Amehlo athe njo esiphoyiseni kulokhu



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Amaphoyisa kumele abe ngabavikeli bomthetho hhayi bezakhamuzi kuphela
Esimweni esejwayelekile amaphoyisa angabavikeli hhayi kuphela ezinswelaboyeni kepha okumqoka angabavikeli bamalungelo ehlukene. Isibonelo nje yiwo avikela impahla uma osidlame sebebhodla imililo bedubela engqalasizindeni yabantu nekaHulumeni. Uma abesifazane nezingane bebhozonyelwa yisiqhwaga lapha ekhaya kukhalelwa kuwo amaphoyisa. Ngamafuphi laba ngabavikeli bethu.
Nokho izigameko ezivelayo muva nje zilahlisa ithemba ngale nkonzo emqoka kangaka. Ukubulwa koqweqwe lomseshi eKapa nobehola uPhiko olulwa namaqembu ezigelegeqe (Anti-Gang Unit), uLieutenant-Colonel uCharl Kinnear nobufakazi obude buvela kuveza ukuthi noma isandla sibe ngesomuntu wangaphandle kepha udliwe ngabakwabo. Ngokwemibiko ulimala nje kuningi abekuphenya kanti futhi nezizathu zokuthi athathelwe labo abekade beqapha kwakhe azizwakali. Ufa nje uKinnear kunophenyo olunzulu olubheka inkohlakalo esiphoyiseni oluthinta ukushushunjiswa kwezibhamu ezingekho emthethweni emigulukudwini eKapa. Amaphoyisa aboshwa naphenywayo kwabe kusolwa ukuthi asebenzisana nomgulukudu uNafiz Modack. Angamashumi amabili esewonke amaphoyisa athintekayo. Aboshwa noModack kepha onke akhululwa ngebheyili.
Okusobala wukuthi kuningi okusazovela ngalolu daba njengoba nomunye umholi wezigelekeqe endaweni eseveze ukuthi uKinnear akamsulwa njengoba abantu besho, waveza ukuthi ubephakelwa nguye ukuze alalise kwamanye amacala.
Khona kulesi sikhathi kuvele osigaxamabhande abehlukene enkantolo ngezinsolo zobuqola. Lowo owayenguKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uMmamonnye Ngobeni kanye noKaputeni u-Aswin Narainpershad bavele enkantolo ngezinsolo ezithinta imali eyizigidi ezingama-R47 nokuthiwa kwakhwatshaniswa ngesikhathi kunemidlalo yebhola i -2010 FIFA Soccer World Cup. Kuthe kusenjalo kwaboshwa kwaphinde kwavela enkantolo uLt-Gen uBonang Mgwenya naye ongena emshungwini wozakwabo ababoshiwe okubalwa nowayengumphathi wamaphoyisa uKhomishana uKhomotso Phahlane.
Khona kuwo lawa masonto omunye usigaxamabhande wamaphoyisa nowayeyiNhloko Yezobuhloli esiphoyiseni uRichard Mdluli nelinye iphoyisa uMthembeni Mthunzi bagwetshe iminyaka emihlanu ngecala lokuthumba, ukushaya nokuyicala elenzeka uMdluli esaphethe isiteshi samaphoyisa eVosloorus ngowezi-1998.
Okumqoka ecaleni likaMdluli yilokho okushiwo nguMehluleli uMokgoatlheng: “kodwa izimo ezimayelana naleli cala njengoba sibhekene namaphoyisa asezikhundleni azinikeza amandla avamise ukusetshenziswa ngamaphoyisa kodwa lawa mandla asetshenziswe ngendlela yokuthi umthelela wawo ube ngohlukumezayo kumgilwa, okuholela ekutheni, ngokubona kwami, okuyisona kuphela isigwebo esifanele kulezi zimo esokuba bagqunywe ndawana thize,” kusho uMehluleli uMokgoatlheng.
Kumqoka ukuphawula ukuthi lokhu kuncane kunalokhu okuthiwa kwenzeka emazingeni omphakathi lapho amaphoyisa etholakala enza inkohlakalo. Ngokombiko we-Corruption in Uniform, umunxa ohamba phambili enkohlakalweni yamaphoyisa ukugwazisa, okungama-33% kwayo yonke imibiko. Uma iphoyisa ligwazelwe, amadokodo azolahleka noma kanjani, okwenza kube lula ukuba izigangi zigweme ukushushiswa.
Iningi labantu uma lingabuzwa lingasho izigameko lapho laba bavikeli bomthetho sebephenduka umthetho ngezinqumo nangezinto abazenzayo kubantu okumele ngabe bayabavikela.
Ngokungangabazeki lesi sithombe kasikho sihle ngasohlangothini lwamaphoyisa. Sisibi sinjalo asikwazi lesi simo ukuqhubeka singanqandwa ngoba okungale kwalokho yizwe lapho abantu bengawathembi amaphoyisa njengabavikeli bamalungelo abo.