Umzabalazo kaMsizi Dube usaqhubeka



USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Nanamuhla akekho ongabaza uthando lwakhe ngomphakathi ayephila nawo. Yilolu thando olwenza wabulawa khona emphakathini ayewulwela waseLamontvillie. KuMnu uMsizi Harrison Dube nayehola nabo ngaleso sikhathi lokhu abaningi namuhla asebekubiza ngamalungelo esintu aqukethwe nguMthethosisekelo, kwabe kuwumongo womzabalazo wansukuzaphuma kuleli lokishi elidala eThekwini nelasungulwa ngowe-1937. Ukusungulwa kwalo kwabe kulandela isinqumo sikahulumeni wangaleso sikhathi sokususa aboHlanga kuMansel nakwezinye izingxenye zedolobha iTheku sebefudukiselwa emalokishini. Basuswa nje aboHlanga kwabe kungenxa yesikhalo samadlagusha, ondlebezikhanya ilanga ababethi ukwanda kwaboHlanga ezindaweni eziphakathi edolobheni “kwenza bazizwe bengaphephile”.
Isiqalo saleli lokishi ngowe-1937 kwaba yizindlu ezingama-481 nezakhiwa emhlabeni owawungama hektha angama-700. Impilo kubantu baleli lokishi yabe iwumzabalazo njengoba kusenjalo nanamuhla. Ngesonto eledlule ElaboHlanga lihambele kwenye ingxenye yaleli lokishi nayilapho bekunesikhalo sezindlu ‘ezintsha’nobekubikwa ukuthi ziyawa. Emuva kokushicilela lolo daba ElaboHlanga lithintwe ngabantu abehlukene, abanye bazalelwa kuleli lokisho kepha abasahlali khona kanti abanye bangumsinsi futhi kabayi ndawo. Lokhu kwenze ElaboHlanga lanquma ukubuyela eLamontville nayilapho kuvele olunye usizi lwaboHlanga.
Cishe kubo bonke okukhulunywe nabo isikhalo besisodwa, ukuthi umzabalazo kaDube wokulwisana noKopeletsheni waba yize leze, wafela ubala ngoba ayekulwela nokwathenjiswa phezu kwebhokisi lakhe ngosuku lokumlondoloza nanamuhla akukagcinwa. Izitezi ezindala ezikwaGijima nakuRoad 1 zisakulesiya simo yize abantu bezama ukupheshaphesha.

Okunye okwabe kuyisikhalo ngezindlu zaseLamontville izinga eliphansi okwabe kwakhiwe ngalo, bheka nje ezingcemeni ezifana neNylon kuthiwa umakhelwane wawuzwa konke akwenzayo ngenxa yezindonga ezazingekho esimeni ezazihlukanisile.
Umndeni wakwaKhwela ohlala kuCele Avenue kuward 74 uchaze lonke usizi olushaqisayo, waveza nokuthi ngisho imali yerenti eyayilwelwa uDube namanje basayikhokha kulezi zitezi futhi ezinye sezavalelwa namanzi ngoba zehluleka ukuwakhokhela.
UMnu uZithulele Khwela ozalelwe khona eLamont ngowe-1983, uthe isimo sibi ngale ndlela yokuthi indlu abahlala kuyo balala bagcwale emagunjini okulala amabili baze balale nakwelokuphumula. Uthe ngisho naye akazi ukuthi bangaki endlini yakubo kodwa okubi kakhulu ukuthi selokhu yakhiwa kuqalwa iLamontville ayikaze ilungiswe, sekuguga ingqalasizinda eyayifakwe uKopeletsheni.
“Uma kulungisiwe abantu bamathenda bafaka izinto ezingekho ezingeni ezisale ziwohloka kungakapheli ngisho isikhathi esingakanani. Lapha nje ekhaya bagcina ngokuplastela ngaphandle bapenda kuphela. Uphahla lusafulelwe ngo-asbestos awukaze ushintshwe selokhu wafakwa kudala nathi singakazalwa. Uyazibonela nje nawe usuguge kanjani, usuhlula ngisho siwupenda phezulu ukuze kungangeni imvula. Imali yerenti sisayikhokha nanamhlanje. Ngikhuluma nani nje lapha ekhaya sesikweleta izinkulungwane ezimbili manje zerenti kanti kweyamanzi sikweleta izinkulungwane ezingama-R46. Uma siya ekhanseleni siyobika ngenkinga esinayo njengoba sesavalelwa namanzi, sifica kukhona amantombazane ahlala ehhovisi avele alwe nathi kubesengathi ayikhansela qobo angafuni nokusinikeza izincwadi uma sizidinga. Kwesinye isikhathi umuntu ubuka umazisi wakho athi wena awukaze uvote akushiye kanjalo,” kusho uKhwela.

UKhwela ubuye ahole ikomiti lo mphakathi eLamontville kanti uthi nasemikhankasweni ye-ANC uhlale ephambili kodwa uma isidlulile uMasipala uyabuya azobaphuca amamitha amanzi, yingakho sebewakha ngezigubhu komakhelwane.
Ngendlela abaningi ngayo kwaKhwela, kwayena ulala egunjini lokuphumula kanti nemishini yakhe yokuqopha umculo igcwele kulo leli gumbi. Kumanje uhlanganise icwecwe elinezingoma ezili-12 zokukhumbula ingqalabutho yomzabalazo uMnu uHarry Gwala okuhlangana iminyaka eli-100 azalwa nayenze kulo leli gumbi lokuphumula abuye aphazamiseke ebusuku uma umndeni usuphelele kanti ulenze noMnu uMandla kaNozulu naye ongowokuzalwa eLamontville.
UNks uJabulile Ndlovu yena owazalwa ngowe-1971 kuzo lezi zitezi, uthe okubuhlungu ukuthi njalo uma kunemibuthano kaDube yokumkhumbula bahlale bethenjiswa imisebenzi nezindlu kodwa abakuboni.
Uthe bathenjiswa ukuthi njengoba imindeni isiyandile kulezi zitezi, bazokwakhelwa ezintsha ukuze abanye bayekuzo baphunguke kulezi ezindala.
“Kunalokho sibone sekulandwa abantu emahositela nako-Eastern Cape esingazi ukuthi lokhu kwenzeke kanjani. Sibe sesiziqalela imijondolo yethu eDizababa/Addis Ababa ngoba senzela ukuphuma ezitezi ukuze izingane zethu zibe nezindawo zokuhlala. Saxoshwa kuleyo mijondolo sabuyiselwa emakhaya. uHulumeni wasithembisa ukuthi uzosakhela kwabe sekufakwa izinombolo no-R ezindlini okwakukhomba ukuthi imijondolo esasiyakhe emagcekeni angemuva ezitezi izodiliswa sikhishwe sifakwe ezindlini ezintsha. Kuze kube manje akukaze kwenzeke lokho njengoba simpintshene nabazukulu nezingane ezindlini nathi esazalelwa kuzo,” kuchaza uNks uNdlovu.
Uveze nokuthi inkinga inkulu kunakuqala kulezi zitezi ngoba amagceke awasekho ngenxa yokuthi kuvele kube nomakhelwane ongaphansi obona esefake ubhazabhaza wecontainer, bese kuphela ngisho indawo yokubeka itende uma kushoniwe noma kunomcimbi.
Uqhube wathi kwesinye isikhathi sebeze bayocela komakhelwane abakude ukubeka itende uma kushoniwe noma bayolibeka enkundleni yezemidlalo.
Uthe nakhona lapho uma besenkundleni yezemidlalo uMasipala uthumela amaphoyisa alidilize basale bekhihla isililo.
UMnu uThemba Zungu owazalwa ngowe-1950 khona eLamontville, uthe yena usizi ulwazi lonke kusuka ngezikhathi zoDube kulezi zitezi ngakho ubona lwalungcono kunolwamanje.
“Uyabona isimo manje salezi zitezi sesivele sadlula lesiya sikhathi sikaKopeletsheni. Kubheda impela manje ngoba uKopeletsheni yize sasikhala kodwa kwakubuye kulungiswe ulisaba nehlazo lokugxekwa. Laba bamanje sebehloba ngalo abasenandaba. Yikho ubona lezi zitezi sezibheda kakhulu kunakuqala. Sekuvele kulethwe abantu bamathenda bakhiphe amapayipi ayeqinile eyinsimbi bafake lokhu okungoplastiki okuguga manje. Kubuhlungu lokhu esikubonayo ngoba ngisho amafasitela awakaze ashintshwe selokhu kwaba yilawo eminyaka kaKopeletsheni njengoba eguge eyinqaba nani niyawabona,” kuchaza uZungu.
Lezi ezingezona izitezi esezilungisiwe kukhona okuthiwa seziqalwe phansi cishe kathathu ngenxa yokuhluleka kwabantu bamathenda. Ezinye ziyawohloka ngaphakathi.
Esitolo esidala kule ndawo esiseposini eKuphileni, Ozul’zayithole bafice abesilisa asebekhulile bezihlalele abathe babekhona ngisho emngcwabeni kaDube.
UMnu uLindani Ngcobo naye ozalelwe eLamontville uthe okumphatha kabi ukuthi nezinto ezakhulunywa emngcwabeni kaDube zifundwa phansi akukho nokukodwa okungamjabulisa uma kungathiwa uyavuka abuke izithukuthuku zomzabalazo wakhe.
“Umngcwabo wakhe wawulaphaya phansi ehholo okuyilapho bonke abantu ababegcwele khona. Yebo kwakukhulunywa ipolitiki kakhulu kodwa ezinye zezinto ayezilwela zashiwo. Nokho thina esazi konke ngeLamontville nomzabalazo wakhona akukho esikubonayo. Abaholi abakhona bazidlela imali namathenda uyabona nje ukuthi lapha sekudlalwa iLotto. Empeleni izinto sezibheda kakhulu kunakuqala njengoba ubona nje izitezi ukuthi azilungiswa nezilungiswayo awuboni nje. Irenti isakhokhwa namareythi ayakhokhelwa. UMsizi Dube wasilwela sonke,” kusho uNgcobo.
Kuward 69 yilapho kukhona umuzi kaDube kodwa sewadayiswa.
Nokho umakhelwane wakhe okunguNks uThokozile Nkosi owabe eneminyaka yobudala engama-24 ebulawa nokunguye owabona ngisho ababulali sebebaleka bazithela kuye, akaneme neze ngesimo saseLamontville.
“Uyazi nifike ngesikhathi esikahle impela ngoba asineme neze ngokwenzeka lapha eLamontville.
Sikesakhala ngisho nangephaseji leli ababulali ababaleka bakhuphuke ngalo ukuthi kungani lingalungiswa ngoba lisemthethweni ukuze izingane ziyeke ukuzungeza ngomgwaqo uma ziya esikoleni ngoba zishayiswa izimoto. Wonke amaphaseji ayalungiswa lapha kuze kulungiswe nezitebhisi kodwa lona selokhu laba umhosha onobhuqu,” kusho uNks uNkosi.
Uthe namanje sebakhathala nawukuthi izikhulu njalo uma zifika ngoNcwaba zingama-25, okuwusuku abasuke bekhumbula ngalo uDube, bathembisa izulu nomhlaba kodwa ababoni lutho.
Umshana kaDube ozalwa udadewabo uNkk uDaphney uMaDube Mnguni, okunguNkk uThulile MaMnguni Dukuda, uthe uninalume umzabalazo wakhe uphelele ezeni ngenxa yesimo senhlupheko esisaqhubeka eLamontville.
Uthe nezindlu lezi ezingamaNylon abantu bamathenda bafika bazilungisa ngendlela engacacile baze banciphisa namafasitela.
“Sazabalaza kodwa usungaphika ngoba asizuzanga lutho kulowo mzabalazo njengoba ubona lapha esihlala khona akukho lutho ongakukhomba. Ngisho neKhansela lethu uBranden Pillay uvele afike akhulume amanga ahambe angaphinde abuye,” kusho uMaMnguni Dukuda.
Uveze ukuthi ngendlela asebeyizame ngayo intuthuko ufake ngisho ingane yakhe emakomitini entuthuko kodwa kunhlanga zimuka nomoya abatholi lutho.
Uthe odadewabo bakaninalume kuhlanganisa nonina sebeshone bonke kanti owakamuva udlule emhlabeni ngesikhathi kuqala ukhuvethe.
Indodana kaDube esisele okunguMnu uVusimuzi Dube ithe ihlala ezindlini zomxhaso ezingakhona eLamontville.