Now Reading
ISILO sicela isipho sempilo kubantu
Dark Light

ISILO sicela isipho sempilo kubantu

Umyalezo weSILO wokugubha iminyaka engamashumi ayisikhombisa nambili sabona ilanga, ngomhla zingama-27 kuNtulikazi ngowezi -2020 

Bantu bakababa 

Esimweni esejwayelekile usuku lokuzalwa luletha injabulo. Lungukubonga okwenzeka ngesikhathi lowo ogubhayo ezalwa kanjalo nokuthokoza emndenini wakhe ngesipho selungu elisha. Njengoba bekunjalo yonke le minyaka, lolu suku kimi luletha ukuthokoza nokubonga kuSomandla ngokungigcina yonke le minyaka engama-72. Okunye engihlale ngikubonga njalo wukutshalwa phakathi kukaZulu nokuyisizwe engikholwa yikuthi sisondele kakhulu kuSimakade. 

Lokhu ngikusho uma ngibheka emuva lapho siphuma khona njengesizwe. Lesi sizwe seZingonyama, iZindlovukazi namadelamzimba sibuye lapho kungabuyi muntu khona, lapho isandla somubi sesithi siqedile ngaso neSihlalo saso. Ngalokho ngihlale ngimbonga uSimakade ngomusa asenzele wona.

Okunye engikubonga ngalesi sizwe wukwazi ukwehlukanisa phakathi kwento edinga ubunye kunaleyo engasihlukanisa phakathi. Ngivula iSishayamthetho saKwaZulu-Natal kulo nyaka ngikhulume ngento engiyibize ngokuthi ngumoya waseSandlwana. Lesi yisimo lapho umuntu ongumZulu ekwazi ukubeka phambili ubunye besizwe kunokungaboni ngaso linye okungenzeka kukhona. 

Lesi yisifundo Zulu esenziwa ngoyihlo eMpini yaseSandlwana okwathi yize kwakukhona ukungaboni ngaso linye kepha kwathi uma isitha sesimi phambi kwabo bathatha isinqumo sokubeka eceleni ukungaboni ngaso linye babhekana nokwakuphambi kwabo bakunqoba. Lo ngumoya weSandlwana nesiwudingayo ngesikhathi sethu. 

Ngigubha usuku lokuzalwa namuhla kukhona isitha esizungeza uZulu nomhlaba jikelele. Lesi sifo asikhethi bala, minyaka nasikhundla. Sigadlile nalapha eNdlunkulu senza njalo nakubaholi bepolitiki, abezenkolo, osomabhizinisi, abezindaba kanye nasezakhamuzini emhlabeni jikelele. Iningi liyagula kanti abanye kula masonto ezayo nabo bazoba sohlwini lwabagulayo.

Ukhuvethe yisitha sethu esikhulu namuhla. Futhi kuthi angithi lesi yisitha esikhulu kunazo zonke lesi sizukulwane sethu esake sabhekana naso. 

Singunqunguqu futhi sigijima mawala kuleli. Ubukhona bokhuvethe nokubhebhetheka kwalo kubeka engcupheni impucuzeko yesintu njengoba siyazi.

Yonke le minyaka ngalolu suku ngihlale ngithola izilokotho nezipho. Kulokhu isipho esikhulu umuntu ongumZulu nabantu baseNingizimu Afrika abangangipha sona wukukhetha impilo nokuvikeleka ngalesi sikhathi. Isipho uSimakade angipha sona ngizalwa kwaba wukutshalwa phakathi kwenu njengeNkosi yenu. Lesi yisipho engingasithokozela nani nemindeni yenu kuphela  uma niphilile.

Ukuphepha kwezingane zethu ngalesi sikhathi kumqoka kanye nabadala bethu ngalesi sikhathi kumqoka. Yikho nginxusa ukuthi uHulumeni, izinyunyana nabazali balusingathe kahle udaba lokubuyela nokungabuyeli kwezingane ezikoleni. 

Ngisho igama lezingane zesikole nabadala kumusho owodwa ngoba iqiniso lithi ngisho ucwaningo lukuveza ukuthi izingane azithelelekile kakhulu noma kalula, zona lezi zingane zibuyela emakhaya lapho kunabantu ngenxa yezifo ezahlukene abasengcupheni yokutheleleka. Kanti othisha njengamalungu omphakathi bangaba nezinkinga zezifo ezibucayi njengoba sizwa ukuthi sekukhona abathelelekile nalabo ngeshwa esize sabaswela. 

