Now Reading
Wagasela iPitoli waliphendula isigcwelegcwele uMasediba
Dark Light

Wagasela iPitoli waliphendula isigcwelegcwele uMasediba

Isidleke sobandlululo sangaleso sikhathi i-Union Buildings ePretoria saphenduka sabaluhlaza cwe isitheleke ngezinkani imbokodo isho ukumubamba ngezandla owayenguNdunankulu waseNingizimu Afrika, uMnu Johannes G Strijdom. Zaziyisi-9 kuNcwaba unyaka kungowe-1956 onozala bemasha bethi sekwanele, sebekhathele ukuphathiswa nokuboshelwa ukungabaphathi “odompasi”. UMama uLillian Masediba Matabane Ngoyi wayesekhaleni ephelekezelwa nguHelen Joseph, uRahina Moosa noSophia Williams Bruyn (osaphila namanje) ababesebuholini bemashi eyayinabesifazane abayizi-20 000. Kwaba novalo nokuthuthumela ePretoria ngoba yayingakaze ibonwe imashi engakaya. “Wathinta abafazi! Wathint’imbokodo! Uzofa finish!” Babekhuza lesi siqubulo, kwaqhuma igula lamasi impela. Kwakuqala emlandweni waleli lizwe ukuthi kube nemashi eyaheha abesifazane abaningi kangaka. Kwakucaca ukuthi indaba yokuboshelwa “odompasi” yayisibami emphinjeni onozala. UMama uNgoyi owahola le ngqophamlando yemashi, wayezalwe mhla zingama-25 kuMandulo ngowe-1911, ezalelwa ePretoria.

Uzalwa emndenini omkhulu ngoba babeyisi-6 kwabo. Bamchaza njengomuntu owayenomoya ophansi kodwa ewazi amalungelo akhe futhi ewalwela, ebambelele kwakholelwa kukho. Waba ngowesifazane wokuqala ukukhethelwa esigungwini esiphezulu se-African National Congress (ANC) ngowe-1956. Uqeqeshelwe ubuhlengikazi kodwa wasebenza emafemini isikhathi eside ngoba wayesembonini ekhiqiza izingubo zokugqoka kusukela ngowe-1945 kuya kowe-1956. Waba yivolontiya likaKhongolose ngeminyaka ye-1950, waboshelwa ukusebenzisa izinto ezazibekelwe abamhlophe kuphela eposini. UMama uNgoyi wasiza ekusungulweni kwe-Federation of South African Women (FEDSAW). Ube nguMengameli weFEDSAW ngowe-1956. Ngowe-1952 wazimbandakanya
UMaThethiwe ne-ANC Women’s League, kwathi ngonyaka olandelayo wakhethwa waba nguMengameli wayo kuzwelonke. Ungena aze agxile kupolitiki nje, izinto zinzima emndenini wakhe ngoba ungumfelokazi onezingane ezimbili nonina osemdala, ayemunakekela. Ngonyaka we-1955 uMama uNgoyi waya eLausanne, eSwitzerland, waba yisithunywa engqungqutheleni yeWorld Congress of Mothers eyayihlelwe yiWomen’s International Democratic Federation. Uthe uma ebuya lapho wahlela leyo mashi eyaba yingqophamlando eyaya e-Union Buildings.

See Also

UMama uNgoyi, uke wavakashela amazwe anjengeRussia neChina eyocijwa ebuholini. Ubeyisibonelo esihle kwabanye besifazane ngoba ubekhuthele futhi ezihlupha ngokwazi umzabalazo wenkululeko. Nguyena siqu sakhe, uMama uNgoyi owangqongqoza eHhovisi likaNdunankulu uStrijdom ngomhala ziyisi-9 kuNcwaba emnika incwadi enohlu lwezikhalo, ephelekezelwe yinkumbula “yembokodo”. UMama uNgoyi ugqunywe ejele izinsuku ezingama-71 engabekwe cala ngoba nje wayeyisishoshovu sepolitiki. Iminyaka eli-15 amaBhunu abelokhu emzungeza engavunyelwe ukuphuma eSoweto lapho ayesehlala khona. Yize wayenomoya ophansi uMama uNgoyi, wayeyiciko ekukhulumeni futhi elaleleka. Ushone eneminyaka yobudala engama-68, ngomhla zili-13 kuNdasa ngowe-1980 esakhe eMzimhlophe, eSoweto. Wahlaselwa yisifo senhliziyo. Umama uNgoyi wayekade eboshwa ephuma engena emajele. Yize kunjalo umoya wakhe wokulwela ubulungiswa nenkululeko awuzange udikibale. Kunomgwaqo ePretoria phambilini owawubizwa ngoVan der Walts Street. Neminye eCape Town, eMorningside eThekwini, eThembisa naseHartbeesfontein eqanjwe ngaye umama uNgoyi. Ibhilidi elihlala abafundi eRhodes University liqanjwe ngaye uMama uNgoyi.

Scroll To Top