Now Reading
Kukhona okungenziwa ngezinselelo kwezolimo
Dark Light

Kukhona okungenziwa ngezinselelo kwezolimo

Sikhule sivuka ekuseni sibophele izinkabi, sibheke emasimini uma sekuyintwasahlobo. Omunye ebambe igeja kanti omunye uyashayela bese kuba nomfana obambe intambo. Kwakunemizi eyaziwayo emakhaya ukuthi umnumzane unesipani sezinkomo esilimela labo abafuna ukulima amasimu, bamkhokhele imali. 

Ngaleso sikhathi kwakungajwayelekile ukuba kukhalwe ngesomiso kodwa unyaka nonyaka intwasahlobo yayaziwa njengesikhathi esibalulekile sokulima. Kuhambe kwahamba kwaba khona ogandaganda, benza waba lula umsebenzi wokulima. Okuthanda ukuxaka ekusebenziseni ugandaganda wukuthi awukwazi ukuhamba ezindaweni ezitshekile, okwenza ukuba zikhumbuleke izinkabi. 

Lolu hlobo lokulima lwalukwazi ukubhekela ukudla okudingwa wumndeni, okusalayo kuvunwe kubekwe enqolobaneni kusetshenziswe ngenye indlela, njengommbila owawudliwa usemanzi ube yifutho kanti uma sewomile uba yizinkobe kanti futhi kugqulwa kweziwe isitambu, kugaywe kwenziwe impuphu. Lokhu kwakuyanelisa impilo yomuntu emakhaya, kungekho sidingo esingako sokuya esitolo kuyothengwa impuphu, amazambane nobhontshisi. Ingene kancane kancane impilo yesitolo kwaba nesidingo esikhulu sokuba kukhiqizwe kungamiwa. Uphuthu ludliwa unyaka wonke. Ngeke ufike esitolo utshelwe ukuthi ummbila usatshaliwe, ngeke uyithole impuphu. Isidingo semikhiqizo yezolimo asipheli. Ngakho-ke sibe sikhulu isidingo sokutshala ubusika nehlobo. 

Uma uhamba ezindaweni ezithile, noma uhamba ngomgwaqo omkhulu osuka eThekwini uya ngaKwaZulu, ungakadluli KwaDukuza kunezakhiwo ezibukeka njengamatende amhlophe. Lezo zakhiwo zibizwa ngamatunnel. Ngokubuka lezi zinselelo kwezolimo, kufike isikhathi sokubhekana nazo ngendlela ezokwakha amasu amasha okwenza le mboni yokulima ithuthuke iqhubekele phambili. Namuhla ngicabanga ukuba kesibuke uhlelo lokulima olubizwa ngeGreen House Tunnel. Lolu hlobo lokulima ngolokutshala endaweni eyakhiwe sandlu, eyenza izitshalo ezinhlobonhlobo zikhulele endlini eyakhiwe ngobuchwepheshe okwenza imikhiqizo ingehluki kangako kuleyo etshalwe ensimini evulekile, kwesinye isikhathi ibe ngcono kakhulu. Omunye angazibuza ukuthi zingathathwaphi izindlu eziyilolu hlobo ezingalingana nodedangendlale bamasimu namapulazi. 

Uma kwakhiwa lolu hlobo lwesakhiwo kusetshenziswa izinsimbi ezakha uphahla oluphakeme ngokwanele bese kumbozwa ngendlela eyenza kuvaleke izimbobo, umoya ungena ngendlela ehlelekile namanzi angene ngendlela ehleliwe evumelana nalokho okutshaliwe. Phansi kufakwa umhlabathi noma okunye okusamhlabathi lapho kuzomila khona okutshaliwe. Kwezinye zalezakhiwo kuxhunywa amapayipi ahambisa amanzi kulokho okutshaliwe. 

