Now Reading
Ukufinyelela emidlalweni emikhulu yegalofu akubhedile
Dark Light

Ukufinyelela emidlalweni emikhulu yegalofu akubhedile

Ingqwangqwayi, uTiger Woods, okuthe isihlinziwe bathi kuphelile ngayo izobe ingomunye wababala imishayo yabo 


Intaka ibekelwe amazolo njengoba omunye wemincintiswano emine emikhulu emdlalweni wegalofu ubanjelwe e-Agusta National e-USA. 

Ingqwele esigile izimanga kulo mdlalo uTiger Woods izobe ivikela isicoco sayo njengoba kuyiyo eyadla umhlanganiso nyakenye. UWoods ngesikhathi ephumelela kulo mncintiswano kwakuyingxenye yento eyathathwa ngokuthi yibuya elikhulu kunawo wonke emdlalweni wegalofu njengoba waba nezinkinga ezinkulu ngendlela yokuthi kwakucatshangwa ukuthi akaseyophinde aziqwaqwade emakhanda. 

Njengoba ahlinzwa idolo nomgogodla, kukhona ababecabanga ukuthi akaseyophinde adlale igalofu elikhokhelayo. Kodwa ukuphikelela kwalo mdlali wase-USA kwaba nemiphumela emihle njengoba adla umhlanganiso kuZozo Championship naku-US Masters. Ngokuphumelela le mincintiswano emibili nyakenye, uWoods walinganisa irekhodi likaSam Snead lokuphumelela amahlandla angama-82 ku-US PGA Tour. Ngokudla i-US Masters uWoods waphumelela imeja ye-15, wasondela kurekhodi elisabanjwe yinkakha uJack Nicklaus lamameja ali-18. Emva kwenyanga ephumelele lo mncintiswano uWoods waklonyeliswa ngobenguMengameli wase-USA uDonald Trump ngendondo ebizwa ngePresidential Medal of Freedom.

 Egalofini awuhlonishwa uma ungakaze uphumelele imeja. La mameja yi-US Masters, iThe Open eyayaziwa ngeleBritish Open, iProfessional Golfers Association Championship ne-US Open.

I-US Masters yanonyaka ibanjwa ngoLwezi nje, umthetho wayo idlalwa njalo ngoMbasa. Kulokhu iphazanyiswe wukhuvethe kanti kuzobe kuqala ukuthi idlalwe kungekho zibukeli. Lo mncintiswano waqalwa ngonyaka we-1934 waziwa njenge-Augusta National Invitational Tournament. Ngaphandle kwanonyaka, kungalowo nyaka wokuqala kuphela lapho lo mncintswano wabanjwa ngale kukaMbasa, lapho waba ngenyanga kaNdasa. Lo mncintiswano wasungulwa owoHlanga e-Atlanta uBobby Jones owaduma kakhulu egalofini. uJones, ebambisene nosobhange, uClifford Roberts nguye owathenga i-Augusta National eyayiyindawo egqumisa izithombo, wayijika wayenza inkundla yegalofu ebalwa neziphambili emhlabeni, ebambisene nalowo owayedweba izinkundla zegalofu u-Alister MacKenzie.

Abalandeli begalofu bakujabulele ukungakhanselwa kwalo mncintiswano kulo nyaka njengoba bekunokwesaba ukuthi kungenzeka ngenxa yokhuvethe. Emlandweni walo mncintiswano kwenzeka kathathu ukuthi ukhanselwe ngenxa Yempi Yomhlaba Yesibili ngeminyaka yama-40. Ngesikhathi umncintiswano usamisiwe nenkundla yayivaliwe. Umnini wayo uJones wanikela ngenkundla ukuze isetshenziswe njengedlelo lezinkomo zombutho wamasosha wase-USA.

Le nkomishi ayivamisile ukuvakashela eNingizimu Afrika njengoba bebathathu kuphela abadlali balapha asebeke bayiphumelela. Inkakha yegalofu uGary Player yaphumelela lo mncintiswano ngowe-1961 nowe-1974 kanye nangowe-1978. Le nkakha yayidlala ugingqigonqo osadumile namanje nabadlali abangoJack Nicklaus kanye no-Arnold Palmer. 

Omunye waseNingizimu Afrika owaphumelela lo mncintiswano uTrevor Immelman owakwenza ngonyaka wezi-2009, ehlula izinkunzi okubalwa kuzo uWoods, uBrandt Snedeker noRory McIlroy. U-Immelman owayekhombisa ithalente eliyisimanga, wayesefomini eyayingakaze ibonwe empilweni yakhe. Akumangazanga-ke uma egcina ephumelele lo mncintiswano ngalowo nyaka, ehlula inkunzi esatshwayo uWoods ngamagalelo amathathu. Emva kokuvula umzuliswano wokuqala ngamagalelo angama-68, u-Immelman wabambana phambili noJustin Rose kodwa wagxumela phambili wazihola ngegalelo elilodwa emva komzuliswano wesibili emva kokwenza amagalelo omzuliswano angama-68. Emveni komzuliswano wesithathu lapho enza khona amagalelo angama-69, u-Immelman wangena emzuliswaneni wesine nokungowokugcina ehola uSnedeker ngamagalelo amabili. Osukwini lwesine okungolokugcina, kwakunzima kakhulu. U-Immelman wenza amagalelo omzuliswano angama-75 lapho uWoods ozigqi zakhe zazizwakala, wenza amagalelo angama-72. Bonke abanye ababezama ukususa lo mdlali eqhulwini bafa namthanyana, u-Immelman wagcina ewudlile umhlanganiso osukwini olukhulu kunalolonke kuye egalofini.

