuwan Blignaut, u-Abednico Choba, uReynard Swanepoel, uZola Sokhela, uRethabile Mokotho, uHeindrich Flooks, uWillem Nel, uDylaon Davis, uLuciano Custodio, uNikolai van Huyssteen, uKyle Rademeyer, uJuan Oosthuizen, uBanele Shabangu, uCharlize Eilerd, uRose Xeyi, uKyla La Grange, uPrecious Molepo, uPrudence Sekgodiso, uCarmie Prinsloo, uKayla van der Bergh noChazel Bezuindhout.
- Kulesi sikwati kumenyezelwe abesilisa abali-18 nabesifazane abali-10.