Now Reading
Kubhekiwe okuningi ngale sizini
Dark Light

Kubhekiwe okuningi ngale sizini

Izinto zehlukile kulokhu njengoba iqala isimo singesihle ngenxa yokhuvethe namaqembu engazilungiselelanga kahle 


Akungabazeki ukuthi isizini yezi-2020/2021 yeDStv Premiership ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL) eqala kule mpelasonto ibhekwe ngabovu ngabalandeli bezikanobhutshuzwayo kuleli. 

Ukufika kwabaxhasi abasha, ukudlala ngaphandle kwabalandeli ngenxa yemigomo yokhuvethe, ukuba nesikhathi esincane sokuzilungiselela isizini entsha, ukuvela kwabadlali abasha abebengalindelwe kwamanye amaqembu nokufika kwabaqeqeshi abasha kubukeka kuzokwenza le sizini ihluke kunamanye.

Abaxhasi abasha

IDStv njengoba ithathe izintambo zokuxhasa iligi enkulu yakuleli kwabakwa-Absa abese behlale iminyaka eli-13, izobe ibhekiwe ukuthi ifika naziphi izinguquko. Ukufika kweDStv okuyiyo ephethe iMultichoice Diski Challenge (MDC) kwenze kwaphuma iTelkom ebixhase umqhudelwano weTelkom Knockout. Nakho lokhu kuzonciphisa imidlalo yemikhumulajezi ebithakaselwa kakhulu ngabalandeli bakanobhutshuzwayo. Okujabulisayo wukuthi yize ingabaxhashi bale ligi iDStv kodwa neSABC izokwazi ukusakaza imidlalo.

Ukudlala ngaphandle kwabalandeli

Ngesikhathi kuqedelwa imidlalo emveni kokuthi ime isikhathi eside ngenxa yokhuvethe, abaqeqeshi nabadlali imbala bebelibeka ngembaba elokuthi kunzima ukudlala ngaphandle kwabalandeli. KuneMaritzburg United okwaziwayo ukuthi ngoLwesihlanu kusihlwa uma idlala enkundleni yayo iHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, bekungaphumi lutho kwazise beyithola ukwesekwa okukhulu kubalandeli bayo. 

Kukhona iKaizer Chiefs ongasho ukuthi yonke inkundla yalapha eNingizimu Afrika edlala kuyona kufana nokuthi isekhaya ngoba inabalandeli yonke indawo. Abaningi basho bathi lokhu ngabikho kwabalandeli kube nomthelela ekuhlulekeni kwayo ukunqoba isicoco se-Absa Premiership ngesizini edlule.

Isikhathi sokuzilungiselela 

Ngokujwayelekile isikhathi esingaphambi kokuvulwa kwesizini sijwayele ukuthi sibe ngamasonto amahlanu noma ngaphezulu lapho umqeqeshi weqembu eba nesikhathi esanele sokubona abadlali bakhe, nalapho esuke ebona lapho engenza khona izinguquko. Kulokhu ngoba isheshe yabuya imidlalo, cishe isikhathi sokuzilungiselela sibe amasonto amathathu nokuyinto ethwesa abaqeqeshi umthwalo onzima. Omunye umdlali weLamontville Golden Arrows oke wakhuluma nelaboHlanga uthe: “Kunzima kakhulu njengoba sivulile sijima ngendlela ehlukile, sikwenza konke kanye kanye ngoba sincane isikhathi. Usuku luphela kanzima kwazise siphumule kancane ngoba kade siqedela imidlalo yangesizini edlule.” 

Kubukeka kuzobakhinyabeza kakhulu abadlali ukungabi nesikhathi esanele sokuzilungiselela isizini entsha njengoba imidlalo izobe iminyene. Lokhu kuzobonakala kakhulu emaqenjini anezikwata ezincane kanti anjengeMamelodi Sundowns ngeke azwele kwazise anenqwaba yabadlali.

Abaqeqeshi abasha

Kunabaqeqeshi abaqashwe ngamaqembu ngenhloso yokuthi balethe izinguquko ezithize kulawo maqembu abazobe bebhekiwe ukuba bakufeze lokho.

UGavin Hunt okade eqeqesha iBidvest Wits manje oseqeqesha iChiefs ngenxa yamagalelo akhe ubhekiwe ukuba aqede ishobolo leminyaka eyisithupha kuleli qembu laseNaturena. 