Ubuhle balendlela yokulima wukuthi isakhiwo sivikela izitshalo ekuphephulweni yizinhlobo ezehlukene zemimoya elimaza izitshalo ezingavikelekile. Uma kunesichotho asifinyeleli kokutshaliwe ngoba kuvikelekile kulesisakhiwo. Noma lingana uzamcolo kaNowa amanzi akazingeneli ngokuthanda kulesi sakhiwo. Kunendlela ehlelekile yokuvumela amanzi anele ukuphilisa okutshaliwe angabi maningi futhi angabi mancane okungenza okutshaliwe kungawutholi umsoco owanele otholakala emanzini. Uma kudingeka ukufudumala kuyavalwa kube nesimo esizohambisana nalokho okutshaliwe. 

Ensimini evulekile izinambuzane zizihambela ngokuthanda zindize zihlale lapho zithanda khona, kungabi lula kumlimi ukuvikela lokho akutshalile kungalinyazwa yizinambuzane. Kulesi sakhiwo esiyitunnel umlimi uyakwazi ukulawula okungena ngaphakathi. Umoya ovunguza ngaphakathi esakhiweni uyelapheka ulungele lokho okutshaliwe kukhule kuvikelekile futhi kunomsoco odingekayo. Ensimini evulekile kuze kudingeke izikhuthazi noma amakhemikhali amanye anobungozi empilweni yomuntu, ukuze kufe izinambuzane. Isakhiwo esiyitunnel siyabunciphisa ubungozi obutholakala kumakhemikhali. 

Kuba lula ukwelapha izifo ezihlasela izitshalo uma zingaphakathi kwesakhiwo saloluhlobo, kunokuba kusemasimini nje. Imikhiqizo ephuma kutunnel isethubeni lokuba mihle ngoba izifo ziyavikeleka futhi nezitshalo zivikelekile kokuningi okungazingena. 

See Also

Kulula ukulawula ukhula kulesisakhiwo kunasensimini lapho ukhula olunhlobonhlobo luzimilela lungalawuleki kalula. Okubi ngalolu hlobo lokulima wukuthi luyaphambana nomkhankaso wokuvula amathuba emisebenzi. Ukusebenza kwetunnel akudingi abasebenzi abaningi. 

Ukukhanya nemisebe yelanga edingwa kakhulu yizitshalo ukuze zibe nomsoco zikhule kahle, kulawulwa ngendlela ethile ngezimbobo ezivulwayo uma kunesidingo zivalwe uma sekwanele. Lokhu kwenza isiqiniseko kumlimi ukuthi uhlobo lomkhiqizo ozophuma ufanelekile ukudliwa futhi izimakethe ngeke zibe nezinkinga ukuwemukela.

Kulesi sakhiwo esiyitunnel kutshalwa kuvunwe kuphindelelwa kunganakwa nokuthi yisiphi isikhathi sonyaka. Lolu hlobo lokusebenza luyahambisana nokusebenza kwebhizinisi ngoba luyamvumela umlimi akwazi ukuthumela imikhiqizo yakhe unyaka wonke ngaphandle kokuthikamezwa wubusika nehlobo. Okudingekayo wukuba umlimi azihlele kahle ehlukanise isikhathi atshala ngaso ukuze ulungele imakethe ngokudedelana. 

Amatunnel alungele ukutshala izitshalo ezifana notamatisi nezinhlobo ezithile zemifino nezithelo ezingakhuli zibe yimithi emide ngokuya phezulu, ezithatha isikhathi esifushane ukulunga, zithele ziphindelele. Kubalulekile ukukhuthaza abathanda ukulima ukuba bayibheke le ndlela yokulima. Namuhla sikhulume ngobuhle balesi sakhiwo kuphela, kodwa yinto eyiqiniso ukuthi akusoka lingenasici. Uma singazibala izinkinga obhekana nazo uma ulandela le ndlela yokulima zincane kakhulu kunobuhle bayo.  

Scroll To Top