Now Reading
Unina kaMagaqa usalila ngendodana
Dark Light

Unina kaMagaqa usalila ngendodana

Sisabhibha isilonda sikanina walowo owayenguNobhala Jikelele we-African National Congress Youth League (ANCYL), uMnu uSindiso Magaqa, owafa emveni kokudutshulwa ngowezi-2017 ngakubo e-Ibisi eMzimkhulu njengoba ethi okumphatha kabi kakhulu ukuthi ababulali bengane yakhe uyabazi futhi uyababona njalo betetemuka ngezimoto zikanokusho kumbe bezichanasela endaweni ngoba banemali futhi bayesatshwa. 

ElaboHlanga likhulume noNkk uKhethiwe Magaqa emuva kwesehlakalo sokuxetshulwa kwesithombe noma  umfanekiso wendodana yakhe ethuneni layo ngabantu abangaziwa okukholakala kwasetshenziswa umgxala saphahlazwa phezulu kwethuna elikhonkiwe. 

IBAYEDE yazifikela mathupha ethuneni emasontweni edlule ngesikhathi lihanjelwe ubuholi besifunda iHarry Gwala obuholwa uMnu uZamokwakhe Nxumalo beyohlola lo monakalo nabo abawuthatha njengesenzo esiwubusathane ngoba bethi ukuba umfanekiso kaMagaqa  wawuziwele noma uwiswe umoya yingani kuwe wona wodwa ekubeni ekhona amanye amathuna akhiwe ngendlela efanayo.

Engxoxweni neBAYEDE uNkk uMagaqa ube manqikanqika ukukhuluma ngoba ethi akanaso isiqiniseko sokuthi ukhuluma nentatheli yangempela ngoba ziningi izinto ezikhulunywayo ngabantu abafikayo bazenze okuthile kanti bazozama ukuthola ulwazi ukuthi yini oyaziyo umndeni ngomufi nangecala lakhe. 

“Yashona ikhulume okuningi ingane yami futhi yasitshela ukuthi obani abayifuna phansi futhi siyabazi kodwa-ke sisalinde icala leli obekufanele ukuthi lingene ngoMbasa kodwa langangena ngenxa yokhuvethe,” usho kanje. 

Ukugcizelele ukuthi akasathandi ngendaba yendodana yakhe ngoba iyaqhubeka nokumhlukumeza nsuku zonke njengoba kuningi okwenzakayo ngisho isingasekho. 

“Ngifisa ukube babe mdubulele emagcekeni akwami ngoba ngangizofa nayo indodana yami ngiyivikela baqede ngathi sobabili,” kusho uNkk uMagaqa obezwakala engaphathekile kahle ngoba ethi akazi ukuthi basafunani ababulali ngoba sebaqeda ngomuntu ababephikisana naye.

Uthe selokhu ashona uMagaqa akukho ukuphumula kwazise nokuhlukumezeka kukhulu kangangoba kwayena akasaphilile kahle empilweni. 

“Okubuhlungu nje ukuthi abantu ababulala ingane yami bayadedelwa ngumthetho futhi angisenandaba nokuba bangeza nakumina bazongibulala ngibalindile,” usho kanje. 

IBAYEDE ixhumane neMeya yoMkhandlu uMzimkhulu, uMnu uMphuthumi Mpabanga, lapho uMagaqa ayeyikhansela khona njengoba kwavela ukuthi ukubulawa kwakhe kwakumayelana nolwazi olunzulu ayenalo ngokudliwa kwemali yokwakhiwa kwehholo lamagugu elakhiwa uMkhandlu ngemali engaphezulu kwezigidi ezingama-R 35 okuthiwa yakhwatshwaniswa. 

UMpabanga uthe yonke indaba yaseMzimkhulu yaba nehaba elikhulu yagcina isipende kabi uMkhandlu wakhe nezisebenzi zawo kwabukeka sekungathi lo Masipala ukhohlakele kunayo yonke imikhandlu ekhona. 

“Kwasetshenziswa ipolitiki kakhulu kulolu daba kungakenziwa uphenyo okwathi uma sekuphuma izincomo zophanyo kwangabi bikho noyedwa ofisa ukuqhubeka nokumemeza ngazo njengoba kwakukade kumenyezwa,” kusho uMpabanga. 

