Now Reading
Ngabe izoba yiva iMaritzburg kuChiefs?
Dark Light

Ngabe izoba yiva iMaritzburg kuChiefs?

Kuyaziwa ukuthi ngesizini edlule iMaritzburg United ibingayinike thuba iKaizer Chiefs ngisho nakweyemikhumulajezi 


IMaritzburg United ingelinye lamaqembu enzele phansi iKaizer Chiefs emizamweni yayo yokunqoba isicoco se-Absa Premiership ngesizini edlule.

ITeam of Choice ishaye Amakhosi ngo 2-1 eFNB Stadium ngoZibandlela nyakenye, lapho leli qembu laseNaturena lalibheke khona ukwelula igebe esicongweni. Empeleni ngesizini edlule iChiefs ihluleke yancama ukushaya iMaritzburg njengoba umdlalo wokuqala weligi waphela zibambene.

Nasemdlalweni weTelkom Knockout iqembu laseMgungundlovu laphinde layigila iChiefs liyiwashisa ijezi ngo 2-1 idlalela enkundleni yayo. Kulowo mdlalo kwakubhoke uJudas Moseamedi owayengaluzwa udonga lweChiefs olwalushayisana ngendlela exakile kugcine kuqhume igoli.

Yinto eyaziwayo ukuthi iChiefs iphunyukwe yisicoco seligi emdlalweni wokugcina lapho idlale khona ngokulingana neBaroka FC kuba ngegoli elilodwa nhlangothi zombili. Lokhu kwenze ukuthi iMamelodi Sundowns ikhale imuke nesicoco ngemuva kokushaya iBlack Leopards ngamathathu eqandeni emdlalweni wokugcina.

IChiefs isale ngamaphuzulu amabili kuphela kuSundowns egcine iba ngompetha. Lokhu kuwucacisa obala umonakalo odalwe yiTeam of Chiefs ethathe amaphuzu amane kuChiefs ngesizini edlule. Ayiphathwa-ke eyokuthi iChiefs isonge isizini ingenandebe nje iMaritzburg ibe nesandla esikhulu kulokho ngoba iyigilile nakuTelkom Knockout.

NgeSonto, ngehora lesithathu ntambama, la maqembu azotholana phezulu emdlalweni weQuarter Final yeMTN 8 eFNB Stadium, eGoli. Ngokwabadlali akukho okushintshile kuChiefs ngenxa yokuthi ayivunyelwe ukusayinisa abadlali njengoba kuvulwe iwindi lokusayinisa, ngenxa yesigwebo esithole kuFifa. Kunabadlali abajima nayo kodwa abangeke basayine kuze kuvele umphumela wesigwebo ababhekene naso abasidlulisele phambili kuCourt of Arbitraion for Sport (CAS). Labo badlali uSifiso Hlanti noPhathutshedzo Nange abebekuBidvest Wits.

Omunye umdlali omataniswa neChiefs uSulley Muntari waseGhana, oke wayibamba kuPortsmouth, yase-England, i-AC Milan yase-Italy neDeportivo La Coruna yaseSpain. Naye kodwa kuzomele alindele isinqumo seCAS uma kuyiqiniso ukuthi ubheke eNaturena.

Ngakolunye uhlangothi iTeam of Choice izoya kulo mdlalo isishaya ngabadlali abasha esanda kubasayinisa uJose Ali Meza, obekuSundowns, uSibusiso Hlubi obekuPolokwane City, uRiaaz Ismail obekuReal Kings kanti ukhulele ezinhlakeni zenkulisa zeHellenic neSuperSport United. U-Ismail uphinde abizwe emaqenjini amancane esizwe aseNingizimu Afrika.

IMaritzburg iphinde yasayinisa ngokuphelele uPhumlani Ntshangase obebolekiswe kuyona ngesizini edlule.

Okungaba yizindaba ezingezinhle kuTeam of Choice ukuthi ukaputeni wayo okungunozinti, uRichard Ofori, angase alishiye iqembu njengoba efunwa uthuli yi-Orlando Pirates. U-Eric Tinkler oqeqesha iMaritzburg akazange akufihle ukuthi u-Ofori angase aye kweZimnyama okuvela ukuthi sezifinyelele esivumelwaneni neTeam of Choice mayelana nalo nozonti waseGhana.

