Umfelokazi kaNtuli uthi akamazi owabhalisa



UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.

USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Uzilele ezintabeni njengoba esexoshwe nasemzini ngoba esolwa ngokubikela amaphoyisa udaba ngokufa komyeni
Luya ngokujiya udaba oluthinta imbangela yokwedlula emhlabeni kukaMnu uMbongeleni Ntuli nohlobene naloyo oyiMeya yaseNkandla, uMnu uThami Ntuli. Lokhu kulandela ukuzihlangula komfelokazi enkulumeni ethi nguye owafika emaHhovisi Ezasekhaya ehamba neMeya uNtuli. UNkk uThabisile Ntuli, uMaMdunge, ekhuluma nelaboHlanga uthe naye uyafisa ukwazi ngalo wesifazane okuthiwa waziveza njengomfelokazi kaNtuli nokwagcina kuphume incwadi echaza ngembangela yokufa kwakhe engelona iqiniso.
Ngesonto eledlule ElaboHlanga libike ngokukhethekile isitatimende esifungelwe ngowesifazane osebenza eMnyangweni Wezasekhaya othi nguye owakhipha incwadi eyabe izolandwa ngamalungu omndeni kamufi okwabe kungowesilisa kanye nomunye wesifazane athi wabe eqala ukumbona nowethulwa njengomfelokazi. Esitatimendeni lesi sisebenzi asinanazi ukuthi owesilisa lo yiMeya yaseNkandla nathi yiyo eyabe ikhuluma.
Ibuzwa ngalokhu iMeya uNtuli iphike yalala ngomhlane yathi ayikaze ilubhade ngisho emaHhovisi oMnyango Wezasekhaya futhi akasazi nalesi sisebenzi okukhulumywa ngaso. Umfelokazi uMaMdunge weneke ubuhlungu abhekene nalo ngalolu daba: “Uyazi bakithi angisathandi ukulokhu ngikhuluma ngale ndaba ngoba nobuthongo buvele bungafiki futhi angazi nokuthi ngisaphilelani uma kunjena. Iqiniso ukuthi mina ngangihleli emakhandleleni ngimbozwe ngengubo. Kuze kwasuka esinye isihlobo sangitshela ukuthi akengiphume ngiyobheka izinto ukuthi zihamba kahle yini ngoba uma ngilokhu ngihleli kuzokonakala. Nembala ngahamba ngaya eMnyangweni Wezemfundo ngiyolungisa izinto zikaNtuli kodwa bafike bangiyalela ukuba ngiye emaHhovisi oMnyango Wezasekhaya. Kuthe uma ngifika khona ngadluliselwa emaphoyiseni okuyiwo avule icala ngoba kutholakala ukuthi kunezinto ezishayisanayo ngokushona kukamyeni wami”, kuchaza uMaMdunge lusizi.
Uqhube wathi: “Ngizama njalo ukuchaza ukuthi mina angizange ngivulele muntu icala kodwa yiwo amaphoyisa agcina eseyomba nesidumbu sekwenziwa uphenyo ngoba kubonakala ukuthi imibiko kadokotela nowoMnyango Wezasekhaya iyashayisana ngokuthi umyeni wami ubulawe yini. Yilapho kugcine sekumbiwa isidumbu sayohlolwa kwatholakala ukuthi wabulawa ukusha hhayi ukuthi wazishonela njengoba kuchaza incwadi yoMnyango Wezasekhaya. Ngibuhlungu ngoba sengixoshwe ngisho emzini ngayohlala ekhaya ngoba ngisolwa ngokuthi yimi ofake udaba emaphoyiseni.”
Ubusuku besigameko
Kube umunyu lapho esechaza okwenzeka nakubonayo ngosuku lapho kwalimala khona umnyeni wakhe. Uthi ngalolo suku kwabe kunenkonzo yomlindelo wengane eyayishonile endaweni kodwa yena (uNtuli) akabanga senkonzweni ngenxa yokungaphili kunalokho wahamba wayolala.
“Kuthe inkonzo iqhubeka sabona sekusha endlini ngagijima ngaya khona ngafika esevele eseshile. Ngazama ukumhudula ngimkhiphela ngaphandle wabe esephuthunyiswa esibhedlela nokuyilapho afike washonela khona,” kuchaza uMaMdunge.
Uthi selokhu kwenzeke le nto akasazazi nokuthi ungubani noma usafanelwe yini ukuphila futhi usekhathele ukukhulunyiswa ngalolu daba.
“Ngisho abantu abathi bazongisiza bangaqala ngaphi ngoba sengiyibhece nje elisensimini elingazazi noma liyaphila noma lifile yini,” usho kanje ebuye ahlaselwe nayizinyembezi.
IMeya uNtuli yakuphika ngeledlule ukuthi uMaMndunge uxoshiwe emzini ngenxa yalolu daba yathi ukwabo balinde abuye kuzoxoxisana nabadala nokuyizinto ezenziwayo emindenini eminingi ngokusho kwakhe.
