Now Reading
IChina neCanada basolana ngokuhlukumeza amalungelo esintu
Dark Light

IChina neCanada basolana ngokuhlukumeza amalungelo esintu

Umbango phakathi kweChina namazwe asentshonalanga ubonakale ugxila emalungelweni esintu kuleli sonto emva kokuthi iCanada, ihole amazwe alinganiselwa emashumini amane ekugxekeni iBeijing ngokuhlukumeza abantu kwezinye zezifunda zezwe.

IChina, nebisekwa amazwe alinganiselwa kwangamashumi ayisithupha, ayizange ipholise maseko njengoba nayo ibe isijikijela ezayo izinsolo zokuhlukunyezwa kwamalungelo esintu ethi kwenziwe iCanada kuleliya lizwe kanye nangaphandle.

Konke lokhu kwenzeke ngesikhathi lamazwe abethamele umhlangano wamalungelo esintu ngaphansi kweNhlangano Yezizwe kuleli sonto, nokube into eyenze ubudlelwano phakathi kweChina neCanada bube bubi kunakuqala.

Inxusa laseCanada uLeslie Norton, efunda isitatimende samazwe angamashumi amane okubalwa ne-Australia, iBritain, iGermany ne-USA, uthe bakhathazeke kakhulu ngendlela iChina ephethe ngayo izifunda iXinjiang, Hong Kong kanye neTibet, nalapho iBeijing isolwa khona ngokucindezela abantu.
“Sinxusa iChina ukuthi ivumele izingqapheli ezizimele ukuthi zivakashele isifunda saseXinjiang, kanye neKhomishana Wamalungelo Esintu,” kusho uNorton.

Kule ndawo iBeijing isolwa ngokuqhuba uhlelo lokuqeda abantu besizwe sama-Uyghur nabalandela inkolo yamaSulumane.

IChina isolwa ngokuthi igqume abantu abalinganiselwa esigidini ezinkanjini lapho befundiswa khona ukuze bashiye inkolo yabo. Nokho iChina kanye nabaholi bakulesi sifunda sebezichithe bephindelela lezi zinsolo. IBeijing ithi uhlelo olukhona kuleya ndawo ilolo lukulwisana nabashokobezi nalapho abantu ababoshelwa izigameko ezihlobene nakho beyiswa khona ezikhungweni lapho behlinzekwa khona ngamakhono.

Inxusa laseCanada uLeslie Norton ubalule izinsolo zokuhlukunyezwa kwabantu, ukuphoqwa kwabesifazane ukuthi bavale inzalo kanye nokuhlukaniswa kwabantwana nemindeni yabo njengezigameko okuthiwa ziyenzeka esifundeni saseXinjiang.

IChina itshele iCanada ukuthi ayizinuke amakhwapha yona emva ngaphambi kokuthi ibone abanye abahlukumeza amalungelo esintu. IChina, ifunda isitatimede ebesesekwa iRussia, iBelarus, i-Iran, iVenezuela, iNorth Korea, neSyria, ikhwele yadilika kuCanada kulo mhlangano, igxeka umlando ongemuhle wokuhlukumeza nokucwasa abantu bendabuko kuleliyazwe kusukela ngezikhathi zobukoloni.

Ohola ithimba elimele iBeijing kuNhlangano Yezizwe uJiang Duan ukhombe isigameko sakamumva lapho kutholakale khona amathuna anganamagama okukholakala ukuthi awezingane ezingama-215 emagcekeni esikole. “Sithi akube nophenyo oluphelele nolungachemile ngalezi zigameko lapho kwenziwa khona amacala kubantu bendabuko eCanada, ikakhulukazi ezinganeni, ukuze kube nobulungiswa kujeziswe abenzi bokubi, bese kunxephezelwa izisulu,” kusho uDuan.

See Also

Ngenyanga edlule, abesizwe sabomdabu eCanada, iTk’emlupus te Secwepemc First Nation bathole lamathuna abakholelwa ukuthi awezingane ezisuselwa eminyakeni emithathu nezangcwatshwa emagcekeni alapho okwabe kuyisikole iKamloops Indian Residential School, esabe singesikhulukazi eCanada.

Phakahti kowe-1831 kuya kowe-1996, izikole lapho kwakuhlala khona abafundi eCanada zabe ziphoqa ukuthi izingane zihlukaniswe nemindeni yazo, zaphinde zathola ukuhlukumezeka kuzona, zilanjiswa, ezinye zidlwengulwa, ngokuthola kweKhomishini Yamaqiniso eyaphenya uhlelo olwabizwa “ngeCultural Genocide” ngowezi-2015. “Ngokomlando, iCanada yantshontsha umhlaba wabantu bokudabuka ezweni labo, yababulala yaphinde yaqeda amasiko abo,” kusho uDuan.

Uqhube wagxeka indlela okuphethwe ngayo abantu abafika ngokungemthetho nabafuduke besuka kwamanye amazwe, nalapho uDuan ethe abaphethwe ngendlela enobuntu, kulezi zikhungo abavalelwe kuzo.

Uphinde wasola amasosha aseCanada ajutshwe emazweni ehlukene ngokubulala abantu ngokungemthetho, nokucwasa abantu bamaSulumane. UNdunankulu waseCanada uJustin Trudeau naye ube nawakhe amagama aqinile awabhekise eChina khathi ephendula esitatimendeni sokuthi izwe lakhe kumele liphenywe ngokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu bokudabuka kuleliya lizwe. “Ikhomishana yamaqiniso nokubuysana yaseCanada yawenza umsebenzi phakathi kowezi-2008 nowezi-2015 wokubhekana nokuhlukunyezwa kwabantu bokudabuka kuleli lizwe. Iphi ikhombishana yamaqiniso nokubuyisana yaseChina? Liphi iqiniso?” kubuza uTrudeau.

Scroll To Top