Inzukazikeyi ngokumiswa kweMeneja esolwa ngenkohlakalo
UMoshoeshe uyintatheli engxile kwipolitiki nezomphakathi.
Kuthiwa isatshiswa okwenyoka iMeneja yoMkhandlu wesifunda uGu osekwenze ubuholi balo Masipala bahudula izinyawo ngezinhlelo zokumiswa kwayo emsebenzini kulandela izinsolo zenkohlakalo ethinteka kuyo ezivele embikweni wophenyo olwenziwe uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu KwaZulu-Natal.
IMeneja uDhanpalan Devaraj Naidoo (osesithombeni) isolwa ngokuba ingxenye yabathinteka enkohlakalweni yezizumbulu zoMkhandlu njengoba kubikwa ukuthi bekukhokhelwa izinkampani yize engekho amadokhumenti akhomba ukuthi imisebenzi ziyiqedile nokuthi kunebezisondelene nomndeni wakhe ebezihlomula kumathenda.
Lo mbiko onezincomo obhalwe: “TCS: 005/2019” usuthuliwe eMkhandlwini lapho iMeya uSizwe Ngcobo igcine ibhalele uMnyango idalula abazokwenza ukuze abathintekayo babhekane nomthetho.
Kulolu daba sekungenelele nabeSouth African Municipal Workers Union (SAMWU) abathe uNaidoo kufanele ngabe kade axoshwa.
IMeya ibingatholakali ocingweni lwayo njengoba nomqhafazo onemibuzo leli phephandaba eliyithumele yona ingawuphendulanga.
Ibe isithunyelelwa okhulumela uMkhandlu, uMnu uFrance Zama, othembise ukuyidlulisa kuMeya athe isematasa nomunye umphathiswa.
Phakathi kwemibuzo bekukhona ongezinsolo zokuthi yesaba uNaidoo nokuthi bathini ngezinsolo zokuthi ukubakhona kukaNaidoo emahhovisi oMkhandlu kumnika isikhathi esanele sokuphazamisa uphenyo ngokuthi afihle imininingwane engase idingeke ophenyweni.
Kubuzwe nokuthi isigcawu samakhansela sizoluhlalela nini lolu daba njengoba lungekho ohlwini lwezihloko okuzokhulunywa ngazo emhlanganweni wamakhansela namuhla.
ElaboHlanga lingakudalula ukuthi udaba lukaNaidoo aluxoxwanga emhlanganweni obungoLwesithathu wesigungu esilawula uMkhandlu njengoba kuxoxwe ngokuthi kuthathwe isinqumo ngempahla yoMkhandlu engasatholakali.
Kuthiwa amaqembu aphikisayo kulo Mkhandlu afuna abacwaningi bamabhuku baphenye ngokulahleka kwale mpahla.
Izinsuku eziyisi-7 ebezinikwe uNaidoo ukuba anike izizathu ezingenza ukuthi angamiswa ziphela namuhla. Kuvela ukuthi useyiphendulile incwadi abebhalelwe yona.
Abamaqembu aphikisayo, uMnu uLeornard Ngcobo weDemocratic Alliance (DA) noMnu uSimphiwe Mthethwa, bakuqinisekisile ukuthi okudala ukuhamba kancane kokumiswa kukaNaidoo ukuthi uyesatshwa njengoba kuthiwa usondele kakhulu kwabanamandla ngaphakathi enhlanganweni ebusayo esifundeni uGu.
“SiyiDA sakubeka ukuthi ukuvela kwakhe embikweni kaCogta kuwubufakazi bokuthi kukhona angakwenzanga kahle njengomphathi kaMasipala yingakho sathi akamiswe ngokushesha,” kusho uNgcobo.