Now Reading
Ezinye ziyamnuka ezinye ziyamphungela uMphathiswa
Dark Light

Ezinye ziyamnuka ezinye ziyamphungela uMphathiswa

Alivumi ukuphuma odakeni igama likaMphathiswa woMnyango Wezempilo KwaZulu-Natal, uNkk uNomagugu MaSimelane Zulu, ezinkingeni zokuqashwa kwezikhulu zezibhedlela njengoba sekuqubuke ezinye izinsolo ezintsha zokuthi usephenduke isiphazamiso esikhulu ekutheni isibhedlela sakwaHlabisa sibenomphathi ngenxa yokufaka kwakhe unyawo lwedada.

UMaSimelane Zulu usolwa ngokuphazamisa uhlelo lokuqashwa lweSikhulu Esiphezulu esibhedlela kwaHlabisa.

Lezi zinsolo zivumbuka nje kuthe emasontweni amabili edlule ElaboHlanga labika ngezikhalo zabanye esibhedlela iMseleni khona eMkhanyakude, nakhona okuthiwe umise ukuqashwa kweSikhulu Esiphezulu sekuphothulwe konke ngoba efuna kuthathwe umngani wakhe okuthiwa ubambe kwesinye sezibhedlela eGauteng.

EMseleni kukhale ngisho iNkosi yesizwe sakwaMabaso (uThuthukani Mabaso), ibalisa ngokuthi nabo bahleli ebumnyameni abazi kwenzakaleni ngoba babegcine sekuphothulwe zonke izinhlelo zokuqashwa kweSikhulu Esiphezulu ngemuva kwesikhathi eside kubanjiswa abantu babuye bahambe.

Kuleli sonto ElaboHlanga likhulume nabebekhala esibhedlela kwaHlabisa,  kuthiwa sekuze kwaba amahlandla amathathu kwenziwa inhlolokhono kodwa akekho oqashwayo. Umthombo ocele ukuba lingadalulwa igama lawo uthe namanje asiqashiwe iSikhulu Esiphezulu esibhedlela kwaHlabisa.

“Kulokhu kokugcina kwenziwe inhlolokhono sonke sathemba ukuthi sekuzoba nomphathi omusha oqashwe ngokugcwele esibhedlela ukuze kulunge izinto ngoba akuhambi kahle. Kuthe sisabheke lokho sathola ukuthi uMphathiswa uMaSimelane Zulu ufike wayimisa incwadi yokuqoka obeseqashiwe nobesekufanele isayinwe iNhloko yoMnyango. Asisazi ngempela ukuthi kanti kulezi zibhedlela zalapha eMkhanyakude ngoba akazinakile izinkinga esibhekene nazo kodwa uphazamisa ukuqashwa kweZikhulu Eziphezulu. 

Ngikhuluma nawe nje into esesikhale sazesazithulisa ngayo ukungaphatheki kahle kodokotela abamnyama ezibhedlela zalapha eMkhanyakude ebesithi uMphathiswa uzoyisukumela ayilungise kodwa lutho namanje akayinakile umatasa nokuvimba ukuqashwa kweSikhulu Esiphezulu. Uyabona nje esibhedlela iManguzi odokotela abamnyama bayashiya ngoba abaphethwe neze kahle, bahlaliswa ezindaweni ezingasile bese kuthi abamhlophe banikezwe izindlu zokuhlala imindeni ezintofontofo neziphephile. Lokhu kwenzeka naseBethesda Hospital, empeleni nje eManguzi uma ngingakhulumi iphutha odokotela abamnyama sebehambile, kusele oyedwa okuthiwa uDkt uNgubane. EManguzi akukho ngisho iDental Therapist, akukho ne-Optometrist bahambile ngoba aboHlanga baphethwe kabi. Sibuhlungu ngalo Mphathiswa ngoba ubonakala enezinhloso zakhe kunokulungisa isimo sezempilo salapha eMkhanyakude,” kusho umthombo ocele ukungadalulwa.

Esibhedlela kwaHlabisa kuthiwa kukhona ngisho amaminithi omhlangano wenhlolokhono ayebhalwa uNksz uNontobeko Mdluli. 

  Umholi wenyunyana iNehawu eMkhanyakude, uMnu uThulani Mthembu, uthe isibame emphinjeni le ndaba yeZikhulu Eziphezulu eyenzeka kwaHlabisa naseMseleni ngoba abaqondi ukuthi kungani uhlelo lwakhona luphazamiseka.

