Now Reading
Liyancomeka iqhaza lezinkakha zaKwaMashu ebholeni
Dark Light

Liyancomeka iqhaza lezinkakha zaKwaMashu ebholeni

Noma kuthiwa ukhuluma nayiphi inkakha kanobhutshuzwayo, into ezoyisho kuwena ukuthi kumele kubuyiswe ibhola lezikole.

Kuliqiniso ukuthi iningi labadlali laba abadlale eminyakeni edlule bagqama, ngemiqhudelwano yezikole. Umdlali oyohlezi eyisibonelo kakhulukazi ngaphansi kwezikole ezakhele endaweni ebizwa nge-INK, uSiyabonga “Bhele” Nomvethe.

Eminyakeni edlule bekuthi makudlala iKwesethu neSibonelo inkundla igcwale phama, ngokunjalo makudlala iDr J.L Dube High School neNhlakanipho High School. Umbuzo uthi impela kwakhala nyonini, kanti kuthiwani makuthiwa “lugotshwa lusemanzi”.

Inhloso yami enkulu ngalengosi, ukuncoma izinkakha zaKwaMashu ezihlale phansi zabumbana, zabe sezisungula umqhudelwano kanobhutshuzwayo zangagcina ngokuthi zikhulume nje kuphela.

Le ligi ebizwa ngokuthi iCity Logistics Safa KwaMashu Legends Schools League. Okwesibili ikhona le ligi njengoba kunomqhudelwano wasungulwa ngonyaka odlule, nowagcina unqotshwa iNqabakazulu High School ihlula iDr J.L Dube High School ePrincess Magogo Stadium.

Okubuhlungu ukuthi lo mqhudelwano uyaqhubeka nje kodwa bayagqoza abaxhasi, inkampani okuyiyo elekelelayo iCity Logistics nesebenzisana nezinkakha.  Angisho ukuthi lena akuyona inkampani enkulu kodwa ngikholelwa ekutheni zikhona izinkampani ezinamandla amakhulu ezingalekelela, kodwa zifinqe izandla.

See Also

Iqiniso ukuthi akuwona wonke umuntu oyophumelela ngemfundo, iningi labantu liphumelela ngezemidlalo ayi unobhutshuzwayo kuphela.

Le ligi ingaba usizo olukhulu kubadlali abaningi abancane abafuna ukuziveza, kwazise khona iligi ebizwa ngeDStv Diski Challenge (DDC). IKwaZulu-Natal inamaqembu amahlanu kuDStv Premiership kukhona iLamontville Golden Arrows, AmaZulu FC, iRichards Bay FC, iRoyal AM neMaritburg United, ngiyafisa ukuthi izinhloli zala maqembu engahambela lemidlalo ukuze akwazi ukuthola abadlali abasebancane.

Okuhle ngale ligi ukuthi ingaphansi kweSafa eThekwini eholwa uMazwi Mkhize. Ukuthola izibusiso kuSafa akuyona into neze encane. Le ligi idlalwa abadlali abaneminyaka engaphansi eli-16, bese kuba abadala okuhlanganisa nabesifazane. Kuphinde kube nebhola lomnqakiswano.

Scroll To Top