Umthelela weKhomishini kaZondo okhethweni



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
KUYONA imfihlo ukuthi iqembu elibusayo lingaphansi kwengcindezi kulolu khetho. Le ngcindezi imayelana nesibalo kanjalo nendawo elizoyithola okhethweni. Ukwethulwa komkhankaso wale nhlangano ngesonto eledlule nomfutho eliwufakile ekukhomozeni umphakathi kuveza izinhloso zokunqoba ukhetho ngesibalo esiphezulu nesizoyinika amandla okwenza izinqumo. Ngokocwaningo olukhishwe ngabakwa IPSOS okwamanje ama-61% abavoti ababhalisele ukhetho azovotela i-ANC kuzwelonke. Lesi sibalo asiliniki amandla aphelele leli qembu nokwenza ibe nkulu ingcindezi. Khona lapho abahlaziyi namanye amaqembu aphikisayo sebeqalile ukubheka ugcobho ezethembisweni ezethulwe ngoMgqibelo owedlule. Konke lokhu kwejwayelekile ikakhulukazi uma kufika esikhathini sokhetho nokungenzeka ukuthi leli qembu lokho likulindele. Nokho kukhona isibhakela esingalindelekile nesiqhamuka endaweni ebingalindelekile. Leyo ndawo yiKhomishani eholwa nguMehluleli uZondo nephenya ngezinsolo zokugwamandwa kombuso.
Kulindelele ngokuhlawumbisela kukaMehluleli ukuthi iqede umsebenzi wayo eminyakeni emibili. Yize le Khomishini yethulwe nguHulumeni oholwa nguKhongolose umlando wodaba uveza ukuthi ize ibe khona nje kungenxa yombiko ongemuhle nowabe uphenya umholi kaKhongolose owayenguMengameli weqembu nowezwe, uMnu uZuma. Embikweni wakhe lowo owayenguMvikeli woMphakathi u-Advocate uThuli Madonsela weluleka ngokuthi akube neKhomishini ezobheka lokho akubiza ngokugwamandwa kombuso. Washo nokuthi kungakuhle leyo Khomishini iholwe nguMehluleli. Yize kwake kwaba ngumzukuzuku uHulumeni ungakwenzi lokhu ekugcineni wagcina ugobe uphondo. Inkinga ngale Khomishini emaqenjini athile epolitiki nabaholi bawo wukuthi izimekemeke zingase zivele ngesikhathi esibi lapho amaqembu abo kanye nabo uqobo besezinhlelweni zokhetho. Eqenjini elibusayo lokhu kungadala inkinga ngoba kulokhu inxenxe ukuba abantu bayivotele ngoba ‘isizelwe kabusha’, ngaphandle kokuzilungisa yona ngaphakathi kepha izoqinisa ekuqapheni nasekuqedeni inkohlakalo kuleli. UMengameli wezwe nobuye abe ngumholi we- ANC uMnu uRamaphosa ungene ngethikithi lokuthi yena wehlukile kunabanye, akayithandi futhi akayibekezeleli inkohlakalo.
Iziwombe zehlazo Sekuphele unyaka engene esikhundleni sakhe uRamaphosa. Selokhu athatha izintambo nsukuzaphuma kuvela amachilo ngozakwabo, iqembu lakhe kanye nohulumeni awuholayo. Awokugcina nje akhonjwa egcekeni kuye njengoba kuvela ukuthi indodana yakhe yacosha umehlokaboni enkampanini esolwa ngomsanka iBosasa ingaphiki ukuthi yake yathi phohlo emkhankasweni wokhetho nokwaqokwa kulo uRamaphosa. Ngesikhathi zivela lezi zindaba wenza iphutha uRamaphosa lokuthi le mali ayikhombe kwenye indawo nokuthe ngokuhamba kwesikhathi kwavela ukuthi empeleni yaya emkhakasweni wakhe. Kuthangi nje lokhu lowo owayebhekele ukusebenza (Chief Operations Officer) kwaBosasa uMnu u-Angelo Agrizzi ukhiphe ingonyuluka kuKhomishini.
U-Agrizzi ubale izinkampani iGoldFields, iSasol, i-Airports Company of South Africa, iPost Office, noMnyango Wokuhlumelelisa Izimilo njengalezo ezathola intshontsho. Uthi uWatson wasebenzisa imali ephakathi kwezigidi ezine kuya kweziyisithupha zamarandi ngenyanga. Le mali yayiba kocwazi abampunga abayizikhwama. Kulindeleke ukuthi uMnu u-Angelo Agrizzi aveze amagama abantu abaphezulu ngokwezikhundla kuHulumeni naseqenjini likaRamaphosa. Konke lokhu kuzonika izimbangi ze-ANC isikhali esimqoka ekugadleni kuyo njengoba okukhulunywa kuKhomishini kaZondo kuzophindwaphindwa kaningi kwabezindaba kuze kugxile nasemiqondweni yabavoti.
Omunye osesimweni esifana nesikaKhongolose nguMnu uMzwanele Manyi naye okulindeleke ukuthi kuqhubeke ukuphathwa kwegama lakhe nokungahle kusondeze amehlo eqenjini asethe uyingxenye yalo. UManyi uke washudulisana nofakazi kanye nabameli beKhomishini. Akukho ukungabaza ekuthini kulezi zinyanga ezimbili ezizayo le Khomishini izobhekwa ngabovu yiwo wonke amaqembu njengoba kuyo kungahle kuvele amahlazo ngezinhlangano, ngezinhlaka zikahulumeni nangabathile. Wonke amaqembu azobe ebheka ukuthi yini angayisebenzisa ukugaxelisa labo abancintisana nawo. Umhlabathi uvundile njengoba izakhamuzi zakuleli sezikhathele yinkohlakalo ethatha emgodleni wesizwe. Ngenxa yalokhu iKhomishini kaZondo izobe iyingxenye yemikhankaso, kuye ngokuthi amaqembu namalungu lawa avela kanjani.