Now Reading
Uthi uzolibamba ngazo zombili elokudlala kuPSL uMadlokovu
Dark Light

Uthi uzolibamba ngazo zombili elokudlala kuPSL uMadlokovu

Ligcine lifezekile iphupho likaCelimpilo Ngema lokugijima kuligi enkulu eNingizimu Afrika esibizwa ngeDStv Premiership ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL).

Lo mdlali odabuka eMelmoth bekuyisifiso sakhe semihla ngemihla ukuthi azibone egijima kuligi enkulu kuleli. Lokho kwenzeke ngeledlule ngesikhathi  iTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) imumemezela njengomdlali wayo omusha.

ITTM esizobizwa ngeSekhukhune FC ithenge igunya leBidvest Wits ukuthi ikwazi ukudlala kulesi sigaba kwazise ibigijima kuGladAfrica Championship.

Lo mdlali oteketiswa ngelikaZidane, iphupho lakhe cishe lenzeka ngokuthi anyuke neqembu abegijima kulo Uthongathi FC kodwa kwangenzeka. Kuzokhumbuleka ukuthi uThongathi FC (Cane Cutters) luke lwazihola phambili kuGladAfrica Championship kodwa izinto zabheda ekugcineni kwakhuphuka iSwallows FC.

“Kungijabulise kakhulu ukuthi iphupho lami ligcine lifezekile. Kuningi okusamele ngikufunde kodwa, ngingasho ngaphandle kokungabaza ukuthi ngikulungele ukubhekana nabadlali abanamagama kanye namaqembu amakhulu kuleli,” kusho uNgema.

UNgema oneminyaka yobudala engama-23, waba umdlali weCane Cutters isagijima kuSAB League, yanyukela ku-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal. 

Emidlalweni yokuhlungela ukungena kuGladAfrica Championship uNgema waklama indima enkulu ekutheni iCane Cutters ikwazi ukunqoba njengoba waqokwa njengomdlali ovelele. 

Kanti ubesedlale amasizini amathathu kuGladAfrica Championship, kuwona imbalwa imidlalo angayidlalanga.

Ngesizini yangowezi-2017/18 wadlala engama-28, ngeyangowezi-2018/19 wadlala engama-27, kanti ngedlule udlale engama-27.

Ngaphambi kokuthi asayiniswe iTTM iqembu ebelimufuna uthuli iChippa United, kwaba ukuthi ibhala iyacisha. Kanti neLamontville Golden Arrows kumasizini amabili edlule ibimufuna phansi kodwa kugcine kungavunyelwananga ezingxoxweni.

“UThongathi FC lohlezi luyikhaya lami ngoba ilona olungivezile ebholeni lakuleli. Ngibuhlungu ukuthi ngesizini edlule asikwazanga ukuthi silunyusele kuPSL ekubeni kade sinawo amathuba amaningi,” kusho uNgema.

Uthe isifiso sakhe ukulwela indawo yakhe kuyona ITTM adlale kahle, bese ethola ithuba lokugijima kuBafana Bafana.

UThongathi FC aluhanjelangwa uZidane  kuphela kodwa lushiywe cishe abadlali abangaphezulu kwabayisi-6 abebewumgogodla.

Abanye uNjabulo Ngcobo ojoyine iSwallows FC, uPule Mmodi oye kuLamontville Golden Arrows, uMenzi Ndwandwe osezoyibamba kuBloemfontein Celtic, uCheslyn Jampies yena ojoyine iBaroka FC.

See Also

Abanye uSphamandla Mtolo ojoyine iRichards Bay FC noBadra Sangare ongunozinti ojoyine iJDR Stars.

“Ngiyababongela ozakwethu ebesigijima nabo ngokuthola kwabo amadlelo aluhlaza. Ngibafisela okuhle kodwa, ngifisa beqhubeke nokuziphatha kahle njengoba bebenza sikuThongathi FC. Ngifisela nomqeqeshi uPitso Dladla ongumqeqeshi wamaCane Cutters ukuthi abe nesizini enhle, ungikhulisile kakhulu kulo mdlalo,” kusonga uNgema.

ITTM ivele isisayinise u-Oupa Manyisa obekuMamelodi Sundowns noJoseph Molongoane obeyibamba kuKaizer Chiefs.

ElaboHlanga libe selikhuluma noDladla (Pitso), limbuza ukuthi ngabe uNgema umbona esekulungele yini ukudlala ku-PSL?

“UZidane kusukela iqala isizini edlule ubesekhombisa ukuthi uvuthiwe, usengamelana noma inobani enkundleni. Isipiliyoni unaso udlale amasizini amathathu kuGladAfrica, okuyiligi enzima ngempela. Ngiyamjabulela kakhulu ngiyazi leli thuba uzolibamba ngezandla zombili,” kusho uDladla.

Eqhuba uthe: “Ngiyafisa ukumbona egijimela iqembu lesizwe. Okungichazayo ngaye ukuthi ungumuntu ohloniphayo, uhlezi ebeka umndeni wakhe phambili. Ubehlezi ethi ngisebenzela isalukazi sami kanye nomdeni wami.”

Scroll To Top