Kulimaza unobhutshuzwayo ukungabekezeli



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Phambilini ngike ngabhala ukuthi thina balandeli, singakhuluma yonke into esiyifisayo kodwa ekugcineni kosuku iqembu lingomuntu.
Le nkulumo engenhla ngangiyibhale ngesikhathi kukhona ababegxeka labo abadayisa iBloemfontein Celtic, egcine ithengwa iRoyal AM egila izimanga muva nje.
Yize ekugcineni iqembu lingelomuntu, kodwa ngibuye ngibone engathi abaphathi bamaqembu babuye bageje umgodi. Kuligi yakuleli iDStv Premiership, ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL) amaqembu asedlale imidlalo eyisi-6 nje vo kodwa amaqembu aseqalile ukufuna ukushintsha abaqeqeshi. Ngeledlule kuvele ukuthi ligcwale umoya ibhantshi ku-Owen Da Gama obeqeqesha iTS Galaxy.
Ngokujwayelekile iqembu elinakho lokho iChippa United, iyona cishe ephethe irekhodi lokuxosha abaqeqeshi abaningi ngesizini eyodwa. Kuyimanje ayenzi kahle kuligi njengoba isendaweni ye-13, uma kungathiwa ziyaqhubeka ziyambhedela izinto uGavin Hunt naye angalandela axoshwe.
Okuke kungixake ukuthi ngabe abaphathi bamaqembu bona bayazicabangela yini, ngoba phela khona inkontileka esuke isayiniwe phakathi kweqembu nomqeqeshi. Uma esayine inkontileka yeminyaka emithathu bese exoshwa kungakapheli ngisho isizini eyodwa uma esethi iqembu alimkhokhele yonke imali yakhe ubani ohlomulayo lapho.
Okunye okubuye kungixake kakhulu kungani isikhathi esiningi kubhekwa umqeqeshi uma iqembu lingenzi kahle. Umuntu olandela ibhola likanobhutshuzwayo lase-England uzongifakazela, baningi abantu akade bethi uMikel Arteta oqeqesha i-Arsenal FC akahambe. Lela qembu iqiniso ukuthi liluhlaza nje ngisho ungalanda muphi umqeqeshi uzothwala kanzima.
Mina lokhu kuxoshwa kwabaqeqeshi kungishiya nemibuzo eminingi ngoba kwamanye amazwe bayambekezelela umqeqeshi uma izinto zingahambi kahle. Unikwa ithuba lokusebenza neqembu izinto zize zilunge bajabule abandeli bakhohlwe ukuthi yibona abebefaka ingcindezi bethi akaxoshwe ngoba akenzi kahle.
Mina owami umbono ukuthi iqembu alimbekezelele umqeqeshi noma kuthiwa kunzima kangakanani, lokho mina ngikubona kuza nomvuzo omuhle. Ngikhumbula abalandeli beMamelodi Sundowns befuna ukumudla luhlaza uPitso “Jingles” Mosimane kwaze kwalamula amaphoyisa amvikela waphuma ephephile enkundleni.
Sikhuluma nje ayisabambeki iSundowns eyakhiwa uPitso ngoba umphathi weqembu wakhombisa ukukholelwa kuyena.
Ngike ngizibuze nje ukuthi njengoba sibaxosha kangaka abaqeqeshi ukhona yini oyoqeqesha iqembu elilodwa kuze kuphele iminyaka engamashumi amabili nangaphezulu njengoba kwenza u-Aserne Wenger eku-Arsenal noSir Alex Ferguson ekuMan United. Ngiyakuqonda izikhulu zisuke zinezimfuno zazo kodwa, ngokwami kumele babekezele.
Kungesifanayo naseqenjini lesizwe iBafana Bafana eminyakeni eli-10 edlule nje sesiqeqeshwe abaqeqeshi abangaki. IGermany ikwaze ukugcina umqeqeshi uJoachim Low (osesithombeni) iminyaka eli-15.
ULouw ngonyaka wakhe wesi-8 eqeqesha iGermany wakwazi ukunqoba iNdebe YoMhlaba eyabe iseBrazil ngonyaka wezi-2014.