Kuthiwa iTeam of Choice izama ukuthola uReyaad Pieterse kuSundowns ukuze azovala isikhala esizovuleka ngokuhamba kuka-Ofori.

UTinkler uthe ulindele iChiefs ehlukile kulokhu uma kuqhathaniswa nesizini edlule. “Bayiqembu elihlukile manje. Yebo, ngabadlali abafanayo ngenxa yesimo iChiefs ebhekene naso kodwa banomqeqeshi omusha uGavin Hunt. Siyazi ukuthi uHunt usenqobe izindebe eziningi futhi uzofuna ukuqhubeka kanjalo kuChiefs. UHunt ungumqeqeshi onqobayo,” kusho uTinkler.

“Abadlali kuseyibona kodwa bazofuna ukuzibonakalisa kumqeqeshi omusha, uHunt. IChiefs siyazi ibimandla ngamakhona namaFree Kick ngesizini edlule futhi uHunt angase afune ukubambelela lapho noma enze kangcono kuleyo ndawo. Ngeke sithi isizini ezoqala iyefana nesizini edlule. Kumele sizilungiselele kahle,” kubeka uTinkler.

Uthe angakuthokozela ukunqoba indebe neMaritzburg. “Besilokhu sizama ukudla izindebe futhi ngingakuthokozela ukwenza lokho neMaritzburg. Isifiso sami ukuthi sinqobe  okuthile. Ngesizini edlule besidlala kahle. Ngikhumbula ukuthi kukhona lapho sike sanqoba khona imidlalo ilandelana yaze yaba mihlanu ngaphambi kokuthi kufike ukhuvethe,” kusho uTinkler.

Nokho uma kukhulunywa ngokuqina kwamaqembu kubukeka sengathi iTeam of Choice izobe ingcono kakhulu kuneChiefs ngeSonto.

Ekhuluma ngalo mdlalo uHunt uthe uzobe uhluke kakhulu ngoba owokuqala wesizini kodwa iMaritzburg isazoba yingozi ngesizni ezoqala. “Angiboni ukuthi iMaritzburg izobe ihlukile uma siyiqhathanisa nesizini edlule. Badlala kahle, baqoqekile. Basayinise abadlali abahle kakhulu. Bebelokhu benza kahle uma bebhekene neKazier Chiefs, lokhu yinto esingeke siyibalekele. U-Eric Tinkler usenze kahle kakhulu kuMaritzburg. NgeSonto umdlalo ohlukile futhi uma sekuqala iligi kuzobe kuhlukile futhi,” kusho uHunt ekhuluma nabezindaba.

Ebuzwa ukuthi yini ayishintshile kuChiefs uthe akukho okutheni ngaphandle kokuthi kube nokuxhumana okuhle phakathi kwakhe nabadlali.

“Ukuhlala isikhathi eside amaqembu engadlali ngesizini edlule kuthikameze wonke amaqembu hhayi iChiefs kuphela. Akulula ukuvele uhlulele abadlali beChiefs ngenxa yento eyenzekile sekuzophela isizini. Engingakusho ukuthi kukhona abadlali abahle kakhulu lapha. Okumele ngikwenze ukuthi ngibenze bakhohlwe okwenzeke ngesizini edlule. Kumele ngizame ukubabuyisela ekutheni bancintisane njengoba bebenza ngesizini edlule,” kubeka uHunt.

Uveze ukuthi uLeonardo Castro olimale sekuzophela isizini edlule ubengaziqeqeshi ngokuphelele neqembu ngoba akakalulami kahle.

UKhama Billiat ungomunye wabadlali okubhekwe ukuthi babhukule kuChiefs kule sizini. Lo mdlali selokhu efikile kuMakhosi akakadlali ibhola ebelilindelwe kuyena esuka kuMamelodi Sundowns

“Nami ngilindele lukhulu kuBilliat. Ngicabanga ukuthi usekhulile futhi usehlakaniphe kangcono kunakuqala. Okumele sikwenze ukuthi simnike ithuba lokudlala ngendlela akwazi ngayo. Kumele simdlalise ezindaweni ezimvunayo enkundleni. Kumele simeseke ngayo yonke indlela,” kusho uHunt.

