Akukenzeki lutho namanje emzini iGlebelands emveni kombiko



USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Kule nyanga sekucela eminyakeni emihlanu owayenguMvikeli WoMphakathi, uSolwazi uThuli Madonsela, adedela umbiko owabe uchaza ngezinkinga ezibalwa njengezibe isizathu sodlame oseluqede abantu ehositela laseMlazi iGlebelands kodwa namanje akukho okusenziwe ngawo.
Lokhu kuhlale obala ngesikhathi elaboHlanga lihambele eGlebelands ukuyohlola isimo nokuxoxisana nezakhamuzi zakhona ngempilo eqhubekayo kanye nokuthola ukuthi ngabe kukhona yini osekuguqukile kusuka owayenguMvikeli WoMphakathi ethula lo mbiko wakhe mhla zili-18 kuMfumfu wezi-2016 owawusihloko sithi “Stop The Carnage”.
Kuleli hositela kucacile ukuthi isimo sisafana naseminyakeni eyedlule njengoba uvalo lusakushaya ungena nje futhi nezakhamuzi zisaxwaya uma zibona umuntu ezingamjwayele.
Yize bekuphakathi nezinsuku ngesikhathi elaboHlanga lihambele eGlebelands kodwa impilo ibiqhubeka ngendlela yokuthi ubungafunga ukuthi impelasonto.
Ezinye izakhamuzi bezizihlalele ezindaweni zokucima ukoma zingamaqowana khona kanti ezinye bezizibukela ibhola enkundleni yemidlalo. Abanye bebengamaqoqwana lapho kufundelwa khona ukushayela.
Okuqaphelekile kuthe elaboHlanga uma lifika wonke la maqoqo ngokwehlukana kwayo anyusa izinhlonze ebukisisa ukuthi ngabe ubani lo futhi uzofunani.
“Sawubona wendoda siyakuzwa uthi uqhamuka ephephandabeni kodwa awukhumule izibuko sikubone kahle ngoba asazi noma uzosidubula yini njengoba singakuboni kahle,” kusho enye insizwa ebinomzimba nebonakalayo ukuthi inaso isibindi.
Kuthe kusenjalo kwabanowesifazane othe: “Hhayi bhuti uyabona njengoba ubingelela sixwaya asithembe lutho futhi sicela ungasithwebuli izithombe ngoba lapha kusabulawana. Umuntu ubulawa kungalindelekile akuhlelwa nokuhlelwa.”
Kube sekuyaqala kuyaxoxwa nokuyilapho izinsizwa ezimbili zicele ukukhombisa elaboHlanga izakhiwo zehositela nokunye okuwubufakazi bokuthi konke okwakubekwe okaMadonsela embikweni akukaze kulungiswe futhi umbango wemibhede nezindlu zokulala usaqhubeka.
“Asifuni kubonakale ukuthi uxoxa nathi ngoba kunezimpimpi lapha, ufike ubonakale ukhuluma nomuntu bese uyashaywa ungazelele ngoba asibulawa abantu abahlala ngaphandle kodwa abasishayayo bakhona la phakathi kwethu. Mina ungibona nje ngabulawelwa umkami kanti abanye sebefelwe inqwaba yezihlobo. Inkinga yombango osaqhubeka lapha owemibhede nezindlu zokulala. Siphila ovalweni kanti izinyembezi zethu zisagcwele amehlo namanje. Uyabona lapha kuvele kufike indoda isiphethe umuntu esimdayisele indlu yakho ngemali eyizinkulungwane ezimbili bese kuthiwa phuma. Uma ugoloza uyabulawa futhi akugcini lapho omunye uthola ukuthi ufuna intombi yakhe ibe nendawo yokuhlala bese ekuphuca indlu yakho nalapho uyadutshulwa ubulawe uma ungafuni,” kusho omunye wabahlali ocele ukuba igama lakhe lingavezwa nangengozi.
Omunye umhlali yena ugxile kakhulu ezintweni okwakucelwe ukuba zenziwe uMasipala iTheku ukuze kugwemeke udlame.
