Namanje uHulumeni usaphoselwa inselelo ngeyokhuvethe



UMbatha ngumhleli nomhluzi wezindaba kwelaboHlanga.
Izinhlangano ezingenzi inzuzo ziyalisebenzisa ilungelo lazo lokuphosela inselelo izinqumo zikaHulumeni ngokuwufaka enkantolo uma zinganelisiwe ngazo.
Esenzweni sakamuva inhlangano iDear South Africa isifake isicelo esiphuthumayo eNkantolo Enkulu yasePretoria sokuba kuchithwe ukwelulwa kwesimo senhlekelele kuzwelonke okuhambisana nokubhebhetheka kokhuvethe.
Isimo senhlekelele nemigomo yaso kungaphansi komthetho iDisaster Management Act.
UHulumeni umemezele ukuthi isimo senhlekelele sizokwelulwa kuze kube umhla ziyisi-5 kuZibandlela.
Ngaphansi kwalesi simo, iNingizimu Afrika yangena kumvalelwakhaya okwakuphoqa ukuthi abantu bahlale emakhaya, bangayi emisebenzini, ezinkonzweni, bangayenzi imicimbi, kwancishiswa isibalo sabahambela imingcwabo nezindlela esingathwa ngayo njalo njalo.
Elakuleli langena kumvalelwakhaya ngoNdasa eyabe isilulwa ngamasonto amabili ngoMbasa. Kusukela lapho izwe bese lilokhu lehlisa izigaba zemvalelwakhaya njengoba manje selisesigabeni sokuqala.
Emaphepheni afakwe eNkantolo iDear South Africa, uNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu, uDkt uNkosazana MaDlamini Zuma, nguyena kuphela ummangalelwa.
Ubenikwe ithuba lokuba afake amaphepha aphikisayo ngaphambi komhla zili-18 kuLwezi nonyaka. Uma ehluleka ukwenza lokho lolu daba luzolalelwa ngokuphuthuma eNkantolo mhla lulunye kuZibandlela nonyaka.
Isicelo saseNkantolo sale nhlangano sincike ekutheni ukwelulwa kwemvalelwakhaya nesimo senhlekelele ezweni akuphusile. Le nhlangano ifuna ukuba lesi sinqumo sithathwe njengesingekho emthethweni futhi ichithe imvalelwakhaya nesimo senhlekelele ezweni.
Ummeli wale nhlangano uMnu uDaniel Eloff weHurter Spies uthe iNingizimu Afrika ayisabhekene nokungabaza eyayinakho ngesikhathi kuqala isimo senhlekelele ngakho-ke uHulumeni awukwazi ukuqhubeka nalesi simo onhloso yaso ifezekile ezinyangeni eziyisi-8 selokhu saqala.
Emaphepheni afungelwe iDear South Africa ewafake eNkantolo, uMqondisi wayo uMnu uRob Hutchinson uthi: “…amalungelo akuMthetheosisekelo anqindwe imithetho yenhlekelele okuhlanganisa ilungelo lokuhamba, lokuhlala, lokuhlanganyela, ezomnotho nemfundo.”
Uqhuba athi: “Nakuba eziningi zalezi zivimbelo kumalungelo abantu sezisusiwe, uNgqongqoshe ubeke imigoqo ngaphandle kokubonisana nePhalamende futhi angayibuyisa. UNgqongqoshe unalo ilungelo lokwelula isimo senhlekelele ezweni ngenyanga futhi kungabi namkhawulo ngaphandle kokubonisana nePhalamende.”
IDear South Africa ikholwa ukuthi ngisho iNingizimu Afrika ingabhekana negagasi lesibili lokhuvethe, uHulumeni unesikhathi esanele sokuzilungiselela.
“Uma igagasi lesibili lesifo lifika, uHulumeni ube nesikhathi esanele sokuzilungiselela futhi isimo senhelekelele esisha singafakwa kuye ngezimo ezingavela. Akulungile ukuthi kugcinwe lesi simo senhlekelele esikhona ngesizathu sokuthi kungaba nenye inhlekelele ngesikhathi esingaziwa,” kusho iDear South Africa ezethulweni zayo eziseNkantolo.
