Umqeqeshi woSuthu uselicijile ibutho lakhe
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Alikho iqembu eligijima ku-Absa Premiership elifisa ukuthi lidliwe yizembe, ingakho nakuGladAfrica Championship amaqembu agijima khona ehlezi elwela ukuthi anyukele ku-Absa Premiership kwazise iyiligi enkulu lapha eNingizimu Afrika.
Kule mpelasonto kulindeleke ukuthi kuguge utshani emdlalweni ophakathi kwa-AmaZulu FC neBaroka FC ozobanjelwa eLucas Moripe Stadium, ePitoli, kusasa ligamenxe elokuqala emini.
Okuzokwenza lo mdlalo ushube ukuthi womabili la maqembu alwela ukuvika izembe futhi ayabazi ubunzima bokudlala kuGladAfrica Championship njengoba agijima khona iseyiNational First Division (NFD).
IBaroka FC emva kwemidlalo engama-24 inamaphuzu angama-23 ihlezi endaweni ye-13, uSuthu lona ludlale imidlalo engama-24 lunamaphuzu angama-23 luhlezi endaweni ye-15 kulogi.
Umqeqeshi wa-AmaZulu FC u-Ayanda “Cobra” Dlamini (osesithombeni) obenengxoxo ekhethekile neBAYEDE, uthe amalungiselelo alo mdlalo ahamba kahle kakhulu.
“Amalungiselelo ngaphambi komdlalo wangoMgqibelo ahamba kahle kakhulu. Yize sizoya kulo mdlalo ngaphandle kukakaputeni wethu uSiyabonga “Nqaba” Mbatha, kodwa abanye abadlali bonke bakhona. UMbatha ngeke aze abe khona ngenxa yamakhadi. Kusukela siqalile ukuziqeqesha abadlali bayakhombisa ukuthi bakulambele ukusiza iqembu ekutheni liqede lisendaweni enhle uma kusongwa iligi,” kusho uDlamini.
Lo mqeqeshi odabuka kwaNongoma kuzoba umdlalo wakhe wesibili esebhentshini loSuthu, emva kokumiswa kukaJozef Vukusic obeluqeqesha.
Emdlalweni wokuqala wakhe uDlamini wabhekana neKaizer Chiefs, nayiguqisa ngegoli elilodwa elavalelwa phakathi uBongi Ntuli.
Lesi sikhathi sesizini sisho ukuthi iqembu neqembu liyabadinga abalandeli kwazise baklama indima yokuba umdlali we-12. Ngenxa yokulandelwa kwemigomo kaHulumeni alikho iqembu elizoba nomlandeli enkundleni.
Ephawula ngalokhu uDlamini uthe: “Ukudlala ngaphandle kwabalandeli kushaye wonke amaqembu. Thina singa-AmaZulu besibadinga kakhulu kule midlalo eyisi-6 esisalele. Angeke saphikisana nomthetho kaHulumeni okumele sikwenze nje ukuba sizitshele ukuthi sizonqoba ngaphandle kwabo.”
Esonga uDlamini uthe: “Umyalezo engingawudlulisela kubalandeli bethu abazobe besibuka kuthelevishini ukuthi sizolilwela iqembu ukuthi lingadliwa izembe. Wonke umdlalo sizowuthatha njengowamanqamu. Ngingakuqinisekisa ukuthi ngesizini ezayo AmaZulu azobe edlala ku-Absa Premiership”.
IBaroka FC eteketiswa ngokuthi iBakgakga iya kulo mdlalo isazithoba amanxeba njengoba ngoMgqibelo odlule ibhaxabulwe kabuhlungu iBloemfontein Celtic ngamagoli amathathu eqandeni emdlalweni wamasemi-final weNedbank Cup.
Emdlalweni wokugcina weligi ngaphambi kokuthi kumiswe imidlalo ngenxa yokhuvethe, iBakgakga yanqoba ngamagoli amabili eqandeni ihlula iBlack Leopards okuyiyo eyibambe emsileni kulogi.
Unozinti weBakgakga u-Elvis Chipezeze uthe lo umdlalo onzima kakhulu, bayadinga ukuba bawunqobe noma ikanjani.
“AmaZulu umdlalo wawo wokuqala lo, thina sidlalile ngempelasonto edlule. Yize singadlalanga kahle kodwa sesiyazi ukuthi kumele silindeleni enkundleni. Ukuthi sizodlala bengekho abalandeli sekusho khona ukuthi amaqembu ayafana manje. Indawo esikuyona ayiyinhle neze siyadinga ukuba sinqobe imidlalo ukuze sizosuka kuyona,” kusho uChipezeze.
Eminye imidlalo ezoba kule mpelasonto:
Kusasa iStellenboch FC izodlala neLamontville Golden Arrows, iPolokwane City neChiefs, i-Orlando Pirates neBidvset Wits. NgeSonto kuzodudulana iLeaopards neMaritzburg United, kube iSupersport United neBloemfontein Celtic.