Uqhube wathi uphenyo olwenziwa yiHhovisi loMvikeli Womphakathi nelalowo owayenguNdunankulu, uMn uWillies Mchunu, lwabadida ngoba lwaba nezincomo ezehluke nokuthi nemali okwamenyezelwa ukuthi yachithwa lakhiwa akuyona okwakukhulunywa ngayo kodwa uphenyo lwaveza ukuthi kayifikanga ngisho ezigidini ezingama-R 20.

“Njengoba ngangike ngasho ngathi nathi siyadideka ngoba uMvikeli Womphakathi washo okunye ukuthi kakukho mali ekhwabanisiwe kepha akhona amagebe okufanele alungiswe kwaSupply Chain ngokuqokwa kwenkampani futhi nawo kufuneka alungiswe ngendlela yokuthi libikelwe iHhovisi loMvikeli Womphakathi nezamafa KwaZulu-Natal njengoba kuyihholo lokugcinwa kwamagugu…futhi siyakwenza lokho njengoba sekuqhubeka nje ukwakhiwa kwalo” kusho uMpabanga. 

Izincomo ezakhishwa iHhovisi likaMchunu zazikhomba emnyango zonke izimeneja zolo Mkhandlu neMeya kodwa abameli bakaMasipala bawuchitha ngoba bathola ukuthi kunezinto ezazingenziwanga kahle ezifana nokuthi enye yezimeneja ewumgogodla ekulawulweni koMkhandlu kayizange ibe sohlwini lwezaziphekwa ngemibuzo ngoba yayisekhefini ikhulelwe kodwa izincomo zabuya zisho okunye.

“Kwasixaka kakhulu-ke lokho sagcina siwuphindisela kwaCogta umbiko ukuthi ubhekisiswe kahle njengoba sisalindile,” kusho uMpabanga. 

Uthe kubuhlungu ngoba nendaba yokushona kukaMagaqa yashiya iminwe ikhomba kubantu thizeni kwagcina kuboshwe ababuye badedelwa ngoba kuthiwa kabukho ubufakazi okuyinto evame ukwenzeka ezigamekweni zokubulawa kwamakhansela.

“Siyafisa ukuthi batholwe abenzi bobubi ngoba empeleni uMagaqa wayeyikhansela esasiba nezingxoxo nalo kodwa kwakungaze nakancane kufike lapho sixoxa sibone ukuthi kungaze kubulawane,” usho kanje. 

See Also

Uphinde wathi kodwa konke kwenziwa kusetshenziswa ipolitiki ngoba inhloso kwakuwukuthi kuphume abanye kungene abanye. 

“Ngisamile ekutheni ezethu izandla zimsulwa futhi uphenyo loMvikeli Womphakathi luvuleleke kumuntu wonke,” usho kanje. 

Ukugxeke kakhulu okwethuna likaMagaqa wathi yinto yomndeni kumbe ubuthakathi kodwa wathi uma kungenzeka ukuthi ihlangene nepolitiki kuyoba “yipolitikibuthakathi”. 

USihlalo we-ANC esifundeni iHarry Gwala uMnu uZamokwakhe Nxumalo uthe akathandi ukukhuluma ngendaba kaMagaqa nokwaseMzimkhulu ngoba okunye kwakho kusesezinkantolo nakuMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zobuholi Bomdabu kodwa uma iMeya yaseMzimkhulu ibona ukuthi kwakufanele kuphume abanye kungene abanye kuwumbono wayo hhayi owe-ANC. 

“Thina sisaphatheke kabuhlungu ngendlela ahamba ngayo uMagaqa nezinto ezenzekayo esengasekho futhi sikhalisana nomndeni ngoba ngempela lokhu kuwubusathane obuhambisana nenzonda,” kusho uNxumalo. 

Uthe noma abanye bebona ukuthi indaba yethuna likaMagaqa yinto yomndeni kodwa wayeyilungu likaKhongolose futhi abakuboni kuwukuphambuka ukuthi bangenelele uma kukhona izinto ezizwakalayo ngaye ngisho esengasekho. 

“Kusemandleni ethu ukuqiniseka ngokuphila komndeni wakhe nokuthi sikhalisane nawo lapho kubuhlungu khona siwududuze,” kusho uNxumalo. 

Uthe basezinhlelweni zokulungisa ithuna likaMagaqa. 

Scroll To Top