Now Reading
Amehlo aseqenjini lesizwe naphesheya kuNeliswa
Dark Light

Amehlo aseqenjini lesizwe naphesheya kuNeliswa

“Linyuke kakhulu izinga lebhola labesifazane balapha eNingizimu Afrika. Lokho kufakazelwa ukuthi kuneligi edlalwa ngamaqembu akuzona zoyisi-9 izifundazwe ebizwa ngeNational League kuphinde kuvele amagama abadlali abaningi bakuleli abadlala phesheya kwezilwandle.” 

Lawa ngamazwi kaNelisiwe Luthuli ongumdlali weSunflower WFC obenenkulumo ekhethekile neBAYEDE.

Le ntokazi eneminyaka yobudala engama-24 ngokuzalwa yazalwa e-Appelsboch ngaphandle kwaseMgungundlovu kodwa ikhulele eHammarsdale, ngokusho kwayo iqale ukudlala unobhutshuzwayo ineminyaka eli-11. 

Iqala unobhutshuzwayo nje yayenza ibanga lesi-6 eHalala Primary School. Ibe isiqeda amabanga aphezulu eLuthayi High School.

Eqhuba uNeliswa uthe alikho elinye iqembu aseke alidlalela ngaphandle kweSunflower WFC.

“Impilo yami yonke ngingumdlali ngidlalela leli qembu, liyikhaya lami lesibili. Kuningi engikufundile nengisazokufunda,” kusho uNeliswa oteketiswa ngokuthi uPhilosopher.

IBAYEDE imbuza ukuthi obani abantu ababe usizo olukhulu ekutheni abe lapho akhona, uthe eqala wabala abaqeqeshi bakhe.

“Ngibonga uSiyabonga Malinga noThobani Mdunge abangabaqeqeshi bami ngokuthi bakholelwe kakhulu kimina. Ngiphinde ngibonge abaqeqeshi abangiqeqeshe ngidlala umqhudelwano wamaSouth Africa Local Games Association (SALGA) Games nalaba abangiqeqesha eDurban University of Technology (DUT) lapho engifunda khona.

Abanye uMbali Bhengu okunguyena ebengibukela kuyena eqenjini futhi wangikhulisa. Ngeke ngawukhohlwa umndeni wami kanye nabangani,” kusho uNeliswa.

Le ntokazi ayigcini ngokudlala unobhutshuzwayo yenza izifundo zeRetail Business eDUT.

Ngonyaka wezi-2017 nowezi-2019 unqobe iligi ebizwa ngeSasol yaKwaZulu-Natal. Nyakenye udlale imiqhudelwano yokuhlungela ukungena kuligi enkulu iNational League kodwa yena nezakhe bahluleka.

Emidlaweni yokuhlungela uNeliswa ube esezakhela igama ebalwa nomdlali owashaya amagoli amaningi ali-13. ISunflower WFC yaphuma endaweni yesithathu yabe isizibuyela nezinkulungwane ezingama-R60 000.

Ngonyaka wezi-2018 udlale umqhudelwano obizwa ngokuthi iConfederation of University and College Sports Association (CUCSA). 

ISunflower WFC inomlando kulesi sifundazwe njengoba yasungulwa ngonyaka we-1996 iqhamuka kuLocal Football Association (LFA) ngaphambi kokuthi idlale iSasol League. 

See Also

Ngaphandle kukaNeliswa leli qembu selikhiqize abadlali abaningi abanye balaba badlali uXolisile Mnikathi, uSduduzo Dlamini no-Ongenziwe Ndlangisa asebeke badlala kuBanyana Banyana.

Abanye uNtombifikile Ndlovu odlale kuBasetsana, uThambolinye Mzoneli odlale kuBantwana nakuBasetsana. 

UYenzokuhle Ngubane noYolanda Ndluli abadlala kuNdebe YoMhlaba ngonyaka wezi-2018 e-Uruguay yabaneminyaka engaphansi kweli-17. 

Ekhuluma ngezifiso zakhe uNeliswa ozifela ngomdlali weManchester City uKevin De Bruyne uthe: “Ngifisa ukunyusela iqembu lami kuNational League. Okunye ukuthi ngiphinde ngithole ithuba lokuthi ngidlale kuBanyana Banyana ngizinze khona bese ngidlala phesheya kwezilwandle”.

Uke wazithola ebizwa kabili kuBanyana Banyana eqeqeshwa uDesire Ellis. 

Umdlalo angasoze awukhohlwa owamaSemi-Final betholene phezulu neMa-Indies. Yize bahlulwa ngamagoli amabili kwelilodwa kodwa ngalowo mdlalo wazibona beya kude beyiqembu ngendlela abadlala ngayo.

Esonga uthe: “Ukhuvethe ngicabanga ukuthi lusibulale kakhulu siyiqembu. Ngikhuluma nje ngabe simaphakathi neligi kodwa lutho.”

Scroll To Top