AboHlanga ababuyiselwe umhlaba nocebileyo
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Uyabuza ukuthi kungani singekho isicelo sokubuyiselwa umhlaba esibhekiswe kwaTongaat-Hullet nakwa-Illovo, kunalokho kukhulunywa ngezindawo eziyimigubane
Ungomunye wabahlaziyi abahlonishwayo eNingizimu Afrika. Uma ekhuluma akanyanyalati ukuthi abanye abaholi noma abantu bazothini. Lowo nguMnu uXolani Dube wesikhungo socwaningo iXubera. ElaboHlanga libe nengxoxo ekhethekile noDube nayilapho enze adume ngazo, ukusho izinto njengoba zinjalo.
Kuleli sonto uDube uzifikele mathupha emahhovisi elaboHlanga nayilapho bekuzolungiselelwa khona uhlelo oluwuchungechunge lwezifundo ngepolitiki. Lezi zifundo zizobe zenziwa ngokubambisana phakathi kweXubera kanye neBayede.
UDube echaza ngesimo saboHlanga kule minyaka engama-26 yedemokhrasi, uthe bahlinzelwa ezibini ngosopolitiki abanomgolo nabangenawo umbono. Uqhube wathi kulihlazo nokuthi namanje kusakhalwa ngezinto kube yizo okuqalwa ngazo ukulungiswa uma kutholwa inkululeko.
“Umongo womzabalazo waboHlanga kwabe kuyizinto ezintathu nokumele singaguquki kuzo, okokuqala ngamalungelo esintu, okwesibili wukukhululeka ngakwezomnotho. Kuthi okwesithathu kube wukubuyiswa kwalokho okwebiwayo, umhlaba. Ngeshwa kuze kube manje asikakutholi lokhu. Empeleni ngeke sibe nobulungiswa noma ngabe okokubuya komhlaba uma singenabo ubulungiswa kwezomnotho”, kusho uDube.
Odabeni lomhlaba uthe aboHlanga bangavumi ukukhuluma kuphela ngemihlaba le esemigubaneni nasemeveni bayeke izindawo ezicebileyo ngoba nazo zebiwa.
“Kuyamangaza ukuthi uma abantu bekhuluma ngokubuya komhlaba abakhulumi ngezindawo ezinothile. Isibonelo nje abakhulumi ngechweba lapho kwenziwa khona umnotho omangalisayo. AboHlanga kuba sengathi abanawo umlando ofaka lezi zindawo ezinothileyo okuliphutha,” kusho uDube.
Uthi umangazwa wukuthi kunezinkampani lapha kweleNdlovukazi uMthaniya ezihleli zinethezekile kepha inzuzo kanjalo nengcebo yazo yaba ngenxa yezingazi zaboHlanga.
“Izinkampani iTongaat-Hullet ne-Illovo bathatha umhlaba waboHlanga kepha akekho osukumayo abuze ukuthi loyo mhlaba nomnotho wawo uyobuyiselwa nini kubanikazi. Isizathu esenza lokho phakathi kokunye wukuthi lezi zinkampani zasebenza iqembu elibusayo i-ANC. Lezi zinkampani nje zombili zingoGupta balapha KwaZulu-Natal,” kusho yena.
Uthe iqhingasu lalezi zinkampani uma zibona ukuthi iyakhula le eyomhlaba zibe sezitshala izimali ngaphandle.
“Ubuchule balezi zinkampani kwaba wukuthi ziyotshala izimali ngaphandle, ngoba akubizi kubo ukuhweba ngoshukela ngaphandle kwaleli. Bathe uma sebenze njalo baguqula ibhizinisi labo – umhlaba wokulima – balenza umhlaba wokwakha izakhiwo benza imali ebomvu. Nalapha akekho obuza ngomhlaba waboHlanga.” Uthi kwaba yishwa ukuthi iqembu elibusayo alilwelanga umnotho walesi sifundazwe okuwumoba kunalokho wadedela izinkampani lezi ukuba kukhale esazo isiginci.
UNyamazane ukhale ngokuthi aboHlanga abekho ezindaweni ezimqoka ngokomnotho emadolobheni kunalokho kukhona abezizwe ngisho abangabona abakuleli nokuzoqhubeka umlando wokuba abangumsinsi babe zinkothangqoko nokuyinto athe uma ingabhekwa aboHlanga bangahle babe kulesi simo ungunaphakade.
“Uma ubheka izindawo ezinomnotho abekho aboHlanga. Kuyakhiwa ezindaweni ezifana noMhlanga, iLa Lucia kuya eSalt Rock kuyakhiwa, buka ukuthi ngezobani izinkampani ezizuza lapho? Qhubeka ubheke izindawo zokuhlala ezifana neZinga nalezi ezinganeno kweSibaya ngobani abakhe kulezo zindawo?, ngamaPakistan namaNdiya, abanye abafika nje manje kuleli bezokwenza amabhizinisi. Qhubeka uye kulo mklamo ongaseHammarsdale nakhona ngobani abanamabhizinisi?” kuchaza uDube.
Inkulumo edusayo
Ephawula ngeFreedom Charter kanye noMthethosisekelo waseNingizimu Afrika uthe abaqopha le miqulu yomibili bahlubula aboHlanga. “Inkulumo ethi iNingizimu Afrika ngeyawo wonke umuntu neyaqalwa yiFreedom Charter yabe seyamukelwa nguMthethosisekelo wakuleli yabe yedusa ngoba yabe ithi lo mhlaba akuwona owethu, owawo wonke umuntu. Le nkulumo yabe ifenyisa lokho okwabe kuwumongo womzabalazo waboHlanga. Kuyimanje asinayo into esingayifela nesingathi ngeyethu,” kuphetha uDube
- UDube noMtaka bazoqala izifundo zepolitiki. Esokuqala sizoba ngomhla zingama-30 kwephezulu. Landela isizindalwebu nekhasi leFacebook yeBayede ukuze uthole ukuthi ungabhalisa kanjani.