Now Reading
Athwala nzima amabhizinisi engakhokhelwa esesebenzile
Dark Light

Athwala nzima amabhizinisi engakhokhelwa esesebenzile

Kunezinto ezigcina sezithathwa njengendlela yokuphila, osomabhizinisi bakwamukela nje ukuthi uHulumeni nezinkampani ezinkulu ziyephuza ukukhokhela imisebenzi eyenziwe yizinkampani ezincane. Kuvamisile-ke ukuba izinkampani ezincane kube ngezaboHlanga, abazithola bedonsa kanzima kodwa bebe belindeleke ukuba bawenze umsebenzi okuvunyelwene ngawo. 

Engake ngakuzwa kaningi ngabanye asebeke bagileka kulobu bunzima, ngukuthi izinkampani zezinye izinhlanga ziyashesha ukukhokhelwa, kodwa kukhona ukubathatha kancane abahwebi boHlanga. 

Lokhu bekukhalwa ngakho kakhulu ezinkampanini ezenza imisebenzi kaHulumeni. Okuxakayo ngukuthi iningi labasebenzi abalawula ukukhokhelwa kwamabhizinisi, ngaboHlanga, okugcina kubukeka sengathi abohlanga bacindezelana bodwa. Siyadinga ukukuhlolisisa lokhu ngoba kusenza inhlekisa kwezinye izizwe ukuthi noma aboHlanga sebesemandleni abakwazi ukubhekelana bona, kwesinye isikhathi kuze kudinge kungenelele abezinye izinhlanga ukuze asizakale usomabhizinisi woHlanga. 

Abanye bakuthatha lakho njengomphumela wengcindezelo aboHlanga ababe ngaphansi kwayo bagcina sebengasakuhloniphi nokungokwabo. 

Nezinkampani ezinkulu zibalwa kanye noHulumeni ekucindezeleni izinkampani ezincane, ngokulibala ukuzikhokhela. Abanye bakuchaza lokhu njengento eyenziwa ngamabomu yiziphathimandla zamabhizinisi amakhulu, ngoba esafuna ukuyizalanisa imali izinsukwana ngaphambi kokuba idlulele kwabenze umsebenzi. 

Sekube nezithangami eziningi kukhulunywa ngoHulumeni kuchazwa imisebenzi lapho kuxhaswa khona amabhizinisi, kuthi kungakaqedwa kuvele okhononda ngokulibala ukukhokha kukaHulumeni sewenziwe umsebenzi. Ngenkathi kwenziwa umsebenzi kuba nezindleko, usomabhizinisi abe nethemba lokuthi uzoshesha akhokhelwe. Abanye baze baboleke imali ukuze babhekane nezindleko okubalwa kuzo amaholo abasebenzi bengakhokhelwe. 

UHulumeni sewaze wakwenza samthetho ukuthi inkampani eyenze umsebenzi ikhokhelwe ezinsukwini ezingeqile emashumini amathathu emva kokwenza umsebenzi. Ukubhala phansi nokumemezela akusho ukuthi lokhu kuzokwenzeka. Kudinga ukulandelelwa kube nezinyathelo ezizothathelwa abangawugcinanga umyalelo wokukhokha ngesikhathi esinqunyiwe.

Umthelela wokukhokhelwa sekwedlule isikhathi ngikuthi inkampani encane igcina yehluleka ukwenza izinto ngendlela, igcine seyingazigcini izimfanelo ezilindeleke kuyo nguyena uHulumeni kanye nezinye izinhlaka zokuthuthukisa ibhizinisi. 

Abanikazi bezinkampani bagcina bebamba beyeka ngenxa yokungagelezi ngendlela kwezimali.  Enye yezinto okugcizelelwa ukuba osomabhizinisi bayiqaphele, wukugeleza kwemali ingena iphuma ebhizinisini. Ukugeleza kwemali ijikeleza ngemigudu yebhizinisi yikona okwenza kube nesiqiniseko sokuqhubeka kwebhizinisi, kwaneliseke izidingo zomsebenzi, ezabasebenzi kanye nezomnikazibhizinisi. 

