Isikole siyalila: Asiphelelanga ngoba uBobo akekho nathi
USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Usuku athi uyobe engufulathela zimbuke kwaba wusuku okwatholwa ngalo isidumbu sakhe
Kubafundi isikole siyikhaya lesibili. Kusesikoleni lapho abafundi bechitha amahora amaningi nothisha nabangani. Yilapho umuntu ebonakala khona ubuyena njengoba ehluba kubuka wonke umuntu. UBobo Mbuthu wabe efana nazo zonke izingane egangile futhi engumuntu wabantu. Yilesi sizathu ukulimala kukaBobo kwawuhlukumeza kakhulu umndeni wakhe wesibili. Okwabuye kwaba yisilonda kakhulukazi kulabo ayefunda nabo ‘yisiprofetho’ sakhe uBobo sokuthi ngosuku lapho isikole siyoba nomcimbi wokubungaza abafundi bebanga le-12 amehlo ayobe ethe njo kuye. Nembala lwafika olungaliyo umhla ziyisi-8 kuNhlaba wezi-2020. Umehluko ukuthi izwe lonke labe libuka ukukhiswa kwezingxenye zesidumbu sakhe edamini elinamanzi amnyama iWewe.
Lokhu kwashabalalisa amaphupho kaloyo ayemcele njengempelesi yakhe ngosuku lomcimbi wesikole (matric dance) uMbali Vundla nowayemagange ngosuku lwabo. Abafundi abaxoxa nelaboHlanga bazeka lokhu bathi ngesikhathi esho la magama uBobo wayeze akhase phansi esho okuzokwenzeka.
Echaza uMbali ngalokhu uthe: “UBobo wafika kimi wangicela ukuthi abenguphathina wami kumatric dance. Ngavuma wabe esethi sesiyohlangana kuyo. Kunalokho kwabe sekufika izindaba ezibuhlungu zokuduka kwakhe kwaqede kwavela ukuthi utholakale ebulewe, ephonswe emfuleni,” kusho uMbali.
Omunye umfundi wasegunjini-13 nayilapho ayefunda khona uBobo uthe: “UBobo ubehlupha ngale ndlela yokuthi ubungeke ukwazi ukumziba ukuthi ukhona ekilasini. Bekuthi uma sesisenkingeni kungekho onezimpendulo ezidingwa uthisha, uBobo aphakamise isandla aqhamuke nempendulo. Sonke besazi ukuthi uma lokhu singakwazi okubuzwa uthisha kodwa okusalayo uBobo uzositakula,” kusho lo mfundi.
Kunomunye othe: “UBobo bekungumngani wami futhi ubeyithanda impilo emnandi ngoba wayehlala ethi ngonyaka ozayo siyobe sihlala eRes sesifunda eVarsity, ethi yena usazoduma sisazobona kahle. Manje sengiyayibona lento kamngani wami yodumo ukuthi imlandele ngoba ukushona kwakhe kumenze waduma kakhulu kunakuqala. Kubuhlungu nje ngoba yena akazange esalubona lolu dumo olungaka ayehlale exoxa ngalo,” kuchaza umngani obehlala eduze kwakhe.
Abafundi abenabo kumatikuletsheni bathi abasoze bamxolele umbulali futhi mhla bambona bayomubamba ngezabo izandla ngabenze khona.
Bakusho lokhu bechaza impilo kaBobo abeyiphila nabo nangendlela abathi ubeyiyo.
Bazisholo bona ukuthi ubehlale ebatakula ngezimpendulo uma uthisha esezifuna, lapho bathi ubeqhamuka ngoba kungasekho ophakamisayo.
Yize abafundi bebexoxa behleka belingisa izinto abezenza kodwa kubenosizi ngesikhathi omunye echaza ubuhlungu abuzwa ngesikhathi engasafiki kumatric dance ayemcele ukuthi abenguphathina wakhe kuyo.
Uthisha kaBobo, uNkk uNcamane uveze olunye uhlangothi okukhombise ukuthi lo mfundi ubesondelene kangakanani nabafundi abangozakwabo nanothisha bakhe.
“Mina ngesikhathi ngiqala ukufundisa la ibanga-12, kwangena uBobo, ngakhuza ibhadi ngaya kothisha abanye ngathi ngeke nje le ngane izofunda ekilasini lami ngoba iphaphe kanje. Angizukubanawo nje amandla okuyikhuza ngoba ngiphansi ngokokudalwa. Omunye wozakwethu wangicela ukuba ngiyivumele ifunde kuleli kilasi lami, wathi bazongilekelela uma ngihlangabezana nenkinga. Kusuka lapho uBobo sibesesijwayelana engivakashela nasekhaya angitshele ukuthi yena ufuna ukuba yihustler. Mina ngangingayizwa kahle leyo ngoba igama leli engilubuka ngenye indlela enzima ukuba yihustler. Yingakho ngangithi kumele ngonyaka ozayo ayoqhubeka nemfundo ephakeme. Iqiniso nje ukuthi selokhu adlula emhlabeni kunzima ezinganeni nakimi nje,” kuchaza uNkk uNcamane.