See Also

Lo mqeqeshi ozobe ehleli okokuqala ebhentshini leChiefs ngeSonto uphinde waphawula ngokuhamba kukaPitso Mosimane kuSundowns, oseqeqesha i-Al Ahly yase-Egypt. “Bekunokuncintisana okuhle ngokukanobhutshuzwayo kimina noPitso. Engingakusho manje ukuthi iligi isizoba ntekenteke ngemuva kokuhamba kwakhe. Angisho ukuthi iSundowns izoba ntekenteke ngoba inabadlali abasezingeni eliphezulu abaningi. Kodwa ukuhamba kukaPitso kuzolehlisa izinga leligi yethu. Nokho akukho abengakwenza ngoba uthole amadlelo aluhlaza,” kubeka uHunt.

Esonga lo mqeqeshi uthe uyayibona indlela ebheke phambili yize besanqindekile ukusayinisa abadlali ngenxa yesigwebo seFifa.

“U-Arthur Zwane usebe kuChiefs isikhathi eside. Ngingasho ngithi usebe wusizo olukhulu selokhu ngifikile. UDillon (Sheppard) wenze kahle kakhulu nabafana abancane sisebenza naye kuBidvest Wits. Akungabazeki ukuthi ikusasa lakhe liqhakazile. Vele kumele sikujwayele ukuthi kumele sikhuphule abafana abasuka ezinkulisa zethu,” kuphetha uHunt.  

Khonamanjalo, iMaritzburg iyakulo mdlalo nje isithole ukugxekwa uphiko lwentsha ye-African National Congress (ANCYL) esifundeni iMoses Mabhisa oluyisola ngokuncela igazi kulandela isicelo sayo sokuba uMasipala uMsunduzi uyixhase ngesamba sezigidi ezili-15 kule sizini ezoqala.

Kule minyaka edlule lo Masipala ubuxhasa leli qembu ngemali elinganiselwa ezigidini ezingama-R60 kodwa ekuqaleni kwaleli sonto uSihlalo weTeam of Choice, uMnu uFarook Kadodia, wesabise ngokuthi uzoyisusa imidlalo yaleliqe qembu eMgungundlovu ayise eMoses Mabhida eThekwini uma lo Mkhandlu wehluleka ukuli xhasa ngemali ayifunayo.

UMnu uMnu uSibonelo Hlabangani oku-ANCYL RTT uthe: “Izakhamuzi zaseMsunduzi azikatholi lutho ngemali efakwa kuleli qembu kunalokho kuzuza uhlangothi olulodwa iMaritzburg.”

Uthe leli qembu selikhombisile ukuthi alinayo intshisekelo ekubumbeni idolobha, ukuthuthukisa umnotho nokuthuthukisa iziphiwo zentsha yase Msunduzi njengoba lingakenzi lutho ekudaleni ngisho namathuba emsebenzi. 

“Leli qembu selihluleke ngisho ukuqhamuka nohlaka oluzolekelela intsha yakuleli dolobha, abadlali elibasayinisile kudlalwa ngabo banikezwa uzukwa imali engangezi-R7 000 ngenyanga,” usho kanje. Uthe bafisa ukuthi imali enika leli qembu itshalwe ekwakheni ingqalasizinda yezemidlalo eMsunduzi. 

“Sifuna ukubona izinkundla ezisezingeni ezindaweni zasemakhaya kwaVulindlela, emalokishini eMbali nase-Edendale. Sifuna intsha ivunyelwe ukudlala ezinkundleni iHarry Gwala neDave Osborne njengoba kuyizona ezisezingeni eMsunduzi. Kuya mangaza ukuthi uMsunduzi uvumele iMaritzburg United ukuthi kube iyona kuphela esebenzisa lezi zinkundla,” kusho yena. 

Udaba lokuxhasa ngemali leli qembu uMkhandlu waluphikisa ngenyanga edlule, kwathiwa luzodingidwa emhlanganweni wawo obuyizolo kepha kulowo mhlangano kuvunyelwane ngokuthi, lufakwe kolandelayo ozoba sekupheleni kwenyanga. 

Scroll To Top