Now Reading
Intokazi yaseMzimkhulu ibona isingalihola iqembu
Dark Light

Intokazi yaseMzimkhulu ibona isingalihola iqembu

Ukulungele ukuhola iqembu iKingdom Queens elizogijima okokuqala kuligi enkulu kuleli iTelkom Netball League (TNL). Lowo nguFezeka Sondzaba ongukaputeni waleli qembu laKwaZulu-Natal oveze lokhu ngesikhathi enengxoxo nelaboHlanga.

IKingdom Queens iliqembu lesibili kwaqhamuka KwaZulu-Natal, elinye iKingdom Stars. 

UKuba yingxenye kulo mqhudelwano kwaleli qembu kuvele kuleli sonto ngesikhathi inhlangano ephethe lo mdlalo iNetball South Africa (NSA) yethula ngokusemthethweni owakulo nyaka.

Imidlalo yeTNL ngabe kade yaphothulwa ngoba kwakumele iqale ngoNhlaba nonyaka kodwa ukufika kokhuvethe kwabambezela.

“Ukuba nethimba elinamava nabadlali abazimisele, ngiyathemba ukuthi ikhona okuzokwenza umsebenzi wami ube lula. Eminyakeni edlule ngisebenzile noBongiwe Msomi, lapho ngangiwukaputeni woMgungundlovu District yena eyisekela lami emqhudelwaneni iSpar National Championship. Ngafunda lukhulu kuyena engikhuthaza,” kusho uFezeka.

Umqeqeshi weKingdom Queens nguMagda du Plessis onesitifiketi sikaLevel 3 ekuqeqesheni kanti uneminyaka engaphezulu kweli-15 eqeqesha. 

UFezeka oneminyaka yobudala engama-29 odabuka eMzimkhulu, uthi waqala ukudlala lo mdlalo ngonyaka wezi-2003 enza ibanga lesi-5. Ufunde eZwelibanzi Primary School waphothula eClydesdale High School.

Akagcinanga lapho waqhubeka wayofunda eDurban University of Technology (DUT) lapho ayenza khona izifundo zeSport Management. 

Iqhuba le ntokazi ichaza, ithe ngesikhathi ithola ingane yesibili yathwala kanzima ukubuyela emgqigqweni wayo.

“Kwaba nzima kakhulu ngasengithi ngeke ngiphinde ngibuyele kulo muntu engiwuyena namhlanje. Ukuthola kwami ingane ngakhuluphala kakhulu emzimbeni kwadingeka ukuba ngisebenze kakhulu ekutheni ngibuyele esimweni sami. Ngibonga iqembu iPMB Giants Club elanginika ithuba lokuthi ngizilolonge nalo esikhathini esinzima,” kusho uFezeka.

Imiqhudelwano aseke ayidlala owaminyaka yonke iSouth Africa Local Government Association (SALGA) Games, iNational Premier League (NPL), iZone IV yabadlali abaneminyaka engama-20, i-All Africa Games, iBrutal Fruit Cup kanye neKZN Super League.

“Yize kuzoba nzima kodwa isifiso sethu ukuthi siqede endaweni enhle kulogi, nabanye babadlali bethu bezakhele igama ngalo mqhudelwano. Amava enginawo ngiyafuna ukuwasebenzisa ngendlela efanele,” kubeka uFezeka.

Elinye iqembu elisha elizobe liqala ukudlala kuligi iTNL iTornandoes yona eqhamuka eWestern Cape.

See Also

Imidlalo yeTNL izobanjelwa eMangaung Sports Complex eBloemfontein, izoqala mhla zili-14 kuya mhla zingama-27 kuMfumfu. 

Okujabulisayo ukuthi iTelkom izoqhubeka nokuxhasa lo mdlalo njengoba ngoMsombuluko iveze ukuthi izoweseka iminyaka emithathu ezayo.

Abadlali bonke mhla ziyisi-8 kuMfumfu bazobe sebekubio-bubble, lapho kuzobe kulandelwa imigomo kaHulumeni yokuthi abadlali ngaphambi kokuthi badlale kumele kuqinisekiswe ukuthi abanalo ukhuvethe.

Amaqembu azobe ebanga inkomishi i-Aloes yase-Eastern Cape, iCrinums yaseFree State, iGolden Fireballs neJaguers okungawaseGauteng, iBaobas yaseLimpompo, iSunbird yaseMpumalanga, iDiamonds yaseNorthern Cape, iFlames yaseNorthern West, iSouthern Stings neTornadoes wona adabuka eWestern Cape. Esewonke amaqembu ali-13 okubalwa neKingdom Stars kanye neKingdom Queens. Iqembu elivikela isicoco iJaguers esisinqobe kathathu. Kula maqembu kuzobakhona nelesizwe labaneminyaka engama-21.

UMengameli weKwaZulu-Natal Netball, uGugu Ngema, uthe kumjabulise kakhulu ukuba kube khona iqembu lakulesi sifundazwe eliba yingxenye yale ligi enkulu.

“Izithelo ezinhle ziyabonakala njengoba sesizoba nelinye iqembu kulesi sifundazwe. IKingdom Queens izokwakhiwa abadlali abasebancane abazofuna ukuzakhela igama, bazobe belwela ukuba banyukele kuKingdom Stars. Kuyajabulisa ukuthi abaxhasi iTelkom ivuselele inkontileka yokuxhasa lo mdlalo. Okubeka obala ukuthi isasasa likhona,” kusho uMengameli.

Scroll To Top