Now Reading
Akusiso esevoti iSihlalo soBukhosi – iKumkani uDalindyebo
Dark Light

Akusiso esevoti iSihlalo soBukhosi – iKumkani uDalindyebo

IKumkani yaBaThembu esifundazweni sase-Eastern Cape ngaphansi koBukhosi bendlu yaseBumbane eMthatha ikubeke kwacaca ukuthi iSihlalo sayo kakusona esevoti kepha “isinkwa” eyazalwa naso isifumbethe ezofa isiphethe isishiyele abantwana bayo.

Indlu yeKumkani uDalindyebo ikhulume neBAYEDE engxoxweni ekhethekile emuva kokusabalala kwengxoxo yakhe eqoshwe kuvidiyo lapho ibikhuluma khona noMkhandlu woBukhosi iqinisa ubumbano eSigodlweni emuva kokuthi isinqumo seNkantolo Enkulu eMthatha sivune yona ngeledlule embangweni obushisa phansi phakathi kwendodana yayo uMntwana u-Azenathi Dalindyebo ebibambe lesi sihlalo ngesikhathi uyise eboshiwe.

Wayeboshelwe amacala okushisa, ukuthumba kanye nokuhlasela ngenhloso yokulimaza ngesihluku.   

Ingxoxo neBAYEDE iqhutshwe nokhulumela iKumkani uMntwana uMthunzi Ngonyama okubeke ngembaba ukuthi inkulumo yeKumkani ibibhekiswe esigcawini ukuthi singavumi ukuhlakazeka njengoba kwenzekile ngokuthi kube khona ‘izimpethu’ ezisebenzise indodana yeKumkani ngoba befuna ukufezekisa izifiso zabo.

“Ubechaza ukuthi isizwe kufanele sibutuse uBukhosi baso singalahleki njengabanye abantu asebebona ukuthi amakhansela yiwona angcono ngenxa yokuthi bebheke isinkwa kumbe ibhodwe eliconsayo ngale kokuthi umbuso wawo usekwe ngaphansi kwevoti owakhe kungowokuzalwa futhi wengunaphakade,” kusho uMntwana uNgonyama.

Noma kunjalo uMntwana uNgonyama ubengahambi ezinyathelweni zenkulumo yendodana uma ekhuluma ngesinkwa seKumkani njengoba nayo yaduma kakhulu ngokukhala ngesinkwa sayo (isonka sam) ibanga iSihlalo eyayisibanjisiwe esisiphunyukile emuva kwesinqumo senkantolo.

UMntwana uNgonyama akakufihli ukuthi omunye walabo somathuba osephenduke “impethu” endlini yoBukhosi yiNkosi uDumisani Mgudlwa owayeyisithenjwa esikhulu seKumkani kodwa washintsha ngenxa yokuthi ebheke ukuzuza okuthile uma iSihlalo singawela endodaneni.  

Uthe yize iKumkani izimisele ukubuyisana nomndeni kuqhutshekwe kusetshenziswane kodwa lokho kuyoncika kulowo ofuna ukuxolelwa ukuthi uzimisele yini ukuthobela umthetho azibonakalise ukuthi uxolo lwakhe olwangempela akasengi ezimithiyo. 

“Kubuhlungu ngoba sekwenziwe okuningi okungekho mthethweni ngoba lo mfana usewanika unkosikazi wakhe umkhonto wawuhlaba esigodlweni kodwa abe unina engazange ahlatshiswe” usho kanje.

Uthe bakuqaphele ukuthi konke lokhu uMntwana u-Azenathi wayekwenza ngesivinini ngoba azi kahle ukuthi unina akasiyena undlunkulu kepha wayefuna ukusebenzisa ithuba lokuthi konke kube ngaye namandla abe kuyena ngokushesha. “Yingakho iKumkani isinqume ukuthi onke amakhosikazi abekwe ngokwezindlu zawo ukuze lowo ozokuba uNdlunkulu kube uyena ozobhekana nezinto zaseBukhosini ngokwamalungelo akhe,” kusho uMntwana uNgonyama.

Ushaya ngonyawo phansi uthi ngeke bathule kube ngathi akwenzekanga lutho njengoba uMntwana u-Azenathi ehlambalaze igama leNdlu yoBukhosi nokuthi uma esazibiza ngendodana yeKumkani kuzofanele ajeziswe ngendlela emfanele ngoba kakuyona into encane ukujikela uyise, igazi lakhe, izwe lonke libhekile okusho ukuthi akanawo unembeza.

“Kodwa okuningi okuzokwenzeka sizokukhuluma siwumndeni namaDlomo onke ephelele siwatshele nangaso isinqumo senkantolo,” kusho uMntwana.

Uthe bafuna ukuqinisekisa ukuthi uBukhosi buyahlonishwa ngoba ezikhathini eziningi iKumkani yenziwa ihlala lomuntu “obhemayo” yingakho nakule vidiyo eqoshiwe ebechazela abantu ukuthi bavikele  uBukhosi babo ngale kokuningi okukhulunyiwe nesithombe esikhandiwe ngaye.

See Also

Noma kunjalo uthe luyenziwa uphenyo ngoqophe ividiyo ngoba umhlangano bekungowoMkhandlu ungavulelekile kunoma ubani okuchaza ukuthi kusenabantu abacabanga ukuthi into yoBukhosi yinto yokudlala ezinkundleni zokuxhumana.

Ikhuluma nabe zindaba iNkosi uMgudlwa ithe ngeke ichithe isikhathi iphendulane noMntwana uNgonyama kodwa basazoqhubeka nokuphikisana nesinqumo senkantolo asithathe ngokuthi sichemile.

“Ngeke sivume ukuphathwa yisigebengu esiphuma ejele,” kusho iNkosi uMgudlwa.

UMntwana uNgonyama uthe konke kumiswe uMntwana u-Azenathi ngoba iKumkani yancinzwa abathile ababekhala ngokuthi izenzo zichaza ukuthi kukhona okushaya amanzi ngaye nangokozalo.

“Yingako iKumkani yanquma ukuthi yenze ulibofuzo kodwa yena wathi uzolwenza uma zonke izingane zeKumkani zilwenza. Kuyasixaka ukuthi unqabani ngoba uma azi ukuthi ngempela uyindodana yeKumkani ubengeke enze le mikhuba yakhe,” usho kanje.

Uthe uMntwana u-Azenathi yingane eyavela emuva kokuthi iKumkani ishade nonina ukuthi nje uBukhosi buxakwe yihlazo alifakile esigodlweni ngoba ngokujwayelekile amadodana yiwona avikela oyise. Yingakho isigodlo sixakekile ngezenzo zakhe. 

Scroll To Top