UManqoba Mngqithi othathe izintambo kuSundowns emva kokushiya kukaPitso “Jingles” Mosimane osecija i-Al Ahly yase-Egypt, abahlaziyi abaningi sebekubeke kwacaca ukuthi ucushelwe umgoga, iphutha azolenza kuzonyuselwa uSteve Komphela kwesokuba ngumqeqeshi omkhulu. 

Omunye uMandla Ncikazi ozohola iLamontville Golden Arrows elekelelwa uMabhuti Khenyeza. 

Kube u-Ayanda “Cobra” Dlamini wa-AmaZulu FC naye abaningi basola ukuthi ucushiwe njengoba ethole inqwaba yabadlali abasezingeni lokuthi angenza kahle ngabo.

Ukusayiniswa kwabadlali abasha

Cishe leli windi lokusayiniswa kwabadlali alikho eliyofika kulona njengoba kuvele amagama abadlali emaqenjini amasha abengalindekile. Kubadlali abazobe bebhekiwe uPeter Shalulile, u-Aubrey Modiba, uKermit Erasmus abajoyine iMamelodi Sundowns, u-Erasmus uvele usezibeke intambo entanyeni ngokuthi nakanjani uzowahlohla amagoli angama-30 kule sizini. 

Ekuqaleni kwesonto AmaZulu FC amemezele abadlali abasha abali-10 okubalwa kubo uSiphiwe Shabalala, uLuvuyo Memela no-Augastine Mulenga. Bobathathu babhekiwe ukuba baqede into ehlezi yenza leli qembu ukuthi libalwe nasuke evika izembe ekupheleni kwesizini. 

See Also

I-Orlando Pirates igcine ibatholile abadlali ekade ibagaqede okunguThulani Hlatshwayo obekwiBidvest Wits nonozinti uRichard Ofori emisayinise ngoLwesibili esuka kuMaritzburg United. Namanye amaqembu asayinise kakhulu elungiselela isizini entsha.

Amaqembu amasha

ITshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) ethenge igunya leBidvest Wits idlalile ngoMgqibelo owedlule emqhudelwaneni womkhumulajezi iMTN 8 lapho ibibhekene neSuperSport United. Yize igcine ihluliwe kodwa abadlali enabo ikhombisa ukuthi kukhona okuhle engakwenza kule sizini. 

ITS Galaxy nayo engomakoti ifihle induku emqubeni njengoba ingenabo abadlali abaningi abanamava kodwa iphethe abaqeqeshi abanebhola elimnandi okunguDan Malesela noZipho Dlangalala. 

ISwallows FC edle umhlanganiso ngokunqoba iligi yeGladAfrica Championship izobe ibhekiwe ukuthi izoqhubeka yini nokwenza kahle ikwazi ukuzinza kule ligi.

Imidlalo ebhekiwe 

Kule mpelasonto mithathu, lapho kubalwa oweKaizer Chiefs nompetha beligi iMamelodi Sundowns ozokuba kusasa ligamenxe elesi-3 ntambama eFNB Stadium, eGoli. Kube owa-AmaZulu FC ne-Orlando Pirates wona ozobanjelwa  eJonsson Kings Park Stadium, eThekwini, ngele-20:15 kusihlwa. Omunye owomakoti ITTM neTS Galaxy ozokuba ngeSonto eThohoyandou Stadium ligamenxe elesi-3 ntambama.

Imidlalo yeDStv Premiership ngempelasonto

Kusasa ngoMgqibelo

  • IBloemfontein Celtic neLamontville Golden Arrows, eDr Petrus Molemela Stadium ngele-15:30 ntambama
  • IBaroka FC neMaritzburg United, ePeter Mokaba Stadium ngele-15:30 ntambama
  • IKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns, eFNB Stadium (Soccer City) ngele-15:30 ntambama
  • ICape Town City neChippa United, eCape Town Stadium ngele-18:00 ntambama
  • I-AmaZulu FC ne-Orlando Pirates eJonsson Kings Park Stadium, ngele-20:15 kusihlwa
  • ISuperSport United neBlack Leopards, eLucas Masterpieces Moripe Stadium ngele-20:15 kusihlwa

NgeSonto

  • ITTM neTS Galaxy, eThohoyandou Stadium ngele-15:30 ntambama
  • IStellenbosch neSwallows FC, Danie Craven Stadium ngele-15:30 ntambama
Scroll To Top