Bayaviva abeSisonke Gender Justice
Lolu daba seluthinte nalabo abalwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane kuleli. Emveni kokuphuma kodaba kuvele inhlangano ethi isimi ngomumo ukulekelela umfelokazi. UMnu uBafana Khumalo weSisonke Gender Justice uthe bazimisele ukusiza nanoma ngabe iyiphi indlela yezomthetho kuMaMdunge.
“Sicela nisinikeze izinombolo zakhe sikwazi ukuxhumana naye ukuze sikwazi ukungenelela simnikeze usizo lwezomthetho. Lesi simo abhekene naso sibuhlungu kakhulu yingakho sizimisele ukumsiza,” kuchaza uKhumalo.
INkosi uZakhe Mpungose iluqinisekisile udaba lwakwaNtuli yathi babikelwa ngokumbiwa kwesidumbu kwaze kwenziwa uphenyo.
“Lesi sigameko senzeke eVumanhlamvu. UMufi uMbongeni Ntuli washona ebulawa umlilo owamshisa elele ngonyaka owedlule. Ngesikhathi kwenzeka lokhu kwakuqhubeka inkonzo yomlindelo njengoba kwakukade kushone ingane. Umndeni walubika udaba kimi nokuyinto eyenziwayo lapha emakhaya. Nangesikhathi sekuvela izindaba zokuba kuzombiwa isidumbu sikamufi, umndeni wakubika nalokho.
“Amaphoyisa asithatha isidumbu asiyisa eRichards Bay nalapho esafike sahlonzwa khona ngokushesha amanxeba okusha. Ngemuva kwalokho sabuyiswa sangcwatshwa kabusha. Lokhu bekuqala ukwenzeka endaweni yami kunalokho isigameko esicishe sifuze lesi senzeka kusabusa ubaba nalapho kwafihlwa umama thizeni ebulawe umphezulu akangayiswa esibhedlela ukuyohlolwa. Yilokho owenza ukuba ambiwe kabusha kuyohlolwa isidumbu,” kuchaza iNkosi uMpungose.
INduna yeNkosi, uNkk uSebenzile Nhlebela nayo ithe lwabikwa udaba kuyo.
“Abomndeni yibo ababika ngoba phela unkosikazi wayengeke akwazi ukuphuma ngoba wayehleli emakhandleleni. Ngibona ukuthi abantu abenza iphutha yilaba abakhuluma okungeyikho sekuyokwenziwa isitifiketi esiqinisekisa ukushona kukaNtuli njengoba kugcine sekungena namaphoyisa sekumbiwa umufi. Bafike bathi ushone ngokuzigulela ekubeni ebulawe umlilo,” kusho iNduna uNkk uNhlebela.
Okushiwo yisitatimende esifungelwe
Esitatimendeni esifungelwe ecaleni eliwuNombolo 27/12/219, encwadini ewuNombolo G 6719585, nelaboHlanga elinayo ikhophi, isisebenzi soMnyango Wezasekhaya eligodliwe igama laso ngenxa yokuphepha sibeka kanje:
“Ngiyisisebenzi eMnyangweni Wezasekhaya eNkandla District, ngineminyaka engama-43. Ngokuhlala ngise… (Ikheli siligodlile) khona eNkandla kodwa ngidabuka (ikhona indawo siyigodlile). Ngomhla lulunye kuLwezi wezi-2019 ngangisemsebenzini njengansukuzonke emahhovisi oMnyango Wezasekhaya. Kwabe sekufika iMeya yaseNkandla, uMnu uThami Ntuli ihambisana nowesifazane engangingakaze ngimbone. Lona wesifazane wabe eseza namaphepha ayeneminingwane kamufi kungumyeni wakhe. Wayecela ukuba enzelwe isitifiketi esiqinisekisa ngokufa komuntu. Ngabe sengiwathatha amaphepha lawo ngabuza ukuthi umyeni wakhe ushone kanjani. Umuntu owabe esephendula lapho kwaba nguMnu uNtuli owathi umufi ushiswe umlilo waphuthunyiswa esibhedlela nokuyilapho afike wadlula khona emhlabeni.”
Siqhubeke sithi: “Ngokwefomu eliwu-B 11663, udokotela owayesayinile akazange aqedele konke njengoba engafakanga ukuthi umufi ubulawe ukugula noma ingozi. Yilapho engabe sengibuza iMeya uNtuli ukuthi ngabe kube yini imbangela yokushona kukaMbongeni Ramson Ntuli. IMeya yangiphendula yathi ushone ngokugula. Ngenxa yokuthi uyisihlobo ngabe sengimethemba ngempendulo eyanginikeza yona. Nginake emva kwesikhathi ukuthi ngabe kwaba yini imbangela yokushona kukamufi ngesikhathi sekufika umphenyi engichazela. Ngiyazi futhi ngiyakuqonda engikusho lapha. Angiphikisani nakho futhi ngizozimela izifungo zami njengoba ngenzile esitatimendeni. Inkosi ingisize,” kusho lesi sisebenzi esitatimedeni esisenze phambi kwephoyisa laseNkandla, uColonel u-Isaac Zulu.