Uma kubalwa izinkinga ezikhungethe amabhizinisi usuke ungakaqedi uma ungakafiki kweyokulibala ukukhokhelwa kwamabhizinisi ngesikhathi. 

Sengike ngabona usomabhizinisi ejabula ethole ithuba lokuhambisa umkhiqizo wakhe enkampanini enkulu. Lokhu kujabula kuye kube yisikhathi esifushane uma bengasakhokhelwa kuphele izinyanga, bengqongqoza emnyango ongavuleki. Ezinye izinkampani ezinkulu zenza isivumelwano nenkampani eyenza imikhiqizo sokuthi bazothumela imikhiqizo njalo ngemva kweviki baze bakhokhelwe sekuphele inyanga. 

Kuthi uma kuphela inyanga kubikwe imbiba kubikwe ibuzi, kungakhokhwa, igcine inkampani encane seyehluleka ukukhiqiza imikhiqizo ezoyithumela kulelo bhizinisi elikhulu. 

Uma ingasakwazi ukufaka imikhiqizo edingekayo, ngenxa zokuthi ayigelezi imali, kugcina kwakheke isithombe sokuthi osomabhzinisi abancane bayizehluleki kumbe ngeke bathenjwe ngemisebenzi ethile. Ngeshwa lokhu kuvamise ukwehlela abohlanga. 

Kubuyise ithemba ukuzwa ukuthi kuleli sonto izinhlangano zamabhizinisi zethule umkhankaso emva kokudingida udaba lokungakhokhelwa kwamabhizinisi amancane ngesikhathi esifushane, inkampani seyiwenzile umsebenzi. Izinhlangano ezingene kulo mkhankaso yiBusiness for South Africa (B4SA), iSouth African SME Fund kanye neBusiness Leadership South Africa (BLSA).  

See Also

Ezinye izinhlangano ezizibandakanye nalo mkhamkaso kube yiBusiness Unity South Africa (Busa), iSmall Business Institute (SBI) neBlack Business Council (BBC). 

Ukhuvethe lushayelele isipikili odongeni obeluvele lunomveve, izinkampani ezincane zagcina zinobunzima bokukhokhela abasebenzi. Izinkampani ezincane kuleli lizwe zibalelwa ezigidini ezimbili nengxenye, kanti ziqashe abasebenzi ababalelwa ezigidini eziyishumi nengxenye. 

Uma izinkampani ezincane zingakhokhelwa ngesikhathi esifushane iningi lazo ligcina lingasakwazi ukugcina abasebenzi, ezinye zigcine zivale iminyango yokuhweba. 

Abacwaningi basibuka isimo esibhekene namabhizinisi amancane sizodlula nezinkampani ezibalelwa kumaphesenti ayishumi kuya kwayishumi nesihlanu azogcina evale iminyango, kulahleke imisebenzi ebalelwa kwisigidi sabantu. Ngesinye sezizathu ezenza lezinhlangano ezingenhla zihlabe umkhosi wokukhokhelwa ngesikhathi esifushane.

ISikhulu Esiphezulu seBLSA, uNks uBusisiwe Mavuso sisishayele ihlombe isinyathelo sokukhuthaza lo mkhankaso sagcizelela ukuthi inhlangano angumholi wayo inethemba elikhulu lokuthi kuzosizakala izinkampani eziningi uma zikhokhelwa esikhathini esingaphansi kwezinsuku ezingamashumi amathathu. 

Kunezinkampani eziqinisekisile ukuthi zizimisele ukuwufeza lomkhanaso phakathi kwazo okukhona i-Anglogold Ashanti, iSasol kanye ne-Aspen Pharmacare, abakufakazelile ukuthi ziningi izinkampani ezincane ezikhubazwe wukungakhokhelwa ngesikhathi esifushane seziwenzile umsebenzi.

Abanikazi bezinkampani ezincane kumele nabo baqikekele ukuthi zonke izimfanelo ezingathikameza ukukhokheleka ngesikhathi zilungisiwe.

Scroll To Top