Liya livumbuka, livimbanisa iqaqa lokucwasa kukhilikithi



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kushiya imibuzo ukubalekela ukukhuluma ngokucwasana okuthiwa kudla lubi kukhilikithi eNingizimu Afrika kukaMnu uLinda Zondi osesikhundleni esiphezulu eqenjini lesizwe lekhilikithi lakuleli iProteas.
UZondi ubethunyelelwe imibuzo iBAYEDE ukuba aphawule ngalezi zinsolo nokuthi kukhona yini yena aseke wakubona njengoba engumuntu osenesikhathi ekhona kuProteas.
Kunalokho uphendule ngamafuphi wathi:
“Ngiyabonga ngomyalezo ongithumelele wona (okade kuyimibuzo), kodwa nginqume ukuba ngingaphawuli ngoba ngisafuna ukubona okwenzekayo. Ngiyethemba ukuthi uyakuqonda lokhu.”
Kulezi zinsuku lusematheni udaba lokucwasana kumaProteas nakuba ngonyaka we-1994 mhla zingama-27 kuNdasa iNingizimu Afrika yathola inkululeko. Wonke umuntu owayekhona ngalowo nyaka wajabula ukuthi iyaphela indaba yokuhlukumezana phakathi kwaboHlanga nabamhlophe.
Izigameko ezidalulwe abadlali bekhilikithi muva nje zikucacisa ngokusobala ukuthi uqhekeko phakathi kwaboHlanga nabamhlophe lusekude ukuthi luphele.
Owayengumdlali weqembu lesizwe uMakhaya Ntini uqhumbuze ithumba eveza ukuze nabanye abadlali bakwazi ukubhodla ngendlela abaphatheka ngayo uma besekhempini yeProteas.
UNtini yize adlala imidlalo eli-101 yeTest washaya amaWicket angama-390, neye-One Day International (ODI) eli-173 washaya amaWicket ama-266, uthi yayingeyinhle indlela ayephethwe ngayo.
“Nganginomzangedwa. Ngangingakwazi ukukhuluma ulimi lwesiBhunu, ngibizwa ngenkawu. Sekwadlula kodwa kumele abakhona manje eqenjini lesizwe bangahlukunyezwa. Ngangingamukelekile izinto eziningi ngangizenza ngedwa. Kwakuba nzima kimina ukuthi ngidlale ngoba ozakwethu babehlangana bodwa bahlele ngomdlalo mina ngingekho. ” kusho uNtini.
Kusukela ekhulumile uNtini inhlangano yekhilikithi kuleli iCricket South Africa (CSA) ibe sematheni ngokucwasana ngokwebala.
Abanye abadlali abaphumele obala ngokucwaswana kuProteas uLungi Ngidi, uLonwabo Tsotsobe, uFaf du Plessis, uHashim Amla no-Alviro Petersen.
Umkhankaso iBlack Lives Matter (BLM) uveza amanyala ebenzeka kufihlwa, yize iCSA ibiyenza sengathi konke kuhamba kahle.
Futhi akekho ongaphandle obengabona njengoba iProteas beyenza kahle futhi nabadlali enkundleni bengakhombisi uqhekeko.
“Ukucwasana into okumele iphele nakuleli njengoba kwenzeka emhlabeni wonke jikelele kusukela kuvulwe umkhankaso weBLM. Uyabona ukuthi ubandlululo into ekhona phakathi kwaboHlanga nabamhophe, into engafihlwa. Siyisizwe kumele sisukume silwe, okumele sikwenze ukuthi sibe imbumba kungabi khona uqhekeko,” kusho uNgidi.
UMpho Selowa wakuleli ophinde abe nobuzwe base-Uganda waqoma ukuba ayodlala e-Uganda ngenxa yokubona ukucwasana kuleli. “Ngabona kudala ukuthi kuningi ukucwasana kuleli emdlalweni wekhilikithi. Ngangifisa ukudlalela iNingizimu Afrika kodwa kwala. Umqeqeshi owangiqeqesha ngidlala ngaphansi kweNorthern Cricket Uninon (NCU) uJohan Rudolph wangibiza eqeqesha i-Uganda ngoba wayekholelwa kumina ukuthi ngingenza kahle. Angizisoli ngesinqumo engasithatha ngoba ngangibona indlela aboHlanga ababephathwa ngayo, nami sikhuluma nje ngabe ngiyacwaswa,” kusho uSelowa.
Kubukeka izinkinga zingagcini nje ngokucwasana kwabadlali kodwa naphezulu kubaphathi izinkinga zikhona.
Njengoba kuvele ukuthi isikhulu esiphezulu kuCSA uMnu uThabang Morore wenziwe umuntu omubi yinhlangano esolwa ngokuhudulela igama layo phansi nokuphatha ngesandla sensimbi okuholele ekumisweni emsebenzini nyakenye ngencwadi ebibhalwe yiCSA.
Kugcine kuvelile ukuthi incwadi amiswa ngayo yayingekho emthethweni futhi akukho lapho kushicilelwe khona ukuba amiswe emsebenzini.