“Mfowethu uma ngikhumbula kahle kulezi zibhedlela zombili inhlolokhono yokuqashwa kweZikhulu Eziphezulu isiyenziwe kwaze kwabangaphezu kwamahlandla amabili kodwa kuze kube namhlanje asazi ukuthi kubambephi bengaqashwa. Okusixakayo ukuthi lezi zikhala ezingenamuntu nanamhlanje uHulumeni uyazikhokhela ngoba laba abasuke bebambile bayaziholela. Ngakho kusemqoka ukuthi kubenomuntu oqashwe ngokugcwele ukuze kusebenzeke ngendlela ezibhedlela. Kunalokho uzwa sekuthiwa inhlolokhono yenziwa kodwa sekuhlehlisiwe. Lesi simo silimaza nesibhedlela uqobo ngoba uthola ukuthi umuntu obambile akawazi ukuthatha izinqumo ngoba usuke engenalo igunya lokwenzenjalo. Akugcini lapho laba bantu ababamba lezi zikhundla kulezi zibhedlela uthola ukuthi kuze kweqe izinyanga eziyisithupha umuntu ebambile kuye eminyakeni emibili nesingaqondi ukuthi yini inkinga ngoba ikhona imali ekhokhelwa lezi zikhundla okusho ukuthi kusuke kusele ukuba kuqashwe umuntu ozobakuzo ngokugcwele,” kusho uMthembu.

Izikhulu zezeMpilo eMkhanyakude zithintiwe ngalezi zinkinga ezibikwayo kodwa akekho noyedwa obefisa ukuphendula kunalokho bathe abafuni bona ukuphelelwa umsebenzi.

UMqondisi wesiFunda eMnyangweni Wezempilo eMkhanyakude, uNkk uMakhosazana  Themba, ethintwa uthe kungani kumele aphawule ngoba ekuqaleni kuxhunyanwe noMnu u-Agiza Hlongwane.

See Also

“Angithi nina nilwenzile udaba lwenu ngesibhedlela saseMseleni nakhuluma noHlongwane. Yini manje lena esiyenza nibuye nize kimi? Okunye angiyikhulumi le ndlela ofuna ngikhulume ngayo yokukhipha ulwazi loMnyango ngoba umthetho awungivumeli. Ngicela uyiyeke futhi ungaphinde uzame ukwenzenjalo ukufuna ulwazi oluyimfihlo ngale ndlela ngoba uyophelelwa umsebenzi ngiyakutshela. Le mibuzo onayo ngicela uyibuze uHlongwane njengoba wawenzile ekuqaleni,” kusho uNkk uThemba.

OyiNhloko eHhovisi lakwaNdabazabantu eMnyangweni Wezempilo eMkhanyakude, uNks uNontobeko Mdluli, okunguye okuthiwa wayethatha amaminithi enhlolokhono, ethintwa uthe umthetho awumvumeli ukuba awakhiphe futhi agcinwe ehhovisi elikhulu lesifundazwe.

“Hhawu ngeke usufuna ukuba ngiboshwe. Angiyenzi leyo nto thina lapha eMnyangweni sasayina imithetho esivimbayo ukuba singalokothi sikhiphe ulwazi oluyimfihlo eMnyangweni. Ngakho lokhu ofuna ngikwenze ngeke ngikwazi  okwangempela ngakho xhumana nehhovisi elikhulu bakusize ngoba mina angikwazi ukulekelela,”  kusho uNks uMdluli.

Okhulumela uMphathiswa uMaSimelane, uMnu uNtokozo Maphisa, uthe basamile ekutheni uMaSimelane njengoMphathiswa akangeni ekuqashweni kwezikhulu zezibhedlela futhi akanaso isizathu sokwenza kanjalo.

“Udaba lakwaHlabisa nolwaseMseleni aluhlangene noMphathiswa ngoba okunye izibhedlela ezincane lezi ezingeke ngempela zikwazi ukuba ziqashe iSikhulu Esiphezulu ngomyalelo kaMphathiswa. Siyacela ukuba igama lakhe likhishwe kulezi zinkinga ngoba akahlangene nazo. Uyabona nje nalolu daba lokuthi umise ukuqashwa kweSikhulu Esiphezulu ngoba kunomuntu obambe kwesinye isibhedlela esiseGauteng amfunela isikhala akulona iqiniso njengoba sasishilo nangokudlule. Kulokhu kokungaphathwa kahle kodokotela abamnyama, uMnyango wenze isiqiniseko sokuthi ezindaweni ezisemakhaya wakha izindawo ezingakwazi ukuheha odokotela bethu ukuba bangasabi ukuzosebenza bahlale kuzo. Inkinga esinayo ukuthi intsha yakithi yiyo engazithandi lezi zindawo kodwa encamela ukuzishiya nokuyisimo esikhona,” kuchaza uMaphisa.

Scroll To Top