Now Reading
Zibuyela eringini zimabokoboko wukhuvethe ezamankomane kuleli
Dark Light

Zibuyela eringini zimabokoboko wukhuvethe ezamankomane kuleli

Liphume nobomvu ezinhlakeni zesibhakela uHulumeni wakuleli ezinika igunya lokubuyela eringini.

Ezamankomane nazo kazisalanga ngaphandle ngesikhathi uMengameli uCyril Ramaphosa evala yonke into kuleli ngoNdasa ngenxa yokuhlasela kokhuvethe.

Abahleli bezimpi abathile bagqemeke ingozi engeqiwa ntwala njengoba bese bezikhokhe zonke izindleko zokuhlela imiqhudelwano. Laba baqhathi ngoDouglas Sibiya weDMZ Sotobe Promotions obezoqhatha eChatsworth, eThekwini, iTLB Promotions  kaJoyce Kungwane ngokubambisana noLehlohonolo “Hands of Stone” Ledwaba umqhudelwano wabo obuzoba seGoli nezimpi zeGolden Gloves kaRodney Berman obezi zoba se-Emperors Palace khona kwaNdongaziyaduma.

Lezi zimpi bezizoba ngoNdasa. Abanye abashayekile iTono Promotions kaNokwanda Mbatha waseMpangeni ne-Insane Promotions abebezoba nemiqhudelwano ngoMbasa.  

Ngesifanayo nakumabhokisa ebese eqokiwe ekubeni yingxenye yalezi zimpi. Asebenzise imali eningi ezilungiselela.

UMoruti “Babyface” Mthalane oyingqwele ye-International Boxing Federation (IBF) Flyweight, utshele elaboHlanga ukuthi ukhuvethe lumphuce iqatha emlonyeni njengoba maphakathi nalo nyaka ebezolwa empini ebizohlanganisa amabhande amabili.

Ubezoxhimfana no-Artem Dalakian wase-Azerbaijan obezoza nelakhe leWorld Boxing Association (WBA) Flyweight bese uMthalane afake nelakhe esitikini. Le mpi ngeke isaba khona.  

Omunye oshayekile uZolani “Last Born” Tete obesemalungiselelweni okuxhimfana no-Emmanuel “Manny” Rodriguez wasePuerto Rico empini abezozama kuyo ukumphuca isicoco seWBC Silver Bantamweight. Obezonqoba lapha ubezotholana phezulu nozonqoba phakathi kwenxele elinguNordino Oubaali waseFrance noNonito “The Filipino Flash” Donaire wasePhilippine kweyeWorld Boxing Council (WBC) Bantamweight.

Njengoba isibhakela sesibuyile emazweni amaningi, iWBC isimemezele ukuthi impi kaDonaire no-Oubaali izoba mhla zili-12 kuZibandlela, eMohegan Sun Casino, eMelika. 

UNks uCindy Nkomo ibamba leSikhulu Esiphezulu kuBoxing South Africa (BSA) wazise iBAYEDE ukuthi ziyabuya izimpi ngoMfumfu. Uthe basathole izicelo ezine zophromotha abafuna ukuqatha. Basaphasise ezimbili ekungeyeGolden Gloves enikwe umhla zilishumi neyeTLB enikwe umhla zili-17.

Nakuba uNks uNkomo engawashongo amagama alezi ezinye izinkampani kodwa leli phephandaba liyazi ukuthi iDMZ Sotobe ingenye yezinkampani eziphinde zafaka isicelo sokuqhatha. 

“Nakuba silimele kokuningi kodwa kuyasijabulisa ukubuya kwesibhakela. Okubalulekile njengamanje ukubambisana nezinhlaka zethu sigcine imithetho esivunyelwe ngaphansi kwayo efana nokungavumeli izibukeli. Okunye ukuhlola amabhokisa ngaphambi nangemuva kokulwa. Ngesifanayo nasezindaweni okuzolwelwa kuzo. Okuhle ukuthi emasontweni edlule kuwowonke amajimu akuleli bese sizihambisile izinto ezihlanza ukhuvethe,” kubeka uNks uNkomo. 

Umqhudelwano weGolden Gloves owaziwa nge-4@War uzobanjelwa e-Emperors Palace, eGoli. Uma kungashintshanga uJonas Sultan wasePhilippines uzotholana phezulu noRicardo Malajika kweyebhande elingaphethwe muntu le-IBO Intercontinental Junior-Bantamweight. 

See Also

Enye iphakathi kukaJabulani Makhese ozovikela iWBA Pan African ne-IBF Africa Junior-Welterweight kuHarry Simon waseNamibia.

Khona lapha uBoyd Allen uzovikela iWBA Pan African Junior-Middleweight kuBrandon Thysse. ULedwaba weTLB utshele ElaboHlanga ukuthi ahamba kahle amalungiselelo omqhudelwano wabo nakuba bengeke benze nzuzo. Sebecabangela amabhokisa ukuze kuzothi uma kuvulwa konke aqhubekele phambili.

Uthe izimpi zabo zizoba seKlispruit, ngaseMaponya Mall, eSoweto. 

ULedwaba owazakhela igama evikela i-IBF Super Bantamweight kahlanu phakathi konyaka we-1999 kuya kowezi-2001, uthe bazoba nezimpi eziyisikhombisa ngalolu suku. Phezulu eqhulwini ngekaThulani “Tulz” Mbenge waseMdantsane, e-Eastern Cape ozobanga noKatembo Kuvesa waseDemocratic Republic of Congo (DRC) ibhande elingaphethwe muntu le-African Boxing Union (ABU) Welterweight.

Kubukeka uMbenge kuzomele anqobe noma kanjani kule mpi. Uphuma esibhaxwini sikaSebastian Formella waseGermany omphuce ibhande le-Interntional Boxing Organisation (IBO) Welterweight empini ebisekuhambeni ngoNtulikazi wanyakenye. 

UKuvesa akanamlando otheni. Akakaze alwele nelilodwa ibhande. Ugcine elwe ngokulingana no-Obodaa Sai waseGhana ngoNcwaba. UZandile Malinga weStarline Promotions uveze ukuthi bahlela ukwenza umqhudelwano ngasekuqaleni konyaka ozayo. Kuwo bafuna uGcina Makhoba avikele ibhande leWBF International Junior Bantamweight. Walithatha eshaya uMsawenkosi Ndwandwe ekuqaleni kwalo nyaka.

Scroll To Top