Iqembu iSharks lizimisele ngokunquma umhlwenga weLions
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umdlali weqembu lasesifundazaweni iKwaZulu-Natal iSharks uJames Venter, uthi bakulungele ukubhekana nobunzima emdlalweni wabo ne-Emirates Lions.
La maqembu azotholana phezulu emdlalweni wokuvula umqhudelwano obizwa ngeSuper Rugby Unlocked. Lo mdlalo uzobanjelwa eJohnsonn Kings Park Stadium, eThekwini, libumbene ele-19:00 namuhla.
UVenter oyiloose forward uthe bawabonile amaphutha abawenza ngesikhathi bebhekene neBulls emdlaweni weSuperFan (okungumdlalo wesihle).
“Uma kubuyelwa emlandweni wethu weSuperFan sihlezi singenzi kahle siyiSharks ezikhathini eziningi. Akuyona indlela yokuzivikela, kodwa iBulls indlela eyadlala ngayo yayikhombisa ukuthi ifuna ukunqoba njengoba yayingabambeki nje. Kepha sifunde okuningi kulokho. Siziqeqesha kanzima futhi senza kahle kakhulu. Wonke umuntu unecebo kuze kufike umdlalo,” kusho uVenter.
Uthe uyawaqonda amaphutha abawenzile kwazise bekuwumdlalo wokuqala, kodwa ekuhambeni kwesikhathi izinto zizobuyela esimweni.
ILions ememezele abadlali bayo abangama-25 ngoLwesibili ezobasebenzisa kulo mdlalo ifake iqembu eliqinile. Kulaba badlali kukhona uWillem Alberts oke waba isithenjwa samaSharks eminyakeni edlule, akasalanga ngaphandle u-Elton Jantjies obuye adlale eqenjini lesizwe amaBhokobhoko.
ILions uma iphethe ibhola ithanda ukuthi igijime nalo igcwale inkundla kodwa isimo sezulu njengoba singesihle kulezi zinsuku lapha eThekwini, bazothwala kanzima. “Okumele sikwenze ukunamathela ezinhlelweni zethu, senze lokho esikwenza kahle okuwukuthi siye ngamandla phambili. ILions ngiyafunga ukuthi izoba nesikhathi esinzima lapha eThekwini.”
Ukwenza kahle kukaJantjies eSpringbok Showdown, eNewlands, ngoMgqibelo owedlule kukhombisile ukuthi ungunombolo-10 ohamba phambili njengamanje odlala kuleli.
“UJanjties ufana nomholi kumaLions yingakho kumele siqinise endleleni esizomuvimba ngayo ukuze angashayi amabhola amaningi,” kusonga uVenter.
Umqeqeshi weLions u-Ivan van Rooyen uthemba ukuthi bazokwenza kahle abadlali abancane abane abazobe beqala ukudlala eqenjini elikhulu.
Kulaba badlali abane abathole ingqayizivele yethuba lokumela leli qembu u-EW Viljoen, uRabs Maxwane, uBurger Odendaal noJaco Visagie.
“Kungijabulise kakhulu ukubuya kukaWillem Alberts, uqale ukuziqeqsha ngeledlule. Uyakhombisa ukuthi ubuye ngamandla. Njengoba ezodlala ewunombolo-4 ngiyathemba uzodlala kahle kuwona wonke umdlalo. Ukudlala ekuhambeni khona kuzosinika inkinga kodwa abadlali ngiyabathemba kakhulu ekutheni bazosinqobela lo mdlalo,” kusho uVan Rooyen.
Lithakwe kanje iqembu leSharks elizoqala
UManie Libbok, uJP Pietersen, uLukhanyo Am (ongukaputeni), uMarius Louw, uWerner Kok, uCurwin Bosch, uSanele Nohamba, uSikhumbuzo Notshe, uPhendulani Buthelezi, uJames Venter, uHyron Andrews, uRuben van Heerden, uThomas du Toit, uDylan Richardson no-Ox Nche.
Iqembu leLions elizoqala lithakwe kanje
U-EW Viljoen, uJamba Ulengo, uBurger Odendaal, uDan Kriel, uRabs Maxwane, u- Elton Jantjies (ongukaputeni), uDillon Smit, uLen Massyn, uVincent Tshituka, uJaco Kriel, uMarvin Orie, uWillem Alberts, uCarlu Sadie, uJaco Visagie noSti Sithole.
Eminye imidlalo yeSuper Rugby Unlocked iqhathwe kanje:
ICheetahs nePhakisa Pumas eToyota Stadium ngele-16:30 ntambama,
iBulls neTafel Lager Griquas eLoftus Versfeld Stadium, ngele-19:00 kusihlwa.
- Le midlalo yomibili izokuba kusasa ngoMgqibelo