Now Reading
Kubukeka iChina ilulawula ngempumelelo ukhuvethe
Dark Light

Kubukeka iChina ilulawula ngempumelelo ukhuvethe

EChina, nokuyizwe lapho igciwane elibanga ukhuvethe laqala ukubonakala khona ngoZibandlela odlule, isimo sesibonakala singesejwayelekile.

Enhlokodolobha iBeijing, imigwaqo iyaphithizela, amabhayisikobho avuliwe kanti nezindawo zokudlela zigcwele. Yize abantu besazifaka izimfonyo, sebebaningi ababonakala bengazifakile emphakathini nokukhomba ukwehla kwengebhe ngokhuvethe.

Nokho abantu basahlolwa izinga lokushisa komzimba uma bengena ezitolo, ezakhiweni zombuso kanye nasemabhilidini ahlala abantu.  Ngenyanga edlule, ngithathe indiza ngashiya iBeijing okokuqala emva kwezinyanga eziyisishiyagalolunye.  Nokho ngenxa yesimo sokuqikelela esisephezulu eBeijing, kudingeke ngithole imvume kumqashi ngaphambi kokuthi ngiluthathe uhambo obelubheke eShanghai.

Ezikhumulweni zezindiza, amadolobha ahlukene anemigomo yezempilo okumele uyilandele ngaphambi kokuthi ugibele indiza. Lokhu ukwenza ngokufaka i-Aphu yezempilo yalelo dolobha oya kulo nebhalisa isimo sakho sezempilo ibhalise nezindawo osuke wazihambela. Lokhu kuyasiza ukuqinisekisa ukuthi awusabalalisi igciwane.

EShanghai nokho into egqamile ukuthi khona imigomo ibonakala ixegiswe kakhulu kunaseBeijing, ngathi alukaze lwaba khona uvalo ngokhuvethe.  Bancane abantu ababonakala nezimfonyo emgwaqeni kanti izitolo nazo azinayo imigomo eqinile. Abantu baqhuba impilo ngokwejwayelekile.

Kuleli sonto kubikwe abantu abali-11 abatholwe benokhuvethe eChina kanti izikhulu zakhona zithi iningi labantu abatholwa negciwane manje ilabo abavela kwamanye amazwe. Sekuphele izinyanga manje kubikwa amazinga aphansi aleli gciwane emva kokuthi lidle lubi ezinyangeni ezintathu zokuqala konyaka.

Izibalo zakamumva zikhomba ukuthi umnotho eChina usuguqukile emva kokushayeka ngenxa yobhubhane lokhuvethe. IGDP yezwe ikhuphuke ngama-4.9% esigabeni sesithathu sonyaka isuka kuma-3.2% esigabeni sesibili.  Izwe lokuqala elinomnotho omkhulu eselikhulise umnotho kulesi sikhathi.  

Ngesikhathi amazwe amaningi emhlabeni ekhungathekile wukhuvethe, iChina ibonakala isikwazile ukusinqanda singaqhubeki nokusabalala lesi sifo.  Sesevile ezigidini ezingama-40 isibalo sabantu asebesulelekile emhlabeni kanti asebeshonile bangaphezulu kwesi-1 100 000. Amazwe amanye kungathi asephonse nethawula ngenxa yokudlanga kwaso, aqoma ukulinda kutholakale umjovo noma umgomo wokuvikela abangakalitholi igciwane.

Amazwe afana ne-India kanye ne-USA iwona ahola phambili ngezibalo ezinkulu zabantu asebethelelekile. Womabili la mazwe asexegise imigomo eqinile ebibekelwe ukulwa nokhuvethe ukuze azame ukufukula umnotho ofadabalayo.  Ezwekazini i-Afrika, iNingizimu Afrika nayo isesimweni esingesihle njengoba izibalo zalesi sifo ziphezulu kanti nomnotho usushayeke kabi.

Ukwehluleka ukukhalima lolu bhubhane koveza ngokusobala ukuthi uhulumeni kula mazwe awunawo amandla okubhekana nenselelo yezempilo. Nokho kulesi simo abantu abahlwempu ibona abalimalayo njengoba imisebenzi iphela, abagulayo bengakutholi ukwelashwa okufanele futhi bengakwazi nokuzivikela ngendlela.

Ongxiwankulu ibona okubonakala bezuza kule nhlekelele njengoba ohulumeni abaningi bexegisa imigomo yokunqanda ukhuvethe. Bona bayaqhubeka benza inzuzo ngesikhathi nohulumeni ekhipha noxhaso ngoba kuthiwa kusekelwa umnotho. Umbuzo uthi ubani ozosebenza uma izisebenzi zigula futhi zingakwazi ukuzelapha?

See Also

Ikhona nokho inhlansi yethemba njengoba ingama-44 imithi yokugoma noma imithi okungenzeka ithibe igciwane nehlolwayo ezigabeni ezehlukene ngaphansi kohlelo lweWorld Health Organization. INingizimu Afrika ingelinye lamazwe anezivivinyo.  

Maningi amazwe azama ukusungula umuthi wokugoma. Nokho kuthatha isikhathi ukuyisungula ngenxa yemigudu kanye nezigaba zokuhlola okumele zilandelwe ukuqinisekisa ukuthi isebenza kahle. Ososayensi bathi lingaze livele phakathi nonyaka ozayo ikhambi okuyilo, yize iRussia isibe ngeyokuqala ukuphasisa umuthi wokugoma.

Abanye ososayensi sebehlongoza ukuthi kuyekelwe ingxenye yabantu ukuthi ilithole igciwane. Nokho uNobhala Jikelele weWHO uTedros Adhanom Ghebreyesus usichithile lesi siphakamiso, ethi lokhu akuhambisani nemigomo kanti futhi kukhomba ukungabi nasimilo.

Alinganiselwa e-184 amazwe asejoyine uhlelo lweWHO oluhlose ukuqinisekisa ukuthi umuthi wokugoma usatshalaliswa ngokulingana futhi awubizi. Yize kunjalo amazwe adla izambane likapondo asevele agijima phambili afaka ama-oda ezinkampanini zawo ezinamakhambi eziwahlolayo nababona ukuthi ayathembisa.  

Nokho kusazobonakala ukuthi umuthi wokugoma lowo oyotholakala ukuthi uyasebenza uzofinyelela yini kuwo wonke umuntu owudingayo noma ubugovu bemali buzophinde bube isithiyo yini.

Scroll To Top