Isigaba semvalelwakhaya asilethi mehluko kwawaboHlanga
UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Izinkampani eziningi kubonakala zizokuthola kunzima ukuphinde zisimame emva kokuthwala kanzima ngenxa yobhubhane oselwengamele umhlaba wonke, ukhuvethe.
Ngesikhathi kubhebhetheka ukhuvethe uHulumeni uye washaya umthetho wenhlekelele kwaba khona imvalelwakhaya. Yize uHulumeni elokhu evula imikhakha ethile ngokwezigaba izwe elingena kuzona, izinkampani eziningi sezivele zivalile. Lokhu kudalwe ukuthi abanikazi bezinkampani bayabona ukuthi isimo sezimali nezokuhweba azisakuvumeli ukuthi la mabhizinisi aqhubeke nokusebenza.
Ngesonto eledlule uMengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa umemezele ukuthi izwe selingene esigabeni sesibili semvalelwakhaya. Njengengxenye yalesi sigaba kunamabhizinisi amaningi asevunyelwe ukusebenza njengezindawo zokuzivocavoca, ezokuvakasha nezinye. Ziningi izingqinamba amabhizinisi abhekene nazo yize esevunyelwe ukusebenza.
UMphathi weBhangengodla, uMnu uLesetja Kganyago (osesithombeni) usanda kubeka ngokuthi kulo nyaka izibalo zomnotho zizofana nalezo ezagcina ukubonakala ngonyaka we-1930.
Irenti
Amabhizinisi amaningi abhekene nesikweletu sokukhokhela izindawo asebenzela kuzo kelezi zinyanga ezinhlanu ezedlule. Le mali iyafuneka yize la mabhizinisi abengenzi nzuzo kulesi sikhathi semvalelwakhaya. Phezu kwalokho la mabhizinisi kusafanele akhokhele ukusebenzisa lezi zindawo ukuya phambili. Amabhizinisi athembela kumakhasimende awo ukwenza imali. Njengoba kwawona amakhasimende engatheleki ngobuningi ngenxa yokwesabela ukutheleleka ngokhuvethe, kusazoba nzima kakhulu kumabhizinisi amaningi.
Umthetho wokuncintisana
Amabhizinisi avamise ukuxhugela yilawo aboHlanga ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya nasemalokishini. Lungakafiki ukhuvethe nezingqinamba zalo, la mabhizinisi abevele exhugela eqinelwa amabhizinisi abezinye izinhlanga nalabo bokufika. Osomabhizinisi boHlanga bayaye bagqugquzelwe ukuthi babe yimbumba njengalabo bokufika nabezinye izinhlanga. Kodwa okungabhekwa lapha ukuthi eNingizimu Afrika kuyicala ukuvumelana ngokufaka intengo efanayo nibe ningamabhizinisi ahlukene. Osomabhizinisi boHlanga sebeke bakuveza ukuthi bona bazithola kufanele balandele umthetho waseNingizimu Afrika omayelana nokuncintisana kodwa labo abancintisana nabo bebe bengawuhloniphi lo mthetho.
Enye ingqinamba ekhona ukuthi iKhomishini Yezokuncintisana isebenza kakhulu ngokuthi kube khona ofaka isikhalazo. Lokhu kwenza ukuthi amabhizinisi amaningi awuphule kalula umthetho wokuncintisana ngoba labo abathintekayo benganalwazi lokhuthi umthetho wokuncintisana usebenza kanjani.
Ukugombela
Kukhona nokuvungama kosomabhizinisi boHlanga ngokuthi uHulumeni uyakugqugquzela ukugombela ngoba uye unike inkampani eyodwa ithenda kazwelonke. Lokhu kubonakale kamuva nje ngokuthi kube nenkampani enikwa ithenda yokufutha kuzwelonke.
Enye yezindlela izinkampani ezinkulu ezigombela ngayo ukusebenzisa amandla emali ukuze kungabi bikho ukuncintisana okuvulelekile. Kunomasipala lapho kunezinkampani zokuphepha ezaphelelwa yizinkontilaki zokusebenza eminyakeni emihlanu eyedlule kodwa namanje zisasebenza ngenkontilaki yenyanga nenyanga. Uma umasipala ukhangisa lo msebenzi ukuze kuncintiswane, lezi zinkampani zivele zimuse enkantolo. Lokhu kusho ukuthi lo msebenzi sekungowalezi zinkampani ngaphandle kokuthi zincintisane nezinye.