Now Reading
Kuyicala elibovu elingaholela ejele ukuziphindiselela kosolwayo
Dark Light

Kuyicala elibovu elingaholela ejele ukuziphindiselela kosolwayo

Kuhlezi kugcizelelwa ukuthi ukuziphindiselela kumuntu owonile noma ukuzithathela umthetho kuyicala elibovu futhi kunemiphumela engaholela ekugwetshweni iminyaka eminingi otholwe enze icala ebhadla ejele.

Lokhu kugcizeleleke esinqumweni seNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala mhla ziyisi-5 kuNhlaba wezi-2021 ecaleni likasomabhizinisi waseMgungundlovu uMnu Rajivee Soni v The State (465/2019) [2021] ZASCA 57 esivumelane neseNkantolo Enkulu KwaZulu-Natal, eMgungundlovu, eyagweba uSoni iminyaka engama-30 ebhadla ejele emveni kokulahlwa ngamacala ahlanganisa ukubulala, ukubalekela nokuvimbela ukusebenza kwezobulungiswa, ukushaya ngenhloso yokulimaza kanzima nokwephula iSigaba 18(2)(a) seRiotous Assemblies Act 17 we-1956.

Mhla zingama-26 kuMfumfu wezi-2018 uSoni wagwetshwa ngokubulala uDkt uBhavish Sewram (osesithombeni) ayemusola ngokuthandana nenkosikazi yakhe. INkantolo, mhla zili-11 kuMbasa wezi-2019 yanika uSoni imvume yokwedlulisa icala ukuphonsela inselelo isinqumo seNkantolo Enkulu okwathi zili-19 kuNdasa wezi-2020 iNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala yamunika ibheyili kusalindwe isinqumo sayo.

USoni abebhekene nakho

Mhla zili-13 kuNhlaba wezi-2013, uDkt uSewram wadutshulwa wabulawa ngaphandle kwendawo yakhe yokusebenzela eRaisethorpe, eMgungundlovu. Abanye abasolwa uBrian Treasurer, uSabelo Advocate Dlamini noMfaniseni Wiseman Nxumalo bagwetshwa ngaphambi kokuqala kokuqulwa kwecala likaSoni.

Kwakwaziwa ukuthi umufi washaywa, waboshwa wathweswa icala ngezinsolo ezingelona iqiniso zokuhlukumeza ngokocansi okwagcina ngokuthi abasolwa ababethengiwe bambulale.

Lapha-ke okwakufanele iNkantolo ikuthole ukuthi ngabe uSoni wayengubhongoza ekuhleleni ukubulawa kukaDkt uSewram ngenhloso yokuziphindiselela kwazise wayemusola ngokuthandana nenkosikazi yakhe noma ngabe yayikhona yini enye incazelo eyayingaba yiqiniso.

INkantolo Yokwedluliswa Kwamacala yathola ukuthi ubufakazi obabuveziwe babuqandula ikhanda ukuthi uSoni owayehlele ukubulawa kukaDkt uSewram.

Lobu bufakazi babuqiniswa ukuthi ofakazi abaningi, ngokuzimela, bakuqinisekisa ukushisekela kukaSoni ukuziphindiselela kuDkt uSewram, ubufakazi obethulwa eNkantolo babukhomba ngqo uSoni ekuqinisekiseni ukuthi umufi uyabulawa, ucingo lukamakhalekhuhwini olwaluvela kuTreasurer luya kuSoni namazwi athi ‘umsebenzi usuphothuliwe’ kuyamfaka uSoni ekubulaweni kukaDkt uSewram nokuthi okushiwo nguSoni mayelana nokuzonda kwakhe umufi kwakungahlangani futhi kwakungenabo ubuqiniso. 

Ngalokhu, iNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala yasichitha isicelo sokuphonsela inselelo esigwebeni sokubulala nezimbili zokuvimbela nokubalekela ukusebenza kobulungiswa. Ecaleni lokhwakha uzungu isinqumo seNkantolo Enkulu sachithwa kodwa uSoni watholwa enecala lokubhebhezela ukubulala.

Emacaleni okubalekela nokuvimbela ukusebenza kwezobulungiswa nokushaya ngenhloso yokulimaza kanzima iNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala yasamukela isicelo sikaSoni sokuwaphikisa yabe isimukhipha phambili kuwona. 

INkantolo Yokwedluliswa Kwamacala yasibheka isigwebo esasikhishwe yiNkantolo Enkulu kwamanye amacala. Kwelokubulala, yathi isigwebo seminyaka engama-25 ejele asethusi ngelokuthi uSoni wayekufuna ukuziphindiselela kuDkt uSewram futhi wagcina akha itulo waphinde wangena emkhankasweni wokumbulala okwaholelwa ekubulaweni kukamufi ngesihluku.

Ngalokhu, le Nkantolo yathi isigwebo sezinyanga ezili-18 neminyaka emibili ejele, ezizohambisana, sasifanele futhi sinobulungiswa.

Ecaleni lokugqugquzela ukubulawa kukaDkt uSewram, iNkantolo Yokwedluliswa Kwamcala yathola ukuthi isigwebo seminyaka emihlanu ejele sasingesibi kunesokuhlela itulo lokubulala umufi.

See Also

Le Nkantolo yathi lesi sigwebo sasifanele. Yaqhubeka yathi uma kubhekwa izimo amacala okubalekela nokuvimbela ukusebenza kobulungiswa nokwephula iSigaba (18)(2)(a) seRiotous Assemblies Act 17 we-1956 enzeke ngaphansi kwazo, wonke ayaxhumana nelokubulala.

Yathi wonke la macala akha uzungu uSoni ayengene kulona, luhlelwe kahle, okwagcina ngokuthi kwenziwe icala lokubulala.

Ibheka izigwebo zeNkantolo Enkulu kula macala, eYokwedluliswa Kwamacala yabe isinquma ukuthi izigwebo zokubalekela nokuvimbela ukusebenza kobulungiswa nokwephula iSigaba (18)(2)(a) seRiotous Assemblies Act 17 we-1956 zihambisane nesecala lokubulala. 

Kodwa-ke, iNkantolo Yokwedluliswa Kwamcala yathi kuyoba kuhle ukuthi uSoni abonelelwe njengoba ayesehlale ejele izinyanga ezili-17 ngaphambi kokuba athole ibheyili. Wagcina egwetshwe iminyaka engama-23 nezinyanga eziyisi-7 ebhadla ejele.  

INkantolo yabe isiyalela uKhomishana Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo kuzwelonke ukuba aqinisekise ukuthi kujutshwa usonhlalakahle ongaphansi koMnyango Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo ukuthi njalo uvakashela izingane zikaSoni ngalesi sikhathi edonsa isigwebo sakhe aphinde athumele (usonhlalakahle) imibiko ehhovisi likaKhomishana ngokuthi ngabe izingane ziyadinga ukunakekelwa nokuvikelwa njengoba kuyalela iSigaba 150 soMthetho Wokuvikelwa Kwezingane wama-38 wezi-2005 nokuthi uma kunjalo enze okufanele.

Yaphinde yayalela uMnyango Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo ukuba ubheke izincomo ezisembikweni kaFloss Mitchel ezimayela nokuthi izingane ezincane zingamuvakashela kanjani uSoni ejele, uma kungenzeka, kuhlelwe ukuba usonhlalakahle alekelele ngezikhathi zokuvakasha. 

INkantolo yathi uSoni akakulungele ukuba nelayisense yesibhamu njengoba kuyalela uMthetho Wokulawulwa Kwezibhamu wama-60 wezi-2000.

Scroll To Top