Now Reading
Ababobulili obufanayo bakhala ngokucwaswa
Dark Light

Ababobulili obufanayo bakhala ngokucwaswa

Kuthiwa kuphezulu ukucwaswa kwabantu abathandana nabanobulili obufanayo esifundazweni iKwaZulu-Natal lokhu kulandela ukubulawa ngesihluku kukaSiphamandla Khoza obephila le mpilo.

Lesi sigameko sibangele ukuba abaphila impilo efana neyakhe baqale umkhankaso obizwa ngokuthi i-#justiceforSpha kanti kwenzeka lokhu nje kusanda kutholakala isidumbu sika-Andile Ntuthela emgodini ongashoni obumbiwe egcekeni. 

UMnu uFrank Gazu onguNobhala Jikelele weGay & Lesbian Alliance of South Africa (GLASA) echaza ukuthi ngabe lesi sihluku sihambisana nenzondo yabantu abathandana nabanobulili obufanayo noma ubugebengu nje obuhlasele, uthe: “Ngokubuka kwethu kunenzondo, amalungu omphakathi engaqondi impilo esiyiphilayo engenalo ulwazi, nokuhambisana nokungabi nandaba ukuthi abantu baphila impilo abayithandayo.” 

Uqhube wathi: “Ngokubuka kwethu into eqala ekhaya, abanye abafundisekile, isimo somndeni eNingizimu Afrika asisihle kahle kukhona ukungabi nandaba nokufuna ukuzwisa omunye umuntu ubuhlungu nawo uHulumeni imbala awuyiklami indima yawo ngokwanele kulokhu noma kukhona umthetho owashaywa ukuba bamukelwe abantu abathandana nabanobulili obufanayo kodwa uma kuyiwa ngasezinhlelweni nokuqwashisa nezinye izinto awubonakali ndawo uHulumeni.” 

Ngesonto eledlule uSomlomo weSishayamthetho saKwaZulu-Natal, uMhlonishwa uNontembeko Boyce, ube nohlelo obekuzanywa ngalo ukuthi kudingidwe ezinye izinselelo laba ababhekana nazo.

Ephawula ngokuthi kungani kungabonakali lokho kuthela izithelo uGazu, uthe: “Ngiyayithanda leyo, sisazombhalela uSomlomo inkinga ukuthi lento ithathwa yenziwe ipolitiki kungabhekwa ukuthi izinhlangano ziyalekelelwa ukuze zikhiphe into eyodwa. Kuzomele abantu bakhumbule ukuthi sekuphela unyaka wezezimali manje asazi noma bachitha imali ukuze iphele yini ngoba lento idinga ukuthi ihlelwe ngendlela yokuthi ikhulume nomphakathi emazingeni aphansi ingakhelwa phezulu.” 

Ngokuthi athi yenziwa ipolitiki uthe: “Ngibe nenhlanhla yokuhambela lolu hlelo, inkinga ukuthi ukumeleleka akukho ngokugcwele, siyazazi izinhlangano esisebenzisana nazo futhi uma zingekho eziningi zazo uyazibuza ukuthi bazokhuluma nobani. Nezinqumo ezithathwayo ziyaphi?” 

See Also

Maqondana nendlela abasebenzisana ngayo namaphoyisa ukunqanda lesi sihlava uthe: “Ngicabanga ukuthi kumele siye emaphoyiseni kepha nawo kube umsebenzi wawo ukuvikela ngoba njengoba eqashwe uHulumeni kumele aqwashise abantu ukuthi abantu abanjena bakhona futhi siphatheka kanjani uma siyobika ukuthi sishaywe umuntu bese esiphundula ethi ushaywa enye indoda wena awulwi ngani, ilwa ndoda. Lokhu kusikhombisa ukuthi kusadinga ukuba kufundiswe amalungu omphakathi.”

Kungekudala izwe lizobamba usuku lomgubho wenkululeko, ephawula ngokuthi ikuphi abafisa njengenhlangano ukuthi kwenzeke ngalolu suku okuzoqhakambisa amalungelo amalungu enhlangano yabo, uthe: “Siwumphakathi wonke walabo abathandana nabanobulili obufanayo siyafisa ukuthi uHulumeni ushaye umthetho ozokwazi ukuvimbela ukuthi labo abahlukumeza abaphila le mpilo uma beke bagwetshwa bangakwazi ukuphinda basebenzele izindawo zomphakathi. Okwesibili sifisa kube khona imigomo eminyangweni kaHulumeni nasemabhizinisi azimele ezobheka ukuthi lolu hlobo lwabantu emsebenzini luphatheka kanjani. Okwesithathu bavulelwe indima emnothweni wezwe.” 

Uthe laba abaphila le mpilo banengcindezi ezindaweni zokusebenza, abaphathi bababuka kabi. “Lokhu sizokuveza obala ukuthi izinkinga ezikhona futhi kunabantu abahlukumezekayo ngenxa yalezi zinto,” kusho uGazu.

Scroll To Top