Uthe ngisho usizo lokwelulekwa ngokwengqondo alubagculisanga ngenxa yokuthi lwalwenziwa ngezikhathi zokhuvethe futhi nezingane zithi azisizakalanga.
UNksz uRegina Nomusa Khoza ongomunye wothisha asebeyibambe iminyaka kulesi sikole, uthe izinhliziyo zabo zisebuhlungu ngokwenzeka kuBobo.
“Mhla edukile ngashiya konke ekhaya eThekwini ngeza eHambanathi sahlangana nomndeni kodwa kwacaca ukuthi ingane ayitholakali. Kuthe emva kwalokho kwavela ukuthi uBobo ushonile. Nokho ubuhlungu bushaye ngamandla sesibuya kumvalelwakhaya (lockodown). Nezingane bezingafundi kahle kubonakala ukuthi zishayekile. Ekilasini lakhe njengoba ugrade-12 uhlukene ngezigaba bebengama-26 kodwa manje sebesele bangama-25 sebebonke abafundi. Ubehlupha uBobo ngale ndlela yokuthi bengithi uma ngikhuza abanye abafundi, uma sengihambile, asale engilingisela. Ngaze ngambamba ngabe sengithi ngoba nakhu ziyamlalela zibaleke zicabanga ukuthi yimi akasale eseqhubeka ngoba uyangisiza,” kusho uNksz uKhoza.
Uthe uBobo ubekuthanda ukubhukuda nokuyikho abehamba ephambili kukho nemidanso. Uthe yize ebehlupha kodwa ubefana nezinye izingane engakaze abesebugebengwini.
Uthishanhloko, uMnu uHenry Sfiso Cebekhulu, uthe abazi bayosivala kanjani isilonda abanaso ngokubulawa kukaBobo.
“Ukushona kwakhe kusishaye sonke lapha esikoleni. Ubengumfundi njengabo bonke kodwa obelalelwa futhi ethanda abanye. Uma kuyisikhathi sekhefu ubecela ukuwasha izimoto zothisha noma adayise. Bekuthi uma ekubona ukuthi ushayekile njengothisha kulezo zinsuku bese ethi hhayi thisha ungathatha ungibone uma usuholile. Ubehlupha yena ngale ndlela yokuthi ubevele afike esikoleni egqoke amasokisi aluhlaza noma abomvu ekubeni umthetho uthi akugqokwe awumbala wonfaniswano wesikole. Besize simbuze ukuthi yini kwenzenjani weKhomanisi elincane?” kusho uCebekhulu.
Ngesikhathi ekhuluma bekucaca ukuthi kule minyaka efundisa eNkosibomvu njengoba aqala ngowe-1987, ubeqala ukuhlangana nomfundi ofana noBobo futhi nokubulawa kwakhe kumqede amandla.
Uthe ukuduka kukaBobo kwabashaqisa kakhulu esikoleni. Uthe okubuhlungu kakhulu ukuthi wazingenela yena emotweni yabasolwa ngoba kwakungabantu abaziyo kanti akazi ukuthi ngalelo langa sekuwusuku lwakhe lokugcina ephila.
Emchaza, uthe uBobo wayephezulu ekilasini lakhe kubafundi abenza kahle.
“Iqiniso ukuthi ukubulawa kukaBobo kwenze kwabanzima ngoba omunye wabafundi bethu nguye ongufakazi wenkantolo kanti wenza ugrade-10,” kusho uCebekhulu. Lokhu okwenzeke eNkosibomvu kubonakale kubashaqisile othisha njengoba lesi sikole sivamise ukubasematheni ngokuphumelela kahle kubafundi bakamatikuletsheni kwazise yiso kuphela esibhekelele abafundi boHlanga.
Sisendaweni eyilokishi okuyilo kuphela elaboHlanga oThongathi okuyiHambanathi. Sinabafundi abangaphezulu kwezinkulungwane ezimbili. Ngowezi-2017 uCebekhulu nesikole bahlonishwe ngeNelson Mandela Centenary Award ngokusebenza kanzima ngokuthi kuphumelele abafundi bakamatikuletsheni abangama-320 kwabangama-400 ababebhala.
Siyisikole esingakhokhi kodwa ngenxa yokuntula izidingo, abazali bavumelana ukukhokha imali ethile ukuze isikole sikwazi ukubhekana nezidingo zansuku zonke eziyisidingo.