Amanye amacala aphikisa uHulumeni
Akuqali ukuthi uHulumeni aphonselwa inselelo ngokhuvethe.
Phambilini le ngosi ibikile ngezinselelo uHulumeni aphonselwe zona yizinhlangano okubalwa namaqembu epolitiki. Kuze kwafikiswana ezinkantolo nakuba ezinye zikhale ngaphansi.
Nokho ekuqaleni konyaka iThe Liberty Fighters Network yakwazi ukumangalela ngempumelelo ezinye zezingxenye zemithetho yemvalelwakhaya enkantolo. UHulumeni emva kokuchithwa inkantolo wabe usufaka isicelo sokwedlulisa icala.
INkantolo ichitha iFITA
INkantolo Enkulu iNorth Gauteng mhla zingama-26 kuNhlangulana wezi-2020 yachitha isicelo senhlangano iFair-Trade Independent Tobacco Association (FITA) eyayithi isinqumo sikaHulumeni sokuvala ukudayiswa kukagwayi ngalesi sikhathi semvalelwakhaya asiphusile.
Lapha iFITA yayimangalele uMengameli uCyril Ramaphosa, owayengummangalelwa wokuqala noNgqongqoshe uMaDlamini Zuma, owayengummangalelwa wesibili.
UHulumeni wawuthi ukubhema ugwayi kungaholela ekubhebhethekeni kokhuvethe ngisho nokufa kwabantu. Ngakolunye uhlangothi iFITA yayimi kwelokuthi zikhona ezinye izinto ezingaholela ekusabalaleni kokhuvethe nokufa kwabantu.
Isinqumo seNkantolo sathi uMaDlamini Zuma unephuzu elizwakalayo uma ethi kwakunesidingo sokuthi kuvalwe ukudayiswa kukagwayi.
“Ngokwethu, isidingo esibalulekile kuhlangatshezwana naso uma sekukhonjisiwe ukuthi kunokuxhumana okunomqondo phakathi kokuvalwa kokuthengiswa kukagwayi nokunqadwa kokhuvethe ukugwema ingcindezi kwezempilo ezweni, okuyisinqumo esesivele sisenzile,” kusho isinqumo seNkantolo. Siqhubeka sithi: “Siyakwamukela okushiwo uNgqongqoshe ukuthi okubekwa yiFITA kushaya eceleni njengoba ingabhekanga izimo le mithetho eshaywe ngaphansi kwazo.”
Ngaphambi kokuba iNkantolo ikhiphe isinqumo uMehluleli uDustan Mlambo owayelekelelana kuleli cala naBehluleli uMolefe noBasson, wendlalela ngokuthi iNingizimu Afrika, njengamanye amazwe emhlabeni, ibhekene nengwadla engajwayelekile selokhu kwaqubuka ukhuvethe olubeka engcupheni impilo yabantu. Wathi uHulumeni esebenzisa uMthetho Olawula Izinhlekelele usubeke izinyathelo eziningi ukuzama ukulwa nokhuvethe nokunqada ukuthi lungabhebhetheki.
“Ikakhulukazi ummangalelwa wesibili uNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zobuholi Bomdabu, uphasise imithetho phakathi kokunye evimbela ukudayiswa kwemikhiqizo kagwayi okuyimizamo yokunqanda ukusabalala kokhuvethe.
Ummangali okuyiFair-Trade Independent Tobacco Association (FITA) unenkinga nokuvalwa kokudayiswa kukagwayi futhi ufuna iNkantolo ikhiphe umyalelo othi: ugwayi nemikhiqizo yawo yizinto ezibalulekile, kubuyekezwe noma kuchithwe imithetho eshicilelwe kuGazethi kaHulumeni uNombolo 43148 mhla zingama- 25 kuNdasa wezi-2020 (ngesigaba sesihlanu semvalelwakhaya), uMthetho 27 owashicilelwa kuGazethi kaHulumeni uNombolo 43258 mhla zingama-29 kuMbasa wezi-2020 (esigabeni sesine semvalelwakhaya) noMthetho 45 uNombolo 43364 emabhukwini kaHulumeni mhla zingama-28 kuNhlaba wezi-2020 (esigabeni sesithathu semvalelwakhaya) nokuthi ukudayiswa kukagwayi nemikhiqizo yawo kusemthethweni.
