Ukukhangezwa kunobungozi ekwakheni isizwe sakusasa



UDhlomo ungungoti wezamabhizinisi nombhali wamabhuku ehlukene ngokwakhiwa nokuphathwa kwamabhizinisi
Kwezindala zembongi uMnu uMzwakhe Mbuli kunale nkondlo ethi “Ukulimala Kwengqondo, Wukulimala Komuntu”. Ingqondo yomuntu yiwona mnyombo wempilo yakhe. Uma elimele kumbe egula ngokwengqondo umuntu ubonakala ngezinto azenzayo zibonwe yizwe. Ingqondo iyisitho esibucayi ngoba ibunjwa yisimo umuntu ajwayele ukuphila kuso naleso asibona simphilisa kangcono.
Kunengozi yokuthi umuntu ophila ngokukhangezwa, kube kungekho lutho olulindeleke kuye ukuba alwenze oluwumsebenzi noma ngabe mncane kangakanani, angafundi ukuthi lokho akukhangezwayo kuvela ekusebenzeni kwabanye abantu. Kungakuhle ukuba kube nohlelo olulandelela kubantu abathola isibonelelo babe nento ethile abazoyenza engase ikhuthaze umqondo wokwenzela izwe okuthile. Yinto enhle ukuba izwe libanakekele abahlwempu nabantulayo ukuze bakwazi ukwanelisa izidingo ezithile ezibalulekile zempilo yabo. Lokho yinto efanelekile futhi eyenziwayo emazweni aphucuzekile.
Abantu abemukela isibonelelo sikaHulumeni babalelwa ezigidini ezili-18 kulesi sikhathi. Lesi sibalo siyingxenye eyodwa kwezintathu uma sibheka isibalo sabo bonke abantu baseNingizimu Afrika. Imali ephumayo njalo ngenyanga ukukhokhela isibonelelo iyizigidigidi ezili-R10. Umbiko wakwaStats SA uveza ukuthi isibalo sabantu abathola isibonelelo sikaHulumeni siyenyuka unyaka nonyaka. Onyakeni wezi-2003 isibalo sabemukela isibonelelo sikaHulumeni senyuka ngamaphesenti ali-12,7 kanti ngonyaka wezi-2013 sasesenyuke ngamaphesenti angama-30,2. Umbiko uqhubeka uveze ukuthi isibalo semizi ethola isibonelelo sikaHulumeni senyuka sisukela kumaphesenti angama-29,9 senyuka ngamaphesenti angama-45,5 phakathi kweminyaka yezi-2003 nezi-2013.
Bengizibuza kulezi zinsuku ukuthi isizwe sakusasa eNingizimu Afrika siyokube sinjani njengoba beya ngokuba baningi abantu abethembele ezinhlelweni zesibonelelo sikaHulumeni? Omunye umbuzo ongifikele yilowo obuza ukuthi abezinye izinhlanga bayima kuphi imigqa yokuthola imali yesibonelelo sikaHulumeni ngoba kujwayeleke ukuba kubonakale aboHlanga kuphela emigqeni yokwamukela imali yesibonelelo. Imali yesibonelelo sikaHulumeni yehlukene ngezinhlobo.
Kunaleyo eholwa ngabantu asebebadala ngokweminyaka yokukhula kwabo, asebengaphezulu kweminyaka engamashumi ayisithupha. Kunenye enikwa abantu kubhekwa ukukhubazeka kwabo emzimbeni noma engqondweni. Olwesithathu uhlobo yilolo olunikezwa abazele izingane bebe bengenawo amandla okuzondla. Zontathu lezi zinhlobo zitholakala eMnyangweni Wokuthuthukiswa Komphakathi.
Eminyakeni ethile edlule bekudume imali kadekle, okuyimali namhlanje eyaziwa ngokuthi yimpesheni. Emva kokuqala kukaHulumeni weningi zanda izandla ezikhangeza kuHulumeni, lapho sekungena khona imali ekhokhelwa abathole izingane. Lezi zinhlelo zokukhokhela abantu bengenzanga msebenzi zandile ngokuqhubeka kweminyaka, kwalindeleka ukuthi izokwenyuka le mali unyaka nonyaka uma kwethulwa isabelomali. Kunabantu abasebenza ezindaweni ezithile phakathi kwabo kubalwa nalabo abasebenza ezindlini, abahola imali yokuthola izingane kodwa babuye bahole eyalapho beqashwe khona.
Angiqonde kulugxeka lolu hlelo ngoba lusiza abantu abaningi ukuba bangadli imbuya ngothi ngokwempela. Liyasuka ikati eziko nomashayandawonye umela kude ngenxa yalezi zinhlelo. Wuhlelo oluhle lolu olubhekela ukuthi abantu bangazitholi bephila ngaphansi kwezinga elithile elamukelekile kumuntu. Kodwa-ke kushiya umbuzo okungelula ukuwuphendula wokuthi njengoba abantu beya ngokwanda bephelelwa yimisebenzi nezinkampani zidiliza izisebenzi ezinye zivalwa iyogcina ivelaphi imali yokuthwala lo msebenzi. Omunye umbuzo othi lolu hlobo lwabantu olujwayezwe ukuphila ngokukhangezwa lungenzanga lutho luzokwakha isizwe esinjani kusasa.
Ekupheleni konyaka owedlule isibalo sabangasebenzi besingamaphesenti angama-29,1. Unyaka nonyaka kuyaqhubeka ukwehla kwamandla omnotho kanye nesimo sokuncipha kwamathuba emisebenzi kushiywa kukhalwa emizini eminingi kuleli lizwe. Laba abebekade besebenza bebhaliswe ngokusemthethweni bebethembela kuye uHulumeni nabo bame eyabo imigqa beya kohola imali eMnyangweni Wezemisebenzi.
Isimo sokulinda ukuphela kwenyanga siyinto enhle kodwa kungaba kuhle ukuba sihambisane nohlelo oluthile lapho bezokwenza umsebenzi othile wesizwe labo abathola imali yesibonelelo kuHulumeni. Kungakuhle kube nezinhlelo ezithile zokufundisa kumbe ukukhuthaza labo abathola isibonelelo. Baningi asebesigqokile lesi simo futhi asebezitshele ukuthi eyabo impilo ngeyokukhangezwa. Kumuntu othole ingane esemncane engakaze asebenze, kumele kube nohlelo lokukhuthaza okuzofanele angene kulo oluzomkhumbuza ukuthi akusiyo indawo yokuphumula ukuba aphile ngokukhangezwa impilo yakhe yonke. Kumele kube nezifundo ezithile ezingamenza lowo othole ingane angafisi ukuthola enye ingane ukuze andise imali yesibonelelo azoyithola.
Njengoba kungena abanye kulo nyaka abaphelelwe yimisebenzi kusho ubunzima obukhulu obudinga ukuhlalelwa phansi kube nezinhlelo eziyisipesheli zokufundisa nokubeka abantu endleleni yokuzimela babe ngabasunguli nabakhiqizi bezinto ezithile.