Now Reading
Ukugwamandwa kombuso ne-ANC: Kuthinteka imindeni yezinjinga
Dark Light

Ukugwamandwa kombuso ne-ANC: Kuthinteka imindeni yezinjinga

KUBAHLAZIYI bepolitiki nepolitiki yezomnotho kanye nabantu nje jikelele, kukhona ukuvumelana ekuthini iNingizimu Afrika isempambanomgwaqo. Okwamanje akekho owaziyo ukuthi iyozala nkomoni. Yize okunye kwalokhu okwenzakalayo kubikwa ngakho kwabezindaba, kubukeka kungadinga umuntu onomqondo obanzi ukuthola ukuthi yini eyenzakalayo ezweni. Ezikhathini ezedlule leli phephandaba like labika kabanzi ngomnyombo walokho namuhla okubizwa ngokugwamandwa kwamandla ombuso. Lokhu kugqame kakhulu ngesikhathi kuvela izinsolo zenkohlakalo ezibhekiswe emndenini wakwaGupta nokuvela ukuthi wangena kuleli njengempethu ingena esilondeni wafi ke wangagcina nje ngokubhubhudla imali yombuso kepha wafaka abaholi bamaqembu namabhizinisi athize obishini. Okwamanje osekuvele ngalo mndeni ngukuba ngongqondongqondo ekwakheni ilabani noma ulwembu lokutapa imali kuHulumeni ngokuthi uqhamuke nezinhlelo zamabhiznisi ezahlukene. Kuthiwa konke lokhu ubukwenza ngempumelelo usebenzisa abaholi bepolitiki nezikhulu eziphezulu kuHulumeni.

Uma ubucabanga ukuthi lo mndeni yiwo wodwa obugila le mikhuba ushaye phansi ngoba ubufakazi obude buqhamuka buveza umbimbi. Lokhu kuvele kakhulu njengoba kunenkulumo mpikiswano phakathi kukaNgqongqoshe uGigaba nomndeni wezinjinga wakwa- Oppenheimer. Leli phephandaba ngokwezincwadi elinazo kanye nangobufakazi obulethwe ngabathile kuKhongolose nabanxuse ukuba amagama abo angadalulwa, kuvela ukuthi kukhona izincwadi noma ukuxhumana phakathi kwabathile eqenjini elibusayo neqembu uKhongolose kanye nomndeni wakwa-Oppenheimer namabhizinisi awo emizamweni yokuqinsekisa ukuthi kufakwa ingcindezi kulabo abakuHulumeni ukuba bavume izivumelwano ezithile zomsebenzi.

Encwadini ebhalwe mhla zingama-22 kuZibandlela ngowezi-2015 encwadini eyabe ibhalelwe uMhlonishwa uMalusi Gigaba ngaphansi kwesihloko esithi: Fireblade Corporation VVIP Fixed Base Operations (FBO) – Approval For Rendering of Services at OR Tambo International Airport, umbhali wayo okunguMnu uNicky Oppenheimer uthi: “Ngiyamangala ukuzwa ukuthi sekufi kile kinina ukuthi iDenel SOC Ltd ayiziqedile izingxoxo kanye nokuqhubekayo kule phrojekthi. Ngokwazi kwethu zonke lezi zindaba zaphothulwa ezinyangeni ezedlule. Nokho sizothintana noDenel ukuze sicaciseleke.” kusho ingxenye yencwadi. Iqhubeka ithi: “Ngiyethemba uwutholile umqhafazo engiwuthumele izolo ngokwelulekwa uJessie Duarte. Ngiyakholwa sicabanga ngokufana ekuzwelaneni namaqembu amaningi abeyingxenye kulokhu nokuthi sidinga ukuhlala phansi sibhekane ezinhlamvini zamehlo ukuze sizoxazulula lolu daba.”

Inkulumo enjena icishe ifane naleyo okuthiwa abakwaGupta babeyisho nxa sebefuna lowo osemandleni enze okuthile, babe sebenzisa igama lomholi noma abaholi be-ANC ukuze izinto zenzeke. Le ncwadi kaMnu u-Oppenheimer ilandela leyo eyabe ivele ehhovisi likaMnu uGwede Mantashe ngaleso sikhathi owaye nguNobhala Jikelele we-ANC. Le ncwadi eyabe ibhalwe ngomhla zi-5 kuLwezi ngowezi-2015 yasayinwa nguMnu u-Ignatius Jacobs owabe eyiGeneral Manager yabe iqinisa uMnu u-Oppenheimer idolo ukuthi konke kuzolunga. Ngaphansi kwesihloko esithi : Fireblade Aviation Operational Capacity Approval Process (FBO) Fixed Based Operator , uMnu uJacobs uthi: “Ngokuxhumana nangezingxoxo ezedlule le ncwadi ibhekiswe kokuthile. Emveni kokubhekisisa singasho ngeqholo ukuthi isethulo seFireblade Aviation sesitifi keti sesikhathi esinqunyiwe seBased Operator sibe nezidingo zonke ezisemthethweni futhi singakuqinisekisa ukuthi inqubo iqinisekiswe izikhulu ezifanele. Futhi, singakuqinisekisa ukuthi ukuvunywa kanye nesitifi keti esifanele kuzokhishwa ngabafanelekile siye ngqo kuFireblade Facility.”

See Also

Kule ncwadi akucaci ukuthi ihhovisi likaMantashe, uMnu uJacobs noma uKhongolose wabe uwathathaphi amandla okunquma nokuqinisa idolo inkampani ekutheni nembala uHulumeni uzowunika isitifi keti esiyimvume yokusebenza. Okuvelayo wukuthi njengomndeni wakwaGupta abakwa-Oppenheimer nabo bebesengasho nokuthi yomibili le mindeni isondele neqembu elibusayo.

Ngesonto eledlule uGigaba ubengaphansi kwengcindezi njengoba izinhlaka ezimbili ezimqoka okuwuMvikeli WoMphakathi kanye neNkantolo YoMthethosisekelo bemlahlile embangweni wakhe nabakwa- Oppenheimer abathi uNhlangothi ungumkhohlisi ngokuphika ukuthi wabanika imvume yokusebenza esikhumulweni sezindiza. Konke lokhu kunikeza uMehluleli uZondo izizathu ezanele neziqinile zokuphenya kabanzi ngokugwamandwa kwamandla ombuso.

Scroll To Top