Akubonakali buzoba ngcono ubudlelwano phakathi kweChina ne-USA nakulokhu



UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
Noma ngabe ubani ongena eWhite House akubonakali izoguquka kalula indlela i-USA eyibona ngayo iChina okuzoqinisa ubutha
Noma ngabe ubani ophumelela ukhetho e-USA, ubudlelwano phakathi kwaleli lizwe neChina abubonakali buzoba ngcono maduze.
Kule minyaka emibili edlule, uHulumeni oholwa uMengameli uDonald Trump usufake iChina unswinyo lwezohwebo kwaphinde kwanyuka ukungezwani ngodaba lwaseHong Kong, lwaseXinjiang, lwaseTaiwan kanye nolwaseSouth China Sea.
Kuleli sonto iBeijing igcizelele isexwayiso sayo esibhekise eWashington ukuthi ipheze ukugxambukela ezindabeni zayo. Nokho ayikaze ithi vu ngokhetho lukamengameli e-USA noma iveze ukuphawula ngokuqhubekayo okungaveza izifiso ngemiphumela.
Ikhiphe izitatimende ithembise ukuthi izovimbela nanoma imiphi imizamo yangaphandle yokugxambukela edabeni lwase Hong Kong noma eMacau. Iphinde yathi izonciphisa izigameko zokugxambukela kwabangaphandle eTaiwan ukuqinisekisa uzinzo.
Lokhu kudalulwe iCommunist Party of China eziphakamisweni zohlaka lohlelo olusha lweminyaka emihlanu lukaHulumeni. Lolu hlelo oluklama indlela yentuthuko yezwe ludalulwe ngoLwesibili.
Umhlaziyi weChina Times uLi Xiaobing uthi isimo sezepolitiki esingesihle kanye nesimo senhlalo esiyinhlakanhlaka eHong Kong ngonyaka odlule sivule intuba yokuthi kube nokugxambukela kwangaphandle. Uthi uhlelo olusha luhlose ukuzovala lezo zintuba.
Khathi kusuka udlambedlu eHong Kong, i-USA ithathe uhlangothi lababhikishi abaphikisana noHulumeni isola iChina ngokuhlukumeza amalungelo esintu nenkululeko. Ibe isifaka unswinyo kubaholi bakuleli dolobha okubalwa noCarie Lam.
IBeijing ithi izoqinisa ukuzigqaja ngobuzwe kuzo zonke lezi zindawo ngesikhathi izisekela zithuthuke zibe izizinda zobuchwepheshe besimanje emhlabeni, ziphinde zikwazi ukuncintisana namanye amazwe.
Odabeni lwaseTaiwan, uhlelo olusha lubeka ukuthi iChina izoqala ithuthukise ukubumba izwe elilodwa kanye nentuthuko enokuthula ebudlelwanweni ngeCross-Straits. Lokhu kuzosho ukuqhubeka kwezinyathelo zokuqeda imizamo yokuthola uzimele geqe eTaiwan.
Lesi sitatimende siphume ngesikhathi i-USA iphasise ukudayisela iTaiwan izikhali zempi ngoLwesibili. IChina isigxekile lesi senzo, ithi sithumela umyalezo omubi kulabo abazibiza ngombutho wezempi waseTaiwan.
Okhulumela uMnyango Wezangaphandle eChina, uWang Wenbin, uthe lokhu kudayiswa kwezikhali kuphula umgomo we-One-China kanye nezivumelwano ezintathu phakathi kweChina ne-USA. Wengeze ngokuthi lesi senzo se-USA siwukugxambukela ezindabeni zangaphakathi eChina kanti futhi siwukucekela phansi ukuzimela kwaleli lizwe. Uthe iChina izothatha izinyathelo ezifanele ngokulandela ukuguquka kwesimo.
“IChina yexwayisa i-USA ukuthi iyeke ukudayisela iTaiwan izikhali kanye nokuxhumana okwenziwa umbutho wezempi neTaiwan, iphinde ivale ngokushesha zonke izinhlelo zokudayisela iTaiwan izikhali,” kusho uWang.
Lesi simo phakathi kwala mazwe sesidale abanye babe nombuzo wokuthi ngabe sekuqale enye iCold War yini, elama leyo eyabe iphakathi kwe-USA neSoviet Union?
Yize kubukeka ngathi kunjalo, kodwa iChina ne-USA izikhondlakhondla zamazwe amabili axhumene kakhulu ngokomnotho nokwenza kube nzima ukuhlukanisa la mazwe, aze azimele ngawodwana gelekeqe. Kodwa inqubo yezepolitiki iyona okubonakala umbango uzinze khona.
Ngakho-ke noma ngabe ubani ongena eWhite House akubonakali izoguquka kalula indlela ubuholi base-USA obuyibona ngayo iChina kanye nokukhula komthelela wayo nokuzokwenza ubudlelwano buhlezi buncikisela.