Intokazi enamagalelo kunobhutshuzwayo kuleli



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Uma ukhuluma noThinasonke Mbuli oyisekela likaDesiree Ellis ongumqeqeshi weBanyana Banyana kucaca zisuka ukuthi unobhutshuzwayo ugijima emithanjeni yegazi yakhe.
Igama lakhe liyohlale likhona emiqulwini yabaqeqeshi abaqopha umlando befaka okokuqala iqembu lesizwe labesifazane emidlalweni yeNdebe yoMhlaba ebiseFrance.
Ebuya eFrance uphinde waqokwa njengenhloko yabaqeqeshi beqembu lakuleli ebeliye kumaWorld Students Games abeseNapoli, e-Italy.
Ebuya e-Italy unyelwe yinyoni esandleni eqashwa ukucija iqembu lamantombazane le-University of Western Cape. Leli qembu ulisize ekutheni lilale indawo yesihlanu kuNational Women’s League.
ElaboHlanga libe nengxoxo ekhethekile nale ntokazi eyazalelwa eMkhondo, esifundazweni iMpumalanga, ngenhloso yokuthola kabanzi ngomsuka wempumelelo yayo.
Echaza ngokungena kwakhe kunobhutshuzwayo njengoba eminyakeni akhule kuyo bekungajwayelekile ukubona abesifazane bedlala lo mdlalo uthe: “Ukukhula phakathi kweningi labazala besilisa, ukuba seduze kakhulu komfowethu nokungungwa yiningi labafana abangomakhelwane ikhona okube nomthelela omkhulu ekutheni ngilithande ibhola. Okunye okungisizile umama uMaMkhwanazi nobaba uMbuli bebengeseka. Yingakho ngiphenduke insephe ngisho sengidlala eqenjini laseMoolman Combined School, ePiet Retief, ikwaDlangezwa High School eMpangeni nakwelaseDurban Institute of Technology (DIT) eseyaziwa ngeDurban University of Technology (DUT).”
Uthe eseDUT afike khona ngowezi-2003 eyokwenza izifundo zeSports Management yilapho abona ukuthi wavelela kakhulu kwaze kwavuleka neminye iminyango. UThinasonke uthe ubedlala ngaphansi komqeqeshi uBongani Yengwa kanti ukudlala ingcwenga yebhola eqenjini lesikole futhi engukaputeni kumvulele amathuba okudlala nakwelase-University of KwaZulu-Natal (UKZN) ebelidlala kuSanlam & Vodacom League, iDurban Ladies edlala kuSasol League, iseqenjini lesifundazwe nakwelikazwelonke lezikhungo zemfundo ephakeme i-University Sport of South Africa (USSA) Women’s Fooball ahlale kulo kusukela ngowezi-2003 kuya kowezi-2006.
Ebuzwa ngokungena kwakhe ekuqeqesheni uthe: “Ngowezi-2007 uYengwa uthole umsebenzi kuLamontville Golden Arrows. Ngenxa yokuthi inkontileka yakhe beyimvimba ukuqhubeka nokuqeqesha eDUT ucele ukuthi ngisize uSiyabonga Malinga ekuqeqesheni amantombazane. Bengiphinde ngibe umdlali. Kusukela ngowezi-2008 ngiqale kancane izifundo zokuqeqesha. Ngikhuluma nawe nje senginesitifiketi seCAF A Licence.”
Maqondana nokungena emaqenjini esizwe, uthe uqale ukuba inyama ngowezi-2016 lapho ethole umsebenzi wokuqeqesha iqembu lase-UKZN athi usebenza nalo kahle kakhulu njengoba belokhu beqhubeka nokuzibekela indawo kuVarsity Cup. Uqhube wathi, ngawo owezi-2016 uqokwe njengomqeqeshi weqembu laseThekwini lamantombazane adlala ku-U/15 elahlabana ngendondo yethusi ku-2016 One Nations Cup eBremen, eGermany. Ugcizelela ukuthi yonke le mpumelelo iyona emvulele amathuba okuthi aqokwe njengomqeqeshi we-USSA.