See Also

Emva kwale mpumelelo ifomu ka-Immelman yehla kakhulu. Akaphindanga waphumelela eminye imincintiswano. Kulo nyaka ukhona ohlwini ngenxa yelungelo alithola ngokuphumelela ngowezi-2009. 

Akugcinanga ngo-Immelman ukuthi lo mncintiswano uphunyelelwe umdlali waseNingizimu Afrika. Ngowezi-2011, i-US Masters yathathwa nguCharl Schwartzel emdlalweni owawuthathwa njengolula ukuthi ungathathwa nguRory McIIroy. UMcIlroy waseNorthern Ireland wayesebe ngomunye wabazihola phambili imizuliswano emithathu, wangena emziluswaneni wesine okungowokugcina ezihola phambili ngamagalelo amane. Yize ayevutha bhe, ukungenzi kahle ngesikhathi ejika emgodini wesi-9 wesibili kwenza ukuthi abanye abadlali, ababandakanya uSchwartzel, bamfice uSchwartzel walala isikhombisa nabanye emziluswaneni wokuqala. Kowesithathu walala isibili nabanye, elandela uMcIlroy ngamagalelo amane. Kwathi lapho uMcIlroy enza amagalelo angama-80 emzuliswaneni wokugcina, uSchwartzel yena wenza angama-66, kubandakanya nokwenza amabirdie emigodini emine yokugcina ukuze anqobe eshiya abalandelayo ngamagalelo amabili.

Kulo nyaka kunabadlali abanqoba lo mncintiswano eminyakeni eyedlule kodwa abangeke badlale ngezizathu ezahlukene. Okungaba ukungazizwa kahle emzimbeni nezinye. Kubalwa laba abalandelayo: UTommy Aaron, uJack Burke Jr, uCharles Coody, uBen Crenshaw, uNick Faldo, uRaymond Floyd, uSergio Garcia, uBob Goalby, uJack Nicklaus, uMark O’Meara, uGary Player, uCraig Stadler, uTom Watson, u-Ian Woosnam noFuzzy Zoeller.

Kulaba abangenhla owaseNingizimu Afrika nguPlayer kanti iminyaka eminingi yena nezimbangi zakhe uNicklaus no-Arnold Palmer (ongasekho emhlabeni) bekuba yibo abasuka kuqala njengendlela yokubahlonipha ngegalelo labo emdlalweni wegalofu nokuvula umncintiswano ngokusemthethweni. UGarcia oyimbangi enkulu kaWoods ubekhona ohlwini labadlali nonyaka kodwa kwadingeka ahoxe ngenxa yokutheleleka ngokhuvethe.

Kuzimfundamakhwela ezingama-25 ezizodlala kulo mncintiswano nonyaka, ezimbili ngezaseNingizimu Afrika. Laba ngo-Erik van Rooyen noChristiaan Bezuidenhout.


Abadlali balithola kanjena igunya lokudlala ku-US Masters

  • Umpetha weMasters Tournament  unelungelo lokudlala impilo yakhe yonke
  • Ompetha be-US Open 2015 – 2019 (Iminyaka emihlanu)
  • Ompetha beBritish Open 2015 – 2019 (iminyaka emihlanu)
  • Ompetha bePGA Championship 2015 – 2019 (iminyaka emihlanu)
  • Ompetha beThe Players Championship 2017 – 2019 (iminyaka emithathu)
  • Ongumpetha wama-Olimpiki (unyaka owodwa)
  • Umpetha wezi-2019 US Amateur (unyaka owodwa)
  • Umpetha wezi-2019 British Amateur (unyaka owodwa)
  • Umpetha wezi-2019 Asia-Pacific Amateur
  • Umpetha wezi-2020 Latin America Amateur
  • Umpetha wezi-2019 US Mid-Amateur 
  • Abadlali abali-12 bokuqala abakleliswe ohlwini lwabanqobe ku-2019 Masters Tournament
  • Abadlali bokuqala abane ohlwini lwabadle i-2019 US Open
  • Abadlali bokuqala abane ohlwini lwabanqobe kowezi-2019 British Open
  • Abadlali bokuqala abane ohlwini lwabawine kowezi-2019 PGA Championship
  • Abadlali abawine imincintiswano yePGA Tour ebanika amaphuzu aphelele kuTour Championship evala unyaka, kusukela kuMasters eyedlule
  • Labo abakhwalifayele i-2019 Tour Championship
  • Abazihola phambili abangama-50 kuFinal Official World Golf Ranking kunyaka owandulelayo
  • Abangama-50 abazihola ohlwini olusemthethweni lomhlaba lwegalofu olushicelelwe ngeviki le-11 ngonyaka wezi-2020.
Scroll To Top