Now Reading
Ingahle imphuthe i-UEFA elandelayo uCristiano Ronaldo
Dark Light

Ingahle imphuthe i-UEFA elandelayo uCristiano Ronaldo

Iningi labadlali abanamagama amakhulu phesheya kwezilwandle, uma besayina emaqenjini bahlezi befuna lawo asemqhudelwaneni i-UEFA Champions League. 

Noma kuqala iligi bahlezi belwela ukuthi babeke amaqembu abo endaweni enhle ukuze bezokwazi ukudlala kulo mqhudelwano omkhulu ngesizini esuke izolandela.

I-UEFA Champions League iwumqhudelwano ongawufanisa neCAF Champions League ongomkhulu wamazwe ezwenikazi i-Afrika.

Indlela ebishube ngayo isizini yangonyaka wezi-2020/21 ezophela noma inini kubukeka amanye amaqembu amakhulu ezogcina ngokuwubuka emakhaya lo mqhudelwano. Elinye lala maqembu iJuventus FC yase-Italy, izinto eziyibhedelayo muva nje njengoba ingekho emaqenjini amane aphezulu kulogi.

Uma kungaphela isizini kunjalo kuyobe kusho ukuthi umdlali obalwa nabakhulu emhlabeni uCristiano “CR7” Ronaldo uzomphutha lo mqhudelwano, kodwa kunamahlebezi athi uma kugcina kunjalo uzolishiya leli qembu asayina kulona esuka kuReal Madrid yaseSpain.

Lo mdlali wasePortugal umataniswa neManchester United, iReal Madrid kanye neParis Saint-Germain (PSG). Ongoti bakubeke kwacaca ukuthi ngabe akuyona i-UEFA Champions League ngaphandle kukaRonaldo noMessi.

Elinye elizodlala i-UEFA Europa League (okuwumqhudelwano ongaphansi kwe-UEFA Champions) iLiverpool FC ebe ngompetha ngesizini yangowezi-2018/2019. 

Leli qembu eliqeqeshwa uJurgen Klopp lishaywe ukulinyalelwa abadlali abaningi ekuqaleni kwesizini.

Amaqembu osekucacile ukuthi iwona azomela i-England ku-UEFA Champions League ngesizini ezayo iMan City, iMan United, iLeicester City neChelsea FC.

Le sizini yize ibidlalwa kubanjwe umoya ngenxa yokwesaba ukuthi imidlalo ingaphinde imiswe ngenxa yokhuvethe kodwa ibe ngemnandi kakhulu, yaba nezigigaba ezishiye abalandeli emakhaya bebambe ongezansi.

See Also

Udinga ukubongelwa umqeqeshi weManchester City uJoseph Pep Gurdiola ngokuthi anqobe iligi okwesibili naleli qembu. 

Lo mqeqeshi baningi ababethi uye kuMan City ngoba vele inabadlali abasezingeni eliphezulu uzonqoba kalula. Iqiniso lithi akunjalo, ngoba inqwaba yabadlali wabafica kuleli qembu kodwa lingenzi kahle manje wonke amaqembu uma eya kulona aya enakho ukuthi angashayeka. Iqembu elike laba kulesi simo kumasizini edlule iBayern Munich yaseGermany uPep Guardiola ake ayiqeqesha.

Kufuze engabe abaphathi bakanobhutshuzwayo e-England bazishaya isifuba njengoba amaqembu akhona amabili ezodlala umdlalo wamanqamu we-UEFA Champions League, okuyiChelsea FC neMan City.

Naku-UEFA Europa League iqembu lakuleliya lizwe likhona kowamanqamu okuyiMan United ezotholana phezulu neqembu laseSpain iVillareal.

Scroll To Top