Now Reading
Umqashi unesibopho sokuvikela abasebenzi kubathengi
Dark Light

Umqashi unesibopho sokuvikela abasebenzi kubathengi

UKUCWASA ngokwebala emsebenzini yinto evamile kodwa eyenzeka buthule ngenxa yokuthi abantu sebaba namalungelo futhi leli kuba yicala elibovu elingagcini nje ngaphakathi emsebenzini kodwa eliwukuphambana noMthethosisekelo wezwe.

Ecaleni leShoprite Checkers (Pty) Ltd v Samka and Others kulo nyaka umsebenzi wadlulisela icala kuCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA) ngokulandela isigaba 60 somthetho i-Employment Equity Act 55 of 1998 ethi uxoshwe ngendlela engenabulungiswa ngenxa yebala lakhe.

Ukukhalaza kwakhe wayekususela ekutheni ikhasimende lasho amagama anokucwasa kuyena kanti nomqashi akazange amvikele kulokho. Ngaphezu kwalokho waveza ukuthi kujwayelekile ukuthi umqashi wabo abe nokubacwasa abantu abamnyama abangocashier. Waveza nokuthi wayesesatshiswa ehlukunyezwa ngabanye abasebenzi ngoba eveze udaba lokuthi ocashier abamnyama bayahlukunyezwa.

UKhomishana wakwaCCMA wathola ukuthi umsebenzi wayehlukunyezwa ngabanye ozakwabo kodwa babungekho ubufakazi bokuthi izizathu zokuhlukunyezwa kwakhe zazihlangene nokucwasa ngokwebala. UKhomishana waphinde wathola ukuthi umqashi wenza uphenyo ngezikhalo zalo msebenzi, nalapho kwangatholakala ubufakazi bokuthi kukhona ukuhlobana kokucwasa ngokwebala.

Umqashi kwathiwa akabenzanga ubulungiswa wanxuswa ukuba anxephezele umsebenzi ngezi-R75 000. Umqashi kuthiwa kwakumele aqinisekise ukuthi into enjengalena ayiphindi yenzeke njengokuthi leli khasimende lingaphinde livunyelwe ukuba libeke umcondo walo esitolo. Umqashi wasiphonsela inselelo isinqumo sikaKhomishana.

Umsebenzi naye kukhona lapho aphikisana khona noKhomishana ethi kwakumele akuthole ukuthi kukhona lapho ahlukunyezwa khona ngokusatshiswa ngabanye abasebenzi. INkantolo Yezabasebenzi yakuvuma ukuthi amagama anokucwasa phakathi awalungile futhi futhi ayinhlamba enkulu.

Inkantolo kwase kumele icubungule ukuthi umqashi angalithwala yini icala lokuziphatha ngale ndlela kwekhasimende njengokulandela umthetho i-Employment Equity Act.

UMehluleli uSteenkamp J uthi ngokulandela umthetho umqashi kumele abavikele abasebenzi bakhe. UMehluleli uSteenkamp wathola ukuthi kungumsebenzi womqashi ukuvikela bonke abasebenzi ngendlela elinganayo, futhi abasebenzi banalo ilungelo lokubika umqashi uma bebona ukuthi ukhetha iphela emasini.

Okunye akuveza ukuthi noma kumele abavikele abasebenzi bakhe, kodwa umqashi akakwazi ukuthwala amacala amakhasimende akhe noma ngabe lokho okusuke kwenziwe noma kushiwo ikhasimende kuphambene kanjani nomthetho.

Weluleka umsebenzi ukuba athole ukwelulekwa ngezinye izindlela zomthetho ukuze akwazi ukuvala lesi sahluko empilweni yakhe. Okunye amluleka ngokuthi angakwenza ukuthi afake icala afune amademeshe noma afune isinxephezelo ngokungaphathwa ngendlela nokucwaswa ngaphansi komthetho iPromotion of Equality and Prevention of Unfair Discrimination Act 4 of 2000.

Ecaleni likaMassstores (Pty) Limited trading as Makro v Popela and Others uKhomishana wakwaCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA) wathola ukuthi ukuxoshwa komsebenzi kwakungekho emthethweni wanxusa ukuthi kumele abuyiselwe emsebenzini.

UMassstores wathatha isinqumo sokulubuyekeza lolu daba emi kwelokuthi isinqumo somxazululi asigculisi futhi omunye umxazululi angakhipha isinqumo esihlukile.

Umsebenzi wayeqashwe njengoMabhalane aphinde amukele amakhasimende kule nkampani uma elethe impahla elimele esuke ikade ithengwe kule nkampani. Okunye okwakungumsebenzi wakhe kwabe kungukulungisa leyo mpahla yamakhasimende. Umsebenzi kwakudingeka ukuthi athole ukuthi izindleko zokulungiswa kwempahla zazingakanani bese exhumana nekhasimende elingumnikazi waleyo mpahla.

See Also

Uma ikhasimende liyamukela imali enqunyiwe yokulungisa impahla umsebenzi kwakumele ayikhiphe ethilini esebenzisa ikhadi likasupervisor wakhe okuwuhlelo olubizwa nge ‘encashing’.

Umsebenzi kwakudingeka athole imvume koyimeneja yakhe bese egcwalisa amafomu athile ngaphambi kokuba akhiphe imali.

Uma impahla ibuyiselwe emuva umsebenzi kwakumele athathe imali ayibuyisele ebhange ku-akhawunti yenkampani bese efaka yonke imininingwane yayo ebhukwini lasebhange. Umsebenzi wayenikwe yonke imiqingo emayelana nokuthi lokhu kwakumele akwenze kanjani futhi wayecaciseliwe nangomsebenzi wakhe. Ngowe-2014 kwaba nophenyo engxenyeni ayesebenzela kuyo lapho kwatholwa izinto eziningi ezazingahambi ngendlela.

Kukhona lapho kwakuphindwaphindwa khona izinto, enye imali ingafakwa ebhange. Inkampani yalahlekelwa imali eyizi-R30 000. Inkampani yaqala uphenyo umsebenzi wabekwa amacala obudedengu, ukungenzi kahle umsebenzi nokungalandeli imiyalelo yenkampani.

Umsebenzi walahlwa ngawo wonke amacala isigwebo anikwa sona kwaba ngesokuxoshwa. Udaba lokuxoshwa kwakhe waludlulisela kwaCCMA ngoba ethi akwenziwanga ubulungiswa.

UMonique Jefferson ungummeli enkampanini i DLA Piper eGoli. Uneziqu zeBA (Wits) LLB (Rhodes)

Scroll To Top