Seliwubeke phansi umbhobho igagu



UXimba uyintatheli yezemidlalo nezobuciko.
Ugqemeke engeqiwa ntwala umdlalo wombhoxo kudlula emhlabeni uNtunja obengaconsi phansi kubalaleli nakubalandeli balo mdlalo. Kuvuleke igebe okungelula ukuba livalwe. Lilale ngokuthula iZizi.
Kuvamile kwezemidlalo kube nokuthile owaziwa ngakho. Le nsizwa ebisakaza umbhoxo ibidume ngokuthi: “Liqhasu! Yibubbly, shampompo, shampizi! Izinto ezihlwahlwazayo!”
Ngenye yezindlela ezinobugagu nomfutho lena abanye abazomkhumbula ngayo uKaunda Ntunja ngesikhathi uMakazole Mapimpi eshaya itry kowamanqamu eRugby World Cup kugaduliswana ne-England kudlalwa eJapan ngonyaka odlule.
Okunye cishe okungeke kulibaleke ezingqondweni zabaningi ingesikhathi ehaya uSiya Kolisi egijima umdlalo wokuqala njengokapteni waMabhokobhoko eminyakeni emibili edlule.
Abaningi bayavuma ukuthi uNtunja, oshone ngoMsombuluko eneminyaka engama-38, ubambe elikhulu iqhaza ekukhuphuleni izinga lokuthandwa kombhoxo ewusakaza ngolimi lwebele lakhe isiXhosa.
Bese kuphele isikhathi eside umbhoxo usakazelwa aboHlanga ngesilungu kodwa isinqumo sabakwaSuperSport sokufaka isiXhosa kubukeka saphusa njengoba izibalo zenyuka kakhulu.
Ngisho nobengenandaba kangako ngalo mdlalo ubesenentshisekelo yokuwubuka ikakhulukazi uma uzosakazwa ngesiXhosa esingatolikwa.
UNtunja akazinamekanga ezinhliziyweni zabaningi ngobugagu bakhe uma esakaza kuthelevishini kuphela. Uzakhele isithunzi nokuhlonishwa ngokugeqa amagula ohlelweni lweMetro FM iMarawa Sports World ehambisana noThando Manana noLawrence Siphaka abebedlala kumaSpringboks. Uhlelo lushayelwa umthakathi wezindaba uRobert Marawa.
Bebebizwa ngamaRoom Dividers kulolu hlelo olungena njalo ngoLwesibili oludume ngokubeka amaqiniso njengoba enjalo lwaphinde lwasiza ekuvuleni izintuba ebezivalekile.
Bekushikisha ufudu kulolu hlelo uma uNtunja, uManana noSiphaka bephikisana. UMarawa ubevamise ukuphoqeleka ukuthi abehlise imimoya esuke isiphezulu kuphambana imibono.
Abalandeli bebeluthakasela lolu hlelo ngoba ayikho into ebikhiwa phezulu futhi nabantu abasolwayo bebephekwa ngebhodwe elincane, bese kuba kumlaleli ukuthi uyayikholwa yini incazelo aqhamuke nayo.
UMnu uSibusiso Mjikeliso osebenze nomfo kaZizi (abakwaNtunja) isikhathi eside umchaze njengomuntu obedalelwe umdlalo wombhoxo..
“UZizi ubengumuntu wabantu. Ubenekhono lokuqeda izinxushunxushu engezwani nomsindo. Ubebathanda abantu, akukhathaleki ukuthi bese nazane naye isikhathi eside noma nibonane kancane enkundleni. Yize ubematasa kodwa ubenekhono lokubeka indlebe alalele into atshelwa yona bese eyibeka ngeyakhe indlela,” kuchaza uMjikeliso oyintatheli egxile ekubikeni ngombhoxo nekhilikithi.
Ekhumbula izikhathi beyidudula noNtunja bejikeleza umhlaba, uMjikeliso umchaze njengomuntu obenolwazi olunzulu lwa lomdlalo kwazise wawudlala emazingeni aphansi.
“Ubekukhonzile ukuthi ahlaziye inkulumo yakho bese ngesimabomu afune ukunezezela into ezokuphikisa ngoba efuna ukuthola omunye umqondo ngento enisuke nikhuluma ngayo. Kwesinye isikhathi bengize ngithi lokhu ubekwenza ngesimabomu ngoba into akhuluma ngayo uyayazi kakade ngoba wawudlala umbhoxo. Besihlale siyibanga le nto yakhe yokuthanda ukuphikisa into esobala,” kusho uMjikeliso.
Uthe umsizilo awushiyile angeke ukhohlakale kalula, watusa indlela uNtunja nozakwabo oKaya Malotana, uLonwabo Mtimka noMakhaya Jack abasimele ngayo isiXhosa emkhakheni wokusakaza.
UMjikeliso uveze ukuthi yize uNtunja ebeke lolu lwimi laseKoloni emgangathweni uthe kodwa wayengalufundelanga esikoleni.
Uthe okunye okwenza wafinyelela kuleli zinga lokusebenza ahambe ekulona ukuthi isifiso sakhe sokufinyelela esicongweni ngokudlala asifezekanga. “Wake wangitshela ukuthi ingakho wazitshela ukuthi uma ethola elinye ithuba lanoma imuphi umsebenzi woqinisekisa ukuthi ushiya umsizilo ngokusebenza ngokuzikhandla.”
UNtunja wazalelwa eKing William’s Town e-Eastern Cape lapho aqala khona ukuzihlanganisa nalo mdlalo eneminyaka elishumi eDale Junior edlala njengeProp ngowe-1992.
Ngowezi-2000 waqokwa njengokapteni weDale College First XV lapho kwakunabadlali oLonwabo Mtimka, uMonde Zondeki noChumani Booi. Kulowo nyaka waqopha umlando ngokuba ukapteni woHlanga wokuqala kuTest we-African SA Schools.
Edlala njengeFlank wangena emabhukwini eBorder Bulldogs nakuFree State Cheetahs kanti wake wathi xhinti kuSouthern Spears.
UMjikeliso uvale ngokuthi umlingani wakhe wafundela iDramatic and Theatre Arts egxile kuScreenwriting and Creative Writing. Kuyacaca-ke ukuthi uNtunja wakufundela lapho ukucikoza lokhu azosishiya simkhumbula ngakho.
Ikhono lakhe lokusakaza limhlomulise ngemiklomelo emikhulu okubalwa eyeSAB Sports Media Awards Commentator Of The Year ngowezi-2016 nangowezi-2018. Uchazwe njengomuntu obengafuni ukwetuswa ngemiklomelo kepha egcizelela ukuthi ukusakaza kwakhe ngesiXhosa ubone kuphendlele indlela inqwaba yabadlali.
Abanye babo uNomsebenzi Tsotsobe noMandisa Williams abake baqokwa njengokapteni beSpringbok Women, uMzwandile Stick othole umsebenzi wokuba iphini mqeqeshi kuMabhokobhoko noKaya Malotoana, owaba ukaputeni wokuqala woHlanga kuTest.
Uhlelo uPhaka ayelushayela kuSuperSport nalo walusebenzisa ukunikeza aboHlanga ithuba lokuveza imizwa yabo banakwe.