Ngamafuphi abukho ubuhlakani ekucabangeni ukuthi ingane iphila yodwa. UHulumeni akaqinisekise ukuthi wonke umuntu uyaphepha ngalesi sikhathi.  

Muva nje ngedlulise umlayezo wokuseka labo engibabize ngosibindi gidi abazidelayo nasebenqume ukubhekana naso isiqhwaga esilukhuvethe mahlanze bebazi ubungozi obukhulu obungabavelela. 

Lapha kukhulunywa ngezisebenzi zezempilo. Laba ngabantu abasekhaleni lempi yalolu bhubhane, izisebenzi zezempilo. 

Isibindi sezisebenzi zezempilo nesalezo ezisebenzisana nazo singumthombo wethemba kithina sonke. Ukuzwa abaholi bezwe bebika ukuthi kukhona abasimamayo kulokozisa inhlansi ebumnyameni bokuphelelwa yithemba. 

Bayabongwa kakhulu ngalokho.  Siyabonga kubo nemindeni yabo ngokuma nathi. 

NjengeNhloko yesizwe esihlonishwayo ngobuqhawe bezempi ngiyazi ukuthi okwasenza sanqoba izimpi eziningi kwabe kungekhona ubukhali bezinsizwa kuphela kepha kwabe kuwubukhali babakhuzi bempi. 

Ngithe ukhuvethe yisitha sethu namuhla, ngathi sisempini yokulunqoba. 

See Also

Kulabo abangabaholi kuHulumeni kusuka kuMengameli, amalungu eKhabhinethi, oNdunakulu neziMeya  nginxusa ukuthi babe ngabakhuzi bempi abaqotho ngalesi sikhathi. Bamukele eminye imicabango emisha nengadudula isitha. 

Akube khona ukubambisana phakathi kukaHulumeni namaqembu aphikisayo ngaphakathi nangaphandle kwePhalamende. Khumbulani abaholi abaqotho ngabathathiselayo kwabanye abantu. Lena akuyona impi enganqotshwa nguHulumeni wodwa. 

Ngokombiko wososayensi, eleNdlovukazi uMthaniya yilo elingahle maduze libe yisishozi lapho ukhuvethe luzodlalela khona. Lokhu ngokusho kwabo kulindeleke nje emasontweni ambalwa kusuka manje. Lokhu kuyakhathaza ngoba siyazi ukuthi inhlekelele esiyibone eWestern Cape, eMpumalanga Koloni ingaphindeka kabili lapha kithi uma singaqapheli.  

Imibiko yokuvalwa kwamahhovisi omasipala nokwanda kwesibalo sezisebenzi zikaHulumeni ezithelelekayo kukhonga inhlekelele ezayo. Kungalesi sizathu nginxusa ukuthi izinhlaka zoBukhosi, aMakhosi, izinduna zezinsizwa nezintombi zingenelele ekulekeleni uHulumeni kule mpi. Ngithi izinhlaka zoBukhosi azakhe ugange ngokubambisana nabanye ukuvikela imiphakathi. 

Lapho kukhona ukungaboni ngaso linye asivumelane ukuthi sesiyokubona ngale kokhuvethe, okwethu okwamanje wukubhekana nalesi sitha esidla abadala nabancane bethu. Ngimema ukuba uHulumeni axhumane noBukhosi ukuze sibone lapho nathi singabamba khona. 

Ngiphetha ngokukhulekela bonke labo abagulayo, esibaziyo nesingabaziyo ukuthi isandla soMusa sibe phezu kwabo. 

Ngikhulekela nemindeni esemanzini ngalesi sikhathi. Ngikhulekela namabhizinisi engaziyo ukuthi ukudonsa kwawo kanzima kunemiphumela emibi kumakhulu ngamakhulu abantu.  Ngikhulekela ubuholi bezwe kanjalo nobamaqembu aphikisayo ukuthi ngalesi sikhathi basibone isidingo sobunye. 

Ngikhulekela nezinhlaka zoBukhosi nobezenkolo ukuthi ngalesi sikhathi buphakame kube ngumhlahlandlela esikhathi esinzima esiphila kuso. 

Ngiyabonga.

Scroll To Top