Ebuzwa ukuthi ngabe uDesiree ngesikhathi embizela kuBanyana ngowezi-2017 wamtshela yini ukuthi yini le engaka ayibona kuye uphendule wathi: “Ngaphandle kokunqoba inqwaba yemiqhudelwano neqembu le-USSA, wangitshela ukuthi kade ayeyilandela imisebenzi yami. Nginamandla namasu angasiza elakuleli ukukhonya ebholeni lo mhlaba.”
Njengabo bonke abadlali bezemidlalo eyahlukene naye uThinasonke unakho angasoze akukhohlwa akuzuza esadlala. Uveze ukuthi ukunqoba neDUT ngowezi-2006 inkomishi ye-USSA National Club Championship, ukudla neDurban Ladies isicoco seKZN Sasol League ngowezi-2008, ngowezi-2009 nangowezi-2010, ukumela elakuleli kuWorld Students Games ngowezi-2003 eDaegu, eSouth Korea nangowezi-2005 e-Izmir, eTurkey, akasoze akulibala.
Kwasekunqobe esengumqeqeshi ubale ukuba ngowokuqala wesifazane ukuqokelwa kwesokuqeqesha iqembu le-USSA, ukunqoba naleli qembu inkomishi yeConfederation of University and College Sports Association (CUCSA) Games ngowezi-2016 nangowezi-2018, ukulala nalo endaweni yesine kumaWorld Students Games eTaipei, eTaiwan, ukuqokwa njengesekela lomqeqeshi kuBanyana nokunqoba nayo izicoco zeCOSAFA.
Nokho uthi ngeke akushiya ngaphandle nokwenza kahle neqembu lamantombazane ka-U/15 ngowezi-2016 ku-One Nations Cup.
“Okukhulu kunakho konke ukusiza ekufakeni iBanyana kuNdebe YoMhlaba nokuya kumaWorld Student Games, e-Italy.”
Le ntokazi ithini baningi ababambe iqhaza empumelelweni yayo ukuze ifike kuleli zinga esikulo. Ithi ikusho lokhu ngoba namanje isakhula
ngaphansi kwabaqeqeshi abanjengoDesiree.
“Nakuba kunjalo ngaphandle kukaYengwa noMalinga ngabe kangilutho. Umsebenzi wokuqeqesha ujwayele ukunikwa abesilisa kodwa laba bakwazile ukukholelwa kimi,” usho kanje.
Ebuzwa ngezinga likanobhutshuzwayo wabesifazane kuleli, uthe lisezingeni eliphezulu kakhulu okuphazamisayo ukungabi nayo iNational Professional Soccer League.
Uveze ukuthi elakuleli uma lidlala namazwe afana ne-USA, iSweden, iFrance namanye kuyabonakala ukuthi alihlula ngoba adlala njalo futhi kumaligi ezinga eliphezulu kanti abakuleli badlala imidlalo embalwa futhi kumaligi okungaqhudelwana ngezinga eliphezulu.
Uthe ukuba nesibalo esikhulu sabadlali besifazane bakuleli abadlala phesheya kwezilwandle kungalisiza kakhulu izwe njengoba amazwe afana neNigeria asizwa ukuthi anabadlali abaningi phesheya kwezilwandle.
“Nathi kungasisiza kakhulu uma singaba nesibalo esikhulu. Nokho ngingasho ukuthi siyajabulisa isibalo samantombazane ethu asedlala phesheya.”
Ephawula ngeVarsity Cup uthe iklama indima enkulu njengoba iligi kazwelonke isanda kuqala kwazise iningi labadlali bamaqembu esizwe abesifazane ngabafundi abadlala kuyo.
Uthe ngesifanayo nakuNational Women’s League futhi angajabula uma ingahlelwa kahle iphinde iqhubeke ngonyaka ozayo.
Ephetha uchaze ngesipiliyoni asithole kuNdebe yoMhlaba eFrance wathi: “Ngaphambi kokuya eFrance ngibe yingxenye yeqembu elenze kahle ku-Africa Women’s Cup Nations. KuWorld Cup ngibe nenhlanhla yokubhekana namazwe ahlonishwayo okuyiGermany, iSpain neChina. Nakuba zingahambanga kahle izinto nakumaWorld Students Games kodwa ngifunde lukhulu kuzikhondlakhondla zamazwe esidlale nazo. Njengamanje nginesitifiketi sokuqeqesha seCAF A Licence. Ngizimisele ngokuqhubeka.”