INkantolo yathi kubalulekile ukuthi abahola izwe bahambisane nomthetho noMthethosisekelo wezwe. Yathi uHulumeni unelungelo lokukhetha izindlela zokuzuza okuthile okuhambisana noMthethosisekelo, izinkantolo ngeke zagxambukela kulezo zindlela eseziqokiwe ngoba zingazithandi noma ngoba kukhona ezinye izindlela ezingcono ezingaqokwa.
“Kodwa uma isinqumo sikaHulumeni siphonselwa inselelo kuthiwa asiphusile, izinkantolo ziphoqelekile ukuthi zicubungule izindlela eziqokiwe ukubheka ukuthi ngabe ziyahambisana yini nalokhu okufanele kuzuzwe.”
Ichaza izimpahla ezibalulekile, iNkantolo yathi imithetho yesigaba sesihlanu kufanele ihunyushwe kubhekwe inhloso yayo futhi kube ukuhunyushwa okuhambisana noMthethosisekelo wezwe.
INkantolo yakugcizelela ukuthi inhloso yaleli cala akukhona ukubheka ukuthi ngabe zikhona yini izindlela ezingasetshenziswa kodwa ukucacisa ukuthi ngabe izindlela ezikhethiwe ziyahambisana yini nokumele kuzuzwe.
Yathi kulokho imikhiqizo kagwayi ayikho ngaphansi kwezinto ezibalulekile ngoba ayisikho ukudla, imikhiqizo yokuhlanza noma yenhlanzeko, uphethroli futhi-ke ngokucacile ayisiyo imikhiqizo yezempilo.
“Iyoba yizinto ezibalulekile kuphela uma ingathathwa njengento eyisidingongqangi njengogesi ne-airtime. Izimpahla ezibalulekile zifaka ukudla, izinto zokuhlanza, imithi nezinto eziyisidingo.” Yaqhuba yathi ugwayi nemikhiqizo ehlobene nawo, ngokwemvelo, akungeni ngaphansi komkhakha wempahla ephilisayo futhi ebalulekile.
“Siyavumelana nesethulo sikaNgqongqoshe ukuthi imithetho yesigaba sesihlanu ngeke yahunyushwa ngokuthi kufakwe imikhiqizo kagwayi ngaphansi kwezinto eziyisidingongqangi. Imikhiqizo nezinto eziningi kwamiswa ngesikhathi semvalelwakhaya njengoba zazithathwa njengezingabalulekile. Izimboni eziningi zavalwa ngenhloso yokunqanda nokulawula lolu bhubhane. Ngakho-ke ukuphathwa ngendlela eyahlukile kwemikhiqizo kagwayi nemboni yawo ngeke kwamukeleke kwazise le mikhiqizo ayisiso isidingo.
Le Nkantolo yakhipha isinqumo esichitha isicelo seFITA yayalela le nhlangano ukuba ikhokhe izindleko zabameli abathathu.
“Okunye kwezinto esikuthola kunzima ngesinqumo sikaHulumeni yindlela engawakhi umqondo okwenziwa ngayo le mithetho. Uma singena sigxila empikiswaneni yezomthetho kuyamangaza njengoba besho emaphepheni abo ngisho nakweminye imibiko yezempilo abathi bathembele kuyona, ukuthi akukho ukuxhumana phakathi kokubhema nokhuvethe.
Siyakuvuma ukuthi kukhona ukulimala kwamaphaphu omuntu obhema ugwayi ikakhulukazi uma esenesikhathi eside ebhema, kodwa lokhu ngeke kuqedwe ngokuwumisa amasonto ayisithupha,” kusho iFITA.
IDA iphikiswa kolweBBBEE
Mhla zili-19 kuNhlangulana wezi-2020 eNkantolo Ephakeme eGauteng abehluleli beholwa nguMehluleli uDustan Mlambo, bachitha isicelo seDemocratic Alliance (DA) eyayifuna ukuba uNgqongqoshe Wokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane, uKhumbudzo Ntshavheni, amise ukusebenzisa uhlelo lweBroad-Based Black Economic Empowerment (BBBEE), ubuhlanga, ubulili, iminyaka yobudala noma ukukhubazeka ukuhlonza ofanele ukuthola usizo lwemali ukwelekelela abakhahlanyezwe ukhuvethe.
INkantolo yaphinde yanquma ukuthi indlela esentshenzisiwe ukuqoka abafanelwe ukuthola lolu sizo ngaphansi kweDebt Finance Scheme neBusiness Growth Resilience Fund ayikho emthethweni futhi yayichitha ngoba kayicacile. Yayalela uNgqongqoshe uNtshavheni ukuba abhale kabusha imithetho eshoyo ukuthi ngubani ofanele ukuthola lolu sizo.
INkantolo yanquma ukuthi uNgqongqoshe abufake ubuhlanga emithethweni ezobhalwa kabusha.
UMehluleli uMlambo wathi: “Ekwakhiweni kabusha kwendlela ezosetshenziswa ukwaba imali yoxhaso ngaphansi kweDebt Finance Scheme noma iBusiness Growth Resilience Fund, uNgqongqoshe kufanele abubheke ubuhlanga, ubulili, intsha nokukhubazeka.”
INkantolo yakuchitha okwakushiwo yiDA ukuthi isinqumo sikaHulumeni sokusebenzisa indlela yoguquko ukuhlonza abathola uxhaso lwemali iphambene nomthetho.
Enye ingxenye yesinqumo ithi: “Ukubheduka kokhuvethe eNingizimu Afrika kubeke obala ukwahlukana emphakathini wethu okudalwe ukucwaswa ngokobuhlanga, ubulili nezinye izindlela.”
Isinqumo saqhuba sathi uma ngempela kunesidingo sokubheka ukubaluleka kosekwadlulwa kukhona nokwahlukana ngokobuhlanga kule Ningizimu Afrika yawo wonke umuntu nokuthi abahlwempu okungaboHlanga bazidinga kangakanani lezi zinsinza ezincane ezikhona, akungabhekwa kude kodwa kulabo abakhahlanyezwe ukhuvethe.
Esitatimendeni esifungelwe uNgqongqoshe uNtshavheni, watshela iNkantolo ukuthi ubuhlanga, ubulili, iminyaka yobudala nokukhubazeka kuyizinkomba zokungabhekelelwa ngesikhathi esedlule nesamanje.
Nokho iNkantolo ayigculisekanga ngendlela ayisebenzisa ukuhlonza abafanelwe ukuthola lolu xhaso.
“Kusezandleni zikaNgqongqoshe ukuqinisekisa ukuthi indlela ezosetshenziswa ukwaba uxhaso lwemali yomphakathi ayinhlanhlathi bese ibeka ngokungacacile ithi kuzobekwa phambili abesifazane, intsha nabakhubazekile.”
Yathi okushiwo uNgqongqoshe ngaphandle kokulawulwa okumenze wafinyelela kule ndlela yokuqoka abafanelwe ukuthola uxhaso yehlulekile ukulandela uMthethosisekelo wezwe.
Ngaleyo ndlela iNkantolo yanquma ukuthi le ndlela ibuyekezwe, ibekwe eceleni futhi yayibeka njengengahambisani nomthetho.
Abanye abaphikisa le mithetho
Phakathi kwasebeke basabisa uHulumeni ngezinkatolo kubalwa inyunyana yothisha i-Educators Union of South Africa (Eusa) eyayifuna ukuvimba izinhlelo zawo zokuvulwa kwezikole mhla lulunye kuNhlangulana wezi-2020.
Inhlangano iHelen Suzman Foundation nayo yaya eNkantolo YoMthethosisekelo ifuna ukuthi le Nkantolo iphoqe iPhalamende ukuba lisebenzise amandla alo akuMthethosisekelo.
Yayikhala ngokuthi selokhu kwamenyezelwa isimo senhlekelele ezweni Amandla ePhalamende asebekwe ezandleni zikaNgqongqoshe uMaDlamini Zuma, nasemkhandlwini obhekelele ukhuvethe, iNational Coronavirus Command Council (NCCC).