Ubebathanda abantu enza okungale uGwala


“Imbodlomane.” Abanye bozakwethu bebenokumbiza kanjalo uXolani Gwala osishiye ngesonto eledlule ngemuva kokugula isikhathi eside yisifo somdlavuza.
Ngaphezulu kwezi ebekungathi lakhelwa umsakazo, umqondo wakhe ophusile nothando lwabantu kuwo wonke amazinga iyonanto eyenze le nsizwa yokudabuka eMpendle, maphakathi nesifundazwe iKwaZulu-Natal ibe nogazi kubalaleli nababukeli bakamabonakude eNingizimu Afrika yonke. Umsebenzi wayo ubuze waziwe naphesheya kwezilwandle.
Le nsizwa yakwaGwala sihlangane nayo eXobho. Besifunda eSt Mary’s Seminary, okuyisikole samabanga aphakeme esakhiwa yibandla lamaKhatholika ukukhiqhiza izinsizwa ebezizoba abafundisi baleli bandla. Ngenxa yezinxushunxushu zobandlululo, baningi abazali abathumele abafana babo kulesi sikole, yize bebengenayo inhloso yokuba abaphriste. Ngale kukaGwala, enye yezingqalabutho ephume kulesi sikole yiSekela loMphathi waBehluleli Jikelele, uRaymond Zondo.
Iningi lothisha balesi sikole bekungabantu abaphikisana nobandlululo ngokuqinile. Kulabo thisha kubalwa noMnuz uReggie Hadebe, isishoshovu se-ANC esadutshulwa emajikeni awela umfula uMkhomazi. Ngenxa yalokhu, iningi labafundi bagcine bezibandakanya nezinkolelo zamaqembu alwela inkululeko, ikakhulu i-ANC abanye i-PAC.
Yize uGwala ebekholelwa enkululekweni nentuthuko ikakhulu yabantu basemakhaya, akazange ayilandele lendlela yokuchema namaqembu ezombusazwe. Lokhu ngikholwa ukuthi kumsize kakhulu emsebenzini wakhe ukuthi abe intatheli engachemile, ekwazi ukulalela izimvo zawo wonke umuntu.
Ngemuva kokuphothula umatekuletsheni, udlele eNatal Technikon esiyingxenye yeDurban University of Technology njengamanje lapho efunde khona ezokuxhumana. Nalapho akahlanga kakhulu ngaphambi kokuthi ahlwithwe wuKhozi, lumnike ithuba lobuntatheli nokufunda izindaba. Idumela lakhe kwizigidi zabalaleli boKhozi linyuke ngokushesha okumangalisayo.
Esaqala oKhozini, mina ngisebenza ephephandabeni umAfrika, sike sagibela naye itekisi eThekwini. Ngenxa yokukhulumela phezulu kukaGwala, sizwe omunye umama ebuza umgibeli oseduze kwakhe ukuthi: “Awu kanti ugibela amatekisi?” UMphephethe wavele wanganaka, wazihlekela ngokujwayelekile. Akazange azibone njengosaziwayo, futhi ubephatha wonke umuntu ngendlela efanayo – noma unguMengameli wezwe ikanye uyilunga nje lomphakathi.
Uhlelo lwethelevishini oluthiAsikhulume: Let’s Talk ilo engikholwa wukuthi lumenzele ugazi kubabukeli kuyo yonke iNingizimu Afrika.
Ngaleso sikhathi mina bengisebenzela uMnyango Wezempilo kuzwelonke, futhi bekuyisikhathi lapho bekunombango omkhulu ngokunikwa kwemishanguzo yokulwa negciwane lengculaza. UMphephethwa ube esethi: “Le nto eniyibangayo ningakhulumi nabantu abahlukunyezwa igciwane lengculaza ngeke isiyise ndawo. Asambe siye kwaHlabisa (okuyindawo ethintwe kakhulu yingculaza) sizwe ukuthi abantu bathini.”
Sathatha uNgqongqoshe Wezempilo ongasekho uManto uMaTshabalala Msimang, abancwaningi kanye nezishoshovu zengculaza kwaba nohlelo kwaHlabisa. Ngenxa yokuba khona kwabantu abathintwe yingculaza ngqo ohlelweni, inkulumo mpikiswano ku- Asikhulume yaba nesizotha, bonke ababekhona bezama ukuthola isixazululo esasingasiza iNingizimu Afrika ukulwa nale nkinga.
BekuwuMphephethe-ke lowo, ubengajabuliswa nje ukuthi kunempikiswano noma ingxabano eyenza ukuthi izindaba zidayise kangcono, kodwa ubebheka ukuthi inkinga ixazululwa kanjani ukuze impilo yabantu ithuthuke.
Mangiphuma kuHulumeni ngiye enkampanini ekhiqiza izimoto iVolkswagen South Africa. UMphephethe ubezithanda izimoto zale nkampani – VW neAudi – kusuka kudala, futhi ezithenga. Ngibe sengimcela ukuthi asisize ukugqugquzela ukuthandwa kwalezi zimoto.
Lesi sivumelwano sasibala nokuthi uzosisiza ukuthi abe umphathi wohlelo emcimbini wokumemezela usizo ebesilunika isikole samabanga aphakeme iBokgoni Technical Secondary, e-Attergidgeville entshonalanga nePitoli. Kwakuwumcimbi omkhulu, uhanjelwe uNgqongqoshe Wezemfundo ngaleso sikhathi uNaledi Pandor noNkk u-Angie Motsekga owayephethe imfundo eGauteng. Maphakathi nohlelo, uMphephethwa umemezele kungalindelwe ukuthi yonke imali ebesizomkhokhela yona ukuphatha uhlelo uzoyipha lesi sikole. Othisha nabafundi abakholwanga, kanti bekuyizinkulungwane zamarandi eziningana lezi uMphephethe abenikela ngazo kulesi sikole.
Ngenxa yokuzwela izidingo zabantu, uMphephethe uze wangenela umjaho wabagijimi webanga lama-42km ezama ukuqoqa izimali zenhlangano iTeddy Bear Clinic esiza izingane ezihlukunyeziwe.
Uthando lwakhe belingagcini kuphela emphakathini. UGwala ubewuthanda umndeni wakhe, nabantu baseMpendle. Cishe sonke isikhathi ubuthola ukuthi kwakhe uhlala nomunye wabafowabo, ebasiza ukubathuthukisa empilweni. Ubewathanda kakhulu namadodakazi akhe kanye nonkosikazi uMaKhumalo. Ngiwafi sela ukuba akhule abe nentuthuko empilweni, alendele ezinyathelweni zikababa.
Okube buhlungu kunako konke ukubona le nsizwa isezinhlungwini ezinzima ngeSonto ngaphambi koLwesihlanu ahambe ngalo. Siyihambele, siyifi ce ivakashelwe uMama uGraca Machel naye obezoyifi sela impilo. Yingakho ngithi le ndoda izakhele udumo kuyo yonke iNingizimu Afrika kweqele ngale.
Siyabonga Mphephethe ngomoya wakho omuhle, uhleko nentokozo engapheli. Siyabonga ngokusifundisa ukungalahli imiphakathi esiphuma kuyo. Ukhombisile ukuthi ungakwazi ukunqoba emsebenzini owukhethile, kodwa ungakhohlwa izimpande zakho.
IVirigo uMaria libe nawe, uNkosikazi, izingane nomndeni wakho. Ilokho esakufundiswa esikoleni eXobho lapho sahlangana khona