Now Reading
EkaChang ingaqhatha elakuleli neMozambique
Dark Light

EkaChang ingaqhatha elakuleli neMozambique

Sekuphele izinyanga eziyisishiyagalombili kudingidwa udaba lukaManuel Chang ongowokudabuka eMozambique olungase lugcine seluqhathe leli lizwe neNingizimu Afrika njengoba sekuphinde kwaqubuka ukungaboni ngasolinye. UChang wayenguNgqongqoshe Wezezimali eMozambique usolwa ngokundlula uHulumeni wakhona.

Ngesikhathi esaphethe kwalahleka izigidi zikaHulumeni okwavela ubufakazi bokuthi unesandla esikhulu kulokho. UChang ufunwa uthuli ezweni lakhe nase- United States of America (USA) okumele ayobhekana namacala kwelinye lalamazwe.

Waboshwa eNingizimu Afrika ngoZibandlela wezi-2018 kulandela ukungenelela kwe-USA eyacela ukuba aboshwe ukuze abuyiselwe khona eyobhekana namacala.

Washiya uHulumeni waseMozambique uhlwempu kulandela ukushaya achithe nemali eyi$2 billion okuthiwa yabe itholwe uHulumeni e-USA ukuze isetshenziswe ekufukuleni ingqalasizinda yezwe. Okungase kuqhathe uHulumeni wakuleli nowaseMozambique ukugxamalaza. IMozambique imile ekutheni ifuna elakuleli libuyisele uChang khona kodwa uMnyango Wezobulungiswa ushaya izaququ.

OwayenguNgqongqoshe Wezobulungiswa u-Advocate uMichael Masutha wathi uChang kumele abuyiselwe eMozambique. NgoLwesihlanu olwedlule iNkantolo eNkulu iSouth Gauteng isiguqulile lesi sinqumo yathi kumele uNgqongqoshe osephethe lo Mnyango uMnu uRonald Lamola asibuyekeze.

Abameli baHulumeni waseMozambique babhalele inkantolo incwadi ngoLwesibili bephonsela isinqumo seNkantolo eNkulu.

Incwadi ebhale abameli ithi: “Sijutshwe yilowo esimmele ukuba siphonsele inselelo isinqumo udaba silundulisele eNkantolo YoMthethosisekelo noma eNkantolo Yokwedlulisela amacala.”

See Also

I-USA ifuna uChang azobhekana namacala khona ngoba yaba nesandla esikhulu ekukhipheni imali eyatshelekwa iMozambique ebhange iCredit Suisse and Russia’s VTB noHulueni waseMozambique wakweseka lokho.

I-USA ikholwa ukuthi kuningi engazange itshelwe khona nguChang ngaleso sikhathi. Ukunyamalala kwale mali ngaphandle kokwenziwa komsebenzi eyayifunelwa wona nokuvela kwezinye zezinto ezazifihliwe ngesikhathi kufakwa isicelo sale mali kwaphoqa ababolekisi ngemali emazweni kanjalo ne-International Monetary Fund ukuba bavale lonke usizo olubheke eMozambique.

Kuze kube yimanje iMozambique ayikambeki icala uChang okwenza noNgqongqoshe uLamula kube nzima ukuthi athi akabuyiselwe khona. Uma ebuyiselwa e-USA kuthiwa kungavela amahlazo kuthinteke namagama ezikhulu eziphezulu eqenjni elibusayo iFrelimo okungenzeka ukuthi zahlomula kule mali.

Scroll To Top