Now Reading
IBosasa yayigwaza ngezigidi ngenyanga
Dark Light

IBosasa yayigwaza ngezigidi ngenyanga

ABEBEHAMBELE isigcawu seKhomishini yokugwamandwa kombuso izolo baphume bengawuvali umlomo emuva kokuvezwa kwezithombe zevidiyo ezikhombisa izindodla zemali yomgwazo zisuswa emahhovisi ayikomkhulu leBosasa eGoli.

Kule vidiyo eyaqoshwa ngowezi-2017, yathunyelwa owayeyisikhulu esiphezulu sakwaBosasa umnu u-Angelo Agrizzi njengengxenye yobufakazi baso kuKhomishini kuvela owayeyisikhulu sale nkampani kwezezimali uMnu u-Andries van Tonder ethatha amabhokisi anensavunsavu yemali enye eyilayisha kuwo.

Wonke le mabhokisi athathwa kuNobhala bese edluliselwa komunye owayeyisikhulu esiphezulu uMnu uGavin Watson. Iyaqhubeka iveza uWatson nala mabhokisi eduze kwakhe kukhona esinye isikhulu sale nkampani uMnu uJoe Gumede.

Okhulumela iBosasa uMnu uPapa Leshabane naye uyavela kule vidiyo ekhuluma kuselula yakhe, kanti ngaleso sikhathi uWatson ubonakala eqala ukubala le nyavunyavu yemali.

U-Agrizzi utshele iKhomishini ukuthi kule vidiyo uGumede ukhuluma noWatson ngesilungu kanti uLeshabane njengoba esocingweni wayekhulu ulimi lwesintu angazi noma kwabe kuyisiXhosa noma isiTswana.

Ngesikhathi eqala ukuthula ubufakazi ngoLwesithathu u-Agrizzi uyikhulumile eyale vidiyo futhi waliphatha negama likaGumede.

Uthe iBosasa yagixabezwa ngenkontileka yi-Airports Company South Africa (ACSA) yokubhekelela izindawo zokugcina impahla enkulu esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International eGoli.

Uthe wayejwayele ukuphelezela uGumede owayenguMqondisi uma kunemihlangano yamabhizinisi.

Uthe babegwaza ngezigidi njalo ngenyanga imali iya kubantu abathile ababesuka bedinga ukubhekelelwa.

Eqhuba ebufakazini bakhe uthe ngesikhathi benemihlangano yamabhizinisi babehlangana nezinye izikhulu zakwa-ACSA nokuthi uGumede wayebanika izikhwama ezimpunga ezaziqukethe imali.

See Also

“Izikhwama ezimpunga zazinikwa izikhulu nabanye abantu kwa-ACSA. Lezi zikhwama kwabe kungeziqashiwe, ungeke ukwazi ukuzivula bese uyazivala ngoba kwakubonakala. Kwakufakwa lonke uhlobo lwemali bese izikhwama zidluliselwe kubantu,” kusho u-Agazzi kuKhomishini kaZondo.

Ebuzwa ukuthi kwakwenzeka yini ukuthi ingabonakali, u-Agrizzi uphendule ngokuthi ngendlela eyayitakwe ngayo kwakucaca kuhle kwekati elimhlophe ehlungwini ukuthi kwabe kuyimali uqobo.

Uthi ngokuhamba kwesikhathi waqala wahlela ukuthi kube khona indlela okuzokhokhwa

ngayo nalapho abona khona ukuthi izikhulu zakwa-ACSA zabe zinentshontsho.

“Nami ngangisithola lesi sikhwama zinyanga zonke futhi ngangazi ukuthi kwakukhonani kuzo,” kuchaza u-Agrizzi. Ubuye wabalula nokuthi uNks uDudu Myeni kwakungomunye wabantu ayevamile ukubabona.

Scroll To Top