Iphumalimi lichaphe owoHlanga wavula icala



UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
Ithukuthele ithelwa ngamanzi indoda yaseHluhluwe exoshwe emsebenzini ngoba yenqabe ukukhacwa ngumfana weBhunu oyibize ngaphansi kweziketi zikanina esebenzisa namagama angemukelekile okucwasa.Lokhu kulandela ukuthi uMnu uMandla William Buthelezi obeqashwe njengomshayeli epulazini iWegro Farm okuyipulazi likaphayinaphu elidume ngelakwaMabhaklaba, ekhacwe wachashwa nangenhlamba nguMnu uDander Bicsoff. Uphinde wambiza ngegama eliqala ngo-K nokuthi uyinkawu kubuka abasebenzi.
Kumanje, uMnu uButhelezi oneminyaka engama-46, usevulele uMnu uBicsoff icala lokumehlisa isithunzi alivule emaphoyiseni aseHluhluwe. IBAYEDE inayo inombolo yecala uMnu Buthelezi alivulile uMnu uBicsoff. Le nombolo yecala ithi: Hluhluwe Cas 26/8/2019. UMnu uButhelezi uthi lesi sigameko simehlele ngomhla zingama-25 kuNtulikazi nonyaka yize icala eze walivula ngomhla zingama-26 kuNcwaba.
“Besikade sinomhlangano wabasebenzi obubizwe ngumqashi ukuzodingida izinto ebesingathokozile ngazo. Lapha kubalwa nokuthi umqashi ubesengeze amahora wenyusa nezinsuku zokusebenza ekubeni imali ingenyusiwe,” kusho uMnu uButhelezi.UButhelezi ongumnuzane wekhaya uthi umhlangano wabo nabaqashi uphethwe kahle njengoba kube khona ukuvumelana.
“Kuthe umhlangano usuphelile sisazintelela singabasebenzi nenye imeneja yeBhunu, kwavele kwaqhamuka uMnu uBicsoff ongangendodana yami engishawoda ethi; ‘Hheyi! wena K— Pss, nkawu! Uxoxani nalabo bantu’. Kuthe uma ephinda ngamkhuza ukuba angaqhubeki nokungibiza ngamagama okucwasa ngibe ngimdala kunaye. Kodwa yena uMnu Bicsoff uqhubekile wathi ngizokwenzani uma eqhubeka nokungibiza ngala magama. Kugcine sekushube isimo kwaze kwaswelakala nogadla kuqala phakathi kwethu,” kuqhuba uMnu uButhelezi.
Uthi uMnu uBicsoff uthe esuka wathi makaqoqe wonke amasakana akhe aphume aphele epulazini likayise uma engafuni ukubizwa ngala magama okucwasa ngoba aboHlanga babizwa ngawo. “Ithe isuka le ngane yahamba yabuya isibuya namafomu okuzongixosha emsebenzini. Izame ukungiphoqa ukuba ngiwasayinde kodwa ngenqaba. Ngiyitshelile ukuthi noma ngabe ngiyawuthanda umsebenzi, kodwa angeke ngivume ukuthukwa yingane ngimdala ingibiza nangamagama okucwasa,” kuqhuba yena.
Uqhuba uthi: “Ibe esethi angihambe ngiye ekhaya ngiyocabangisisa kahle ngesinqumo sakhe bese ngimazisa ngocingo ngesengikucabangile ngoba yena akasangidingi epulazini lakubo. Kwale noma ngimesabisa ngokuthi ngizomvulela icala lokungethuka ngamagama okungicwasa kwaba nhlanga zimuka nomoya. Uthe akanendaba noma ngingayomvulela icala kodwa ngeke enziwe lutho ngoba umndeni wakubo wazana nemantshi yendawo.”
Uthi kuthe ecela inombolo kaMnu uBicsoff ukuze amfonele ukumazisa ngesinqumo sakhe, kwangenelela enye imeneja yeBhunu ethe kugcono afonele yona kunokufonela uMnu uBicsoff. Uthi le meneja ithe iyona ezokwazisa uMnu uBicsoff ngesinqumo esithathwe nguButhelezi.
“Kuthe sengiyolanda imoto yami ntambama ebengiyishiye epulazini lo mfana ube esengiphoqa ukuba ngesule emsebenzini ngaphambi kokuqoqa izimpahla zami nazo engizifice sezikhishelwe ngaphandle,” kusaqhuba yena.Uthi isizathu esenze icala walivula sekuhambe isikhathi kungenxa yokuthi iphoyisa alifica esiteshini lenqaba ukumsiza lathi kumele kuqala ayokhulumisana noMshushisi.
“UMshushisi uthukuthele ngimtshela ukuthi amaphoyisa athe angize kuyena uma ngifuna ukuvula icala. Ungibuyisele emuva wathi ngamaphoyisa okufanele angisize ngokungivulela icala. Ngenhlanhla elinye iphoyisa engilifice esiteshini lingisizile langivulela,” kuqhuba uMnu uButhelezi. UMnu uBicsoff uphike walala ngomhlane ukuthi uxoshe uMnu uButhelezi ngoba enqabe embiza ngegama eliqala ngo-K nokuthi uyinkawu.
“Akusilo iqiniso ukuthi ngasebenzisa amagama okumcwasa. Nginanofakazi bezisebenzi ezingama-50 ebezikhona ezingangifakazela ukuthi angikaze ngiwaphimisele amagama anjalo,” kusho uMnu uBicsoff.
Ebuzwa ukuthi uyazi yini ngecala avulelwe lona nguMnu uButhelezi lokumehlisa isithunzi uphendule kanje: “Alikho icala angivulele lona ngaphandle kokuthi waya emaphoyiseni eyokhala,” “Futhi ngamanga ukuthi ngimxoshile. Empeleni uzesulele ngokwakhe. Nginencwadi yakhe yokwesula emsebenzini azisayindele yona ngokwakhe. Angithandi ukuqhubeka nokukhuluma lolu daba. Futhi angiqondi ukuthi kungani ufuna ukuqhubeka nokubhala ngale mbudane yodaba ngoba luyinto engekho,” kusho uMnu uBicsoff ngaphambi kokuvala ucingo lwakhe.
Ngemuva kwemizuzwana uMnu uBicsoff ubuye washaya ucingo manje eseshaya ungqimphothwe esekuvuma ukuthi uwasebenzisile amagama okucwasa.“Lokhu kwenzeka ngoba bekukhona ukungqubuzana phakathi kwethu. Empeleni besithukana naye njengoba ebethi mina ngiyi ‘F…Gundane’. Ngizamile ukumkhuza ukuba apheze ukungibiza ngaleli gama kodwa waqhubeka ngenkani, nami-ke ngaziphindisela ngokuthi uyiK… Pss nokuthi uyinkawu. Nginezisebenzi ezingama-50 ezizongifakazela enkantolo ukuthi nguyena uButhelezi oqale kuqala ukungichapha ngenhlamba,” kusho uMnu uBicsoff.
UMnu uBicsoff utshele intatheli yeBAYEDE ukuthi naye usecabanga ukuyomvulela icala uButhelezi lokumethuka. UMnu uButhelezi uthi uselindele usuku lokuqulwa kwecala lakhe. “Okwamanje nganelisekile ngokusebenza kwamaphoyisa njengoba umphenyi wecala ebonakala elusukumele lolu daba lwami njengoba ehlale engazisa nsuku zonke ngokuqhubeka kophenyo,” kuqhuba uMnu uButhelezi.
Uphethe ngokuthi ufisa namaqembu ezepolitiki afana ne-Economic Freedom Fighters (EFF) alungenele lolu daba ngoba ukuxhashazwa nokucwaswa kwabantu boHlanga emapulazini akuleli okwenziwa ngabalimi abamhlophe ikakhulukazi epulazini lakwaMabhaklaba kuyinsakavukela. Uthi omunye wozakwabo usanda kuxoshelwa ubala ngoba nje ehlelwe yingozi yokugingqika nogandaganda kade kusentshenzwa epulazini. Uthi lo zakwabo onguMnu uThulani Mhlongo uxoshwe wanganikwa ngisho indibilishi. Kumanje naye ubamangalele abanikazi baleli pulazi.Omunye wabasebenzi kodwa ongathanga kudalulwe igama lakhe ukwesabela ukuthi angase ahlukunyezwe ukuqinisekisile ukuthi ngempela uMnu uBicsoff usukele uMnu uButhelezi wambiza ngamagama okumcwasa.Lo mthombo uphethe ngokuthi bengabasebenzi bazoya ngobuningi enkantolo ukuyofakazela uMnu uButhelezi ngoba konke kwenzeke bebuka.