“Mfowethu izimali zidliwe lapha ngoba kwathiwa asifake izicelo zezindlu nokunye njengomyalelo kamama uMadonsela wombiko wakhe kodwa kuze kube namhlanje asikaze sibone lutho. Buka izindlu zangasese ziyavuza bese amanzi ehlela kumakhelwane ongezansi naye alwe nawe angezwa noma umchazela ukuthi amapayipi afile noMasipala akezi ukuzowalungisa. Yilapho kuqhubeka khona ukulwa nokubulalana. Buka indlela lezi zakhiwo ezibole ngayo ungaphika ukuthi kuhlala abantu,” kuchaza lo mhlali naye ocele ukungadalulwa.
Kuze kube manje ukhansela uZodwa Sibiya we-ANC, owabulawa kuleli hositela kuthiwa akukaze kuboshwe muntu.
Ngaphandle kwalokho phakathi kwezinye zezinto ezaziphakanyiswe umbiko wokaMadonsela kwaba ukuthi kuyomele uMasipala i-Ethekwini uthathe uhla lwamagama alabo abaxoshwe ezindlini zabo bese befunelwa ezinye izindawo zokuhlala eziphephile, okunye ukuthi uMasipala kumele ulungise isimo senhlalo esisezingeni lezempilo elihloniphekile neligunyazwe esinye sezigaba ezikuMthethosisekelo wezwe iSigaba 152(1) ukuze abahlali bavikeleke nasezifweni.
Uphinde umbiko uyalele uMasipala ukuba ulungise imigomo yabahlali baseGlebelands owayibeka ngowe-1998 ukuze kube nendlela yokulawula ukuhweba ngaphakathi nokunye okugcina sekuqhathe abahlali.
Uphinde embikweni wakhe okaMadonsela aphakamise ukuba uMasipala i-Ethekwini ulungise kabusha izindawo zokuhlala okubalwa namapayipi axhaxhaza amanzi kuphinde kubiyelwe ukuze kwaziwe abantu abahlala ngaphakathi nabasuke beyizihambi.
“Udlame lwalapha eGlebelands lushiye izisulu eziningi zabantu abahlukumezekile ngakho uMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi ukuba wenze izinhlelo zokubasiza ukululekwa ngokwenqgondo, ukuhlinzekwa ngokudla nezinye izinsiza ezingabelapha kulesi simo ababhekene naso. Nokho kuyishwa ukuthi uMnyango ubonakala ukushaya indiva ukubhekelela abahlali baseGlebelands njengazozonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika,” kuchaza okaMadonsela ngoMfumfu wezi-2016 ethula umbiko owaba owokugcina esephuma.
Ngonyaka wezi-2019 ngemuva nje kokuba uMvikeli WoMphakathi okhona, u-Adv uBusisiwe Mkhwebane, ededele umlenze wesibili walo mbiko, iphini lakhe, u-Advocate uCalvin Malunga lathi kunzima ukusebenza ne-Ethekwini ngenxa yobuholi bakhona obungabambisene obukhungethwe izinkinga. Waze wathi okwenziwe eCape Town ukuba kujutshwe amasosha bekumele kwenziwe eGlebelands ukuze kukhucululwe izibhamu.
USihlalo woBunye BamaHositela, uMnu uMthembeni Thusi, uthe kubuhlungu ukuthi kuze kube manje abahlali basehositela iGlebelands basabhekene nobunzima ngoba konke okwakucelwe ukuba i-Ethekwini likwenze alikaze likuqale.
Uthe izakhiwo zibolile, izindlu zisabangwa kuze kube namhlanje nokuyinto uMasipala ayalelwa ukuba ayilawule.
ElaboHlanga lizamile ukuxhumana ne-Ethekwini ngocingo nange-email ukuze liphendule kodwa kushaye isikhathi sokushicilela bengakabuyi.
NoMnu uThabani Nyawose oyisikhulu ophikweni lokuHlaliswa kwaBantu ubengatholakali ocingweni kodwa belukhala luze luzithulele.
IGlebelands inabahlali ababalelwa ezinkulungwaneni ezingama-22 kanti kusukela ngowezi-2014 kuya kowezi-2019 sekubulelwe khona abantu